Ilanga Lempelasonto

Ichiefs ihlinzele abalandeli ezibini

Abalandeli bezimpofan­a badinwe bacekela phansi inkundla

- SENZO SOKHELA

IPHOXE abalandeli bayo ikaizer Chiefs ihluleka wukufeza isethembis­o esenze kubona ngesikhath­i iguqiswa yibaroka FC ngo-2-1 emdlalweni we-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o kusihlwa emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Amagoli okuguqe ngawo ichiefs abhakuzisw­e enethini ngulewis Macha ngomzuzu wama-23 nogift Motupa ngowama-60.

Elayo lokubika ekhaya lishaywe ngugeorge Maluleka ngomzuzu wesi-8. Abalandeli bechiefs badinwe bacekela phansi inkundla.

Ngaphambi kwalo mdlalo ichiefs yenze isethembis­o kubalandel­i bayo ithi noma yikanjani izobajabul­isa ngokuqoqa amaphuzu amathathu.

Ize yathembisa nokuthi izodlala ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu. Kukhona konke lokhu ebikuthemb­isile kayizange yenze ngisho okukodwa.

Kunalokho beyibukeka inhlakanhl­aka, nasesiswin­i ingaqinile kahle.

Isikhala sikawillar­d “Salt & Vinegar” Katsande obengekho ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi sihlale obala njengoba ibaroka ibizicanas­ela.

Ngesiwombe sokuqala nje ibaroka yiyona ebibukeka idlala into ehlangene futhi yakha namathuba kodwa izishwebel­e yona.

Ichiefs ize yangconywa­na umdlalo usuyophela isizama ukuhlasela.

Nokho iminyakazo yayo ibiphelela emoyeni njengoba ibaroka ibivale kwasani ingafuni lutho. Abalandeli bechiefs bazwakalis­e ukungenami ngomqeqesh­i usteve “Mphathi” Komphela bethi akazi lutho uzobulala ikilabhu yabo.

Baqale ukumjikije­la ngezidlo nangeziphu­zo umdlalo usasalelwe ngamanenja­na ukuba uphele.

Uphume enkundleni egadwe ngabaqaphi bodweshu kubonakala ukuthi uma nje ungamuphon­sa kubalandel­i bangamudla eluhlaza ngendlela abebedinwe ngayo.

Ibaroka kayikehlul­wa selokhu kuqale isizini kanti iqinise ithimba layo labaqeqesh­i ngokuqasha udoctor “16 V” Khumalo njengosoma­qhinga.

Udoctor ukhulele kwichiefs njengoba ehlale kuyona iminyaka engaphezul­u kwengama-30.

Imiphumela yenational First Division (NFD) imi kanjena: Cape Town All Stars 0, Black Leopards 0; Highlands Park 1, Ubuntu Cape Town 0; University of Pretoria 4, Mbombela United 1; Super Eagles 1, Real Kings United 0; Mthatha Bucks 0, Stellenbos­ch FC 1; Richards Bay FC 2, Royal Eagles 3.

Ibaroka kayikehlul­wa selokhu kuqale isizini kanti iqinise ithimba layo ngo

Doctor Khumalo...

 ??  ?? ISETHENJWA sekaizer Chiefs ugustavo Paez evika ibhola ebelikhahl­elwa ngu-olaleng Shaku webaroka FC emdlalweni ophele ngo-2-1 kudliwa ichiefs izolo ngomgqibel­o kusihlwa emoses Mabhida Stadium.
ISETHENJWA sekaizer Chiefs ugustavo Paez evika ibhola ebelikhahl­elwa ngu-olaleng Shaku webaroka FC emdlalweni ophele ngo-2-1 kudliwa ichiefs izolo ngomgqibel­o kusihlwa emoses Mabhida Stadium.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa