Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

-

KUBUKEKA kungaba wumqondo ophusile kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) ukuthembel­a kubaqeqesh­i bakuleli emaqenjini esizwe ngoba ukhukho lumuka nomoya sigabe ngabo laba abathenjwa­yo bangaphand­le.

Sekulandwe inqwaba yabaqeqesh­i bangaphand­le ukuzololon­ga ibafana Bafana, kodwa akekho noyedwa osafike kwimpumele­lo kaclive Barker onqobise lesi sikwati i-african Cup of Nations (Afcon) ngowe-1996 wasifaka nakwindebe yomhlaba ngowe-1998 efrance.

Cishe owenze kangconywa­na kube ngujomo Sono ohluleke kowamanqam­u kwi-afcon ngowe1998 eburkina Faso. Omunye owenze into ebambekayo ngutrot Moloto.

Sekulandwe inqwaba yabantu bangaphand­le abahola izindodla zemali kodwa basishiye siyinhleki­sa emazweni omhlaba. Kumanje siphethe irekhodi lokuba yizwe lokuqala elingosokh­aya ukuphuma esigabeni samaqoqo kwindebe yomhlaba ebikuleli ngowezi-2010. Ibafana ibiholwa ngucarlos Parreira wasebrazil obekhuza ibuya ngemuva kokusifunz­a isihlobo sakhe ujoel Santana.

Ngemuva kukaparrei­ra izintambo zibanjwe ngupitso Mosimane ogcine eseshenxis­wa ngenxa yokushisa kwensimbi. Kungene ugordon Igesund owenze umsebenzi oncomeka kakhulu. Uqhelisiwe kwalandwa u-ephraim Mashaba ofake ibafana kwi-afcon. Ngaphansi kukamashab­a ibikhanya indlela ebheke kwindebe yomhlaba ezokuba ngonyaka ozayo erussia. Uxoshelwe isizathu esingahlan­gene nhlobo nomsebenzi wokulolong­a sokuthi akazixhawu­langa izikhulu zesafa. Ngemuva kwakhe isafa iphinde yabuyisa ustuart Baxter wase-england.

Ngaphansi kwakhe kuyacaca ukuthi ibafana ngeke ilubhade erussia.

Cishe lesi yisikhathi esihle sokuthi isafa imthembe udesire Ellis obuye nendebe yecosafa ngeledlule ezimbabwe eqhuba ibanyana Banyana. Ngeke kusisize ukulanda umqeqeshi wangapha-

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa