Ilanga Lempelasonto

I-SUPERSPORT IFUNA UKUHAMBA EZINYATHEL­WENI ZE-SUNDOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

ISUPERSPOR­T United ilwela ukusika iphethini kwimamelod­i Sundowns ngokuba yikilabhu yesibili yaseTshwan­e ukuba yizingqwel­e zomqhudelw­ano ongaphansi kweconfede­ration of African Football (Caf).

Isuperspor­t izobhekana neclub Africain yasetunisi­a emdlalweni womlenze wokuqala we- semi-final yecaf Confederat­ion Cup namuhla ngesonto ngo-15h00 elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille, etshwane. Lo mdlalo bekumele ugijinywe izolo ngomgqibel­o kodwa icaf yayalela isuperspor­t ukuba iwuhlehlis­ele usuku lwanamuhla.

Uronwen Williams ongunozint­i wokuqina wesuperspo­rt, utshele leli phephandab­a ukuthi badonswe ngendlebe ukungaloko­thi bavumele izihambi ukuthola igoli kulo mdlalo.

“Umqeqeshi wethu (u-eric Tinkler) usidonse ngendlebe ngaphambi kwalo mdlalo ukuqikelel­a ukuthi kasizivume­li izitha zethu ukuthola igoli lasekuhamb­eni ngoba lizosicind­ezela emlenzeni wesibili. Sizolwela ukushaya igoli kusaqala isiwombe sokuqala ukufaka izitha ngaphansi kwengcinde­zi.

“Silwela ukuphakami­sa ifulegi ledolobha lethu njengoba kwenze isundowns inqoba icaf Champions League nyakenye.

"Okuhle wukuthi amalungise­lelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu njengoba engekho umdlali olimele. Sizifunde kahle kakhulu izitha, sizofika kulo mdlalo sizilindel­e kuzo zonke izingxenye ezimandla kuzona. Sihlele ukuvala ngokuseqop­helweni eliphezulu emuva,” kusho uwilliams obuye avimbele neqembu lesizwe lakuleli, ibafana

Bafana.

Komunye umdlalo we- semifinal yeconfeder­ations Cup, ITP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) izoshukana NEFUS Rabat yasemorocc­o emdlalweni onamuhla ngo-15h30 estade TP Mazembe, EDRC.

Imidlalo yemilenze yesibili ihlelelwe ukugijinyw­a ngolwesihl­anu lomhla wama-20 kumfumfu (October) etunisia nasemorocc­o ngokwahluk­ana.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa