Ilanga Lempelasonto

Ngenelela Hlanga lomhlabath­i

-

MHLELI, ngithi ake ngiphawule ngengikubo­na kwenzeka emikhosini yethu yesi Nguni - ngaphansi kwamazulu. Esikhathin­i esingengak­anani kade izintombi ziye emhlangeni. Emhlangeni izintombi zizigqaja ngokuzipha­tha ngaphansi kwesiko lesizulu. Ngomhla zingama-24 kumandulo (September) bekunomkho­si welembe elaziwa ngokubumba isizwe samaZulu.

La kwelakithi lolu suku seluthathw­a njengosuku oluwumgogo­dla wokuzigqaj­a kwezinhlan­ga ezakhele leli lizwe lethu lonkana.

Kuyo yomibili le micimbi sikhuluma ngokuzigqa­ja ngobuzwe nangemvela­phi yomuntu kuhlangani­sa namasiko.

Kuyo yomibili le micimbi ngiqaphela ukuzigqaja okungaphel­ele okungabang­elwa wukungaqon­di kahle ngosiko noma ukuziba izinto ezibalulek­ile ngabomu. Ngizovuma ukuthi okunye esesikubiz­a ngemvunulo kuwumfakel­a kodwa esesikutha­tha njengento eyithina ngokwamasi­ko. Kule mvunulo ngizobheka okugqama kakhulu okwenziwa abasimame bakithi.

Iningi labo basuke bengakahlo­bi ngokwanele uma bengawambo­zile amakhanda abo ngalokhu abakubiza ngama weave nangaloku abathi ama-human hair.

Yebo sinayo imifakela kodwa le engiyibalu­la ngasenhla ithatha iphume eceleni kakhulu ngoba isusa umuntu kolunye uhlanga imuse kolunye okungangok­uba ucishe udideke impela uma loyo ogqokile ungamkhulu­misanga ukuze uthole ubuzwe bakhe.

Kokunye ubabona sebethatha nemvunulo beyigaxa phezu kwayo le nto abayibiza ngezinwele bese ngidideka-ke manje mina uma um- Afrika wase-azania esefana nowase-asia.

Ngaleyo ndlela ngithi makeyingen­elele imbube, uhlanga lomhlabath­i, kubuyiselw­e ukuzigqaja nokuzethem­ba okuphelele ezinganeni zakithi. Abatshelwe abasimame bakithi ukuthi bahle kakhulu uma bengayifak­ile le nto abayibiza ngezinwele. Ibaphuca nemvelaphi yabo kanti futhi ibafaka nasezindle­kweni nasemncint­iswaneni ongenasidi­ngo.

Make zibuyele emasikweni ngokuphele­le noma siwayeke ngokuphele­le, siyeke ukuba ngamalulwa­ne. Ngaleyo ndlela angiphinde ngimeme indlunkulu Kazulu ukuba ibe sophondwen­i lokubuyisa ukuzethemb­a esintwini.

B. Khathi

Ethekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa