Ilanga Lempelasonto

KWENYUKA IZIMFUNO ZE-MANCHESTER UTD

-

KUNYUSWA izimfuno zemanchest­er United njengoba ibibeke eqhulwini ubumqoka bokunqoba i-europa League kuneminye imiqhudelw­ano ngesizini edlule.

U-ashley Young ongaconsi kubalandel­i bale kilabhu, uthi sebezinyus­ile izinhloso zabo kule sizini.

“Ngesizini edlule besifuna i-europa League ngoba bese kucaca ukuthi ngeke siqede endaweni ezosifaka kwi-uefa Champions League njengoba sigcine sisendawen­i yesithupha kwi-log ye-english Premiershi­p. Kule sizini kawukho umqhudelwa­no ozokuba mqoka kuneminye.

“Sifuna ukudlalela ukunqoba yonke into ephambi kwethu. Senza kahle kwi-english Premiershi­p futhi sijabule ngokuthi sesinqobe imidlalo ilandelana kwichampio­ns League. Sijabule kakhulu ngesikunqo­be ngesizini edlule. Kungaba mnandi kakhulu uma singafaka emgodleni wethu ipremier League, ileague Cup (abayinqobi­le) nefa Cup noma ichampions League,” kusho uyoung.

Ired Devils ibibhekene necrystal Palace kowepremie­rship izolo ngomgqibel­o ntambama.

Imidlalo ye-english Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a namuhla ngesonto imi kanje:

Arsenal vs Brighton & Hove Albion 13h00 (SS3).

Everton vs Burnley 15h15 (SS3). Newcastle United vs Liverpool 17h30 (SS3).

Eyespanish La Liga ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO

Real Sociedad vs Real Betis 12h00 (SS7).

Barcelona vs Las Palmas 16h15 (SS7).

Valencia vs Athletic Club 18h30 (SS7).

Villarreal vs Eibar 18h30. Real Madrid vs Espanyol 20h45 (SS7).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa