Ungumlandeli wokuqina wegcokama
UZOGUBHA usuku lokuzalwa ngokuthenga ipolo TSI umxolisi Kunene odlala esiswini kwimaritzburg United esayibambe kahle selokhu kuqale isizini entsha yeAbsa Premiership.
Lo mdlali uzalwe mhla zingama-29 kumfumfu (October) ngowe1991, kodwa uthi ngeke alulinde lolu suku njengoba ezokuya kolanda le moto kuleli sonto elisombuluka kusasa.
Ukunene ulanyelwe ngamazulu FC edlalela iflam yasenewcastle emidlalweni yezitolo zakwaspar. Ujoyine idurban Warriors okuyikilabhu yosuthu ebidlala kwiSouth African Football Association (Safa) Kwazulu-natal ABC Motsepe League asuke kuyona wajoyina idurban FC edlala esigabeni esifanayo.
Uhlale isizini eyodwa wafudukela kwimoroka Swallows isagijima kwinational First Division (NFD), kanti usuke kuyona wayodlala kwibaroka FC kwiAbsa Premier-ship ngesizini edlule.
Lo mdlali udabuka enyanyadu enewcastle enyakatho yekwazulu-natal, kanti ufunde emoy Primary wase ephothula ugrade 12 emalambule High kuyona le ndawo. Ingxoxo YELANGA
Langesonto nokunene ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
ILANGA Langesonto: Uyakholelwa ekusebenziseni umuthi wesintu?
Kunene: Kangikholelwa emuthini ngoba ngiyathandaza. Ngikhonza est Johns Apostolic Faith Mission okuyibandla elidume kakhulu ngelasechibini. Ngike ngaba semakilabhini okusetshenziswa kuwona umuthi, kanti nami bengiwusebenzisa ngoba ngingumuntu oqashiwe. Uma kuthiwa masigcobe noma sigeze ngokuthile bengikwenza nje kahle ngoba ngihlonipha abaqashi hhayi ngoba ngikholelwa kuwona. Lapha kwi-team of Choice sikholelwa emtha-ndazweni.
ILANGA Langesonto: Ungazichaza njengomuntu onjani kongakujwayele?
Kunene: Ngiwumuntu ozithobile ohlale efuna ukubona abantu bejabule.
ILANGA Langesonto: Ukhule ungumfana onjani
enyanyadu?
Kunene: Ngikhuliswe kahle kakhulu. Mina bengilusa futhi besiqhathwa uma selusile. Bengikuthanda kakhulu ukuzingela. Namanje izinja zisekhona ekhaya. Nokho-ke ekhaya sekuhlala ugogo umasibisi Mbatha njengoba amalungu omndeni wami esefudukele egoli.
ILANGA Langesonto: Kawusitha fahla ngomndeni wakho.
Kunene: Mina ngibiza isibongo sikababa wami odlule emhlabeni ngisemncane. Nokho-ke ngikhulele kwambatha kubo kamama wami U-H.I. Mbatha. Ngelanywa ngumfowethu usiphesihle.
ILANGA Langesonto: Usunazo
izingane?
Kunene: Ngiseneyodwa okwamanje umelokuhle obehlanganisa iminyaka eyisihlanu ngesonto eledlule. Nginaye umaqondana fu-thi ngihlela ukumthatha ngokugcwele. Naye udabuka enewcastle kodwa-ke ngizoligodla igama lakhe.
ILANGA Langesonto: Uhlala kuphi nomgungundlovu?
Kunene: Ngihlala kwelinye ifulethi escottsville. Ngike ngahlala amasonto amabili epelham ngesikhathi ngisanda kufika ethawini ngase ngithola indawo yami. Sengimdala ukuthi ngingahlala ezindlini zekilabhu. Ngifisa ukuthenga umuzi nje lapha ethawini nasegoli.
ILANGA Langesonto: Iyiphi indawo oyikhonzile emgungundlo
vu?
Kunene: Ngiyithanda kabi le engihlala kuyona nemidlands Mall. Isikhathi esiningi ngisichitha nabalingani bami basekilabhini nabadlala kwiroyal Eagles. Uma kungenjalo ngizihlalela endlini ngoba kangilona uvanzi.
ILANGA Langesonto: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya?
Kunene: Ngikhule ngithanda ikaizer Chiefs nebarcelona yaseSpain. Ngeke ngilikhohlwe igoli elihle engilishaye kuyona ichiefs ngesizini edlule ngisekwibaroka. Ngisuke ebhentshini ngangena ensimini ngasuka maphakathi nenkundla ngayovalela ibhola enethini. Leli goli lokulinganisa lenze umdlalo waphela ngo-2-2.
ILANGA Langesonto: Uyakuhalela ukugijima kwichiefs ngelinye ilanga?
Kunene: Kanginankinga nayo uma ingifuna ingaxoxa neteam Of Choice. Nokho-ke ngingadlalela noma iyiphi ikilabhu enkulu kuleli ngoba siphila ngalo ibhola.
ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlobo lomculo olukushaya ngaphakathi?
Kunene: Ngikhonze owakithi umasikandi, kanti ngichazwa kakhulu umthandeni Manqele (Igcokama Elisha) kanti ne-house ngiyayilalela.
ILANGA Langesonto: Uhlele ukwenzani uma usubeke amakhokho ethala?
Kunene: Ngifuna ukungena ebhizinisini lokuhweba ngemfuyo. Senginazo nje izinkomo ezimbili ekhaya. Ezinye ngezikagogo wami. Ngifuna nokuba nebhizinisi lama-ambulance. Phela ngifunde ngagogoda emkhakheni wokuba yiparamedic. Ngingasiza nje impela uma kwenzeka kunesidingo enkundleni.
ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlobo lokudlala olukhonzile?
Kunene: Ngithanda ipapa nenyama, kanti ngiwumuntu okukhonzile ukupheka.
ILANGA Langesonto: Yimuphi umdlalo owuchungechunge owukhonzile kumabonakude?
Kunene: Ngibuka isibaya kanti ngichazwa kakhulu ngugatsheni (olingiswa ngubheki Mkhwane). Uyindoda ewamelayo amazwi ayo futhi uphila impilo yasemakhaya engiyithandayo.
ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundleni zokuxhumana?
Kunene: Yebo ngikhona. Kwifacebook ngingumxolisi Mbatha (Kunene) kuthi kwi-instagram ngitholakale kumxolisi Kunene, kanti ngisebenzisa isamsung J prime.
ILANGA Langesonto: Ubani ojwayele ukuhlala naye ekhempini?
Kunene: Selokhu ngifikile lapha ekilabhini ngihlala nosiyanda Xulu. Ngisho sidlala ekuhambeni noma lapha ekhaya
sihlala ndawonye.