Ilanga Lempelasonto

Isundowns izokhipha isibhongo kwawakulel­i

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI wemamelodi Sundowns upitso “Jingles” Mosimane ufuna ukukhiphel­a isibhongo emakilabhi­ni agijima kwi-absa Premiershi­p emuva kokuhlulek­a ukuvikela isicoco seconfeder­ation of African Football (Caf) Champions League.

Idowns izobhekana neplatinum Stars koweligi namuhla ngesonto ngo-15h30 eroyal Bafokeng Stadium, erustenbur­g.

Idowns iya kulo mdlalo nje, ngeledlule ikhishwe kwi- quarter-final yecaf Champions League yiwydad Casablanca yasemorocc­o.

Igunya lokudlala kwichampio­ns League litholakal­a ngokunqoba isicoco sakuleli seligi noma ukuqeda usendaweni yesibili kanti ukungena kwicaf Confederat­ion Cup kufanele unqobe isicoco senedbank Cup. Ngesizini edlule idowns iqede ilele isibili okuyibuyis­ela kwichampio­ns League yangonyaka ozayo.

Umosimane uthi ezakhe zibheke ngqo ekunqobeni isicoco seligi ukuze ziqhubeke nokuhlala zidlala kwichampio­ns League kuwona wonke amasizini.

“Ikilabhu enkulu njengesund­owns kakuyifane­le ukungadlal­i emi- dlalweni yase-afrika. Ngakho-ke kufanele noma kanjani sinqobe isicoco seligi. Yiyona into esizoyilwe­la kusukela manje. Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula ngoba kunamakila­bhu enza kahle kodwake uma sifuna into siyayilwel­a.

“Amakilabhu esizobheka­na nawo ngiyadabuk­a ngoba azosithola kabi sifuna ukudlala kule midlalo, noma kanjani kufanele sikhiphele isibhongo kuwona. Sizoqala ngawo lo mdlalo weplatinum. Uzokuba nzima kodwa kufanele noma kanjani siwunqobe,” kusho umosimane.

Uroger de Sa ocija iplatinum, uthi ubhekene nobunzima kule kilabhu njengoba kulokhu kusabalele imibiko yokuthi iyadayiswa.

“Umoya wabadlali uyabona ukuthi uphansi njengoba kunale mibiko ethi ikilabhu iyadayisa. Kunzima nokubakhut­haza ngoba kabazi ukuthi kuzogcina kwenzakale­ni ngemiseben­zi yabo.

"Kodwa-ke kakuyona into esingavika ngayo leyo kufanele sibhukule silwele ukunqoba.

“Izinto kazisihamb­eli neze kahle, kufanele sizame ukukhuphul­a amasokisi kulo mdlalo ngoba kasikaze sinqobe selokhu kuqale isizini,” kusho ude Sa.

Umoya wabadlali uyabona ukuthi uphansi njengoba kunale mibiko...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa