Ilanga Lempelasonto

IVIKELE IREKHODI LOKUNGEHLU­LWA I-ARROWS

-

ILIVIKELE irekhodi lokungehlu­lwa ilamontvil­le Golden Arrows ibambana nechippa United ngo-1-1 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama eprincess Magogo Stadium, Kwamashu.

Igoli le-arrows livalelwe enethini nguKnox Mutizwa ngomzuzu wama-64 licisha elechippa elishaywe ngukatlego Mashego ngowama-58.

I-arrows kayikehlul­wa kwipremier­ship selokhu kuqale isizini entsha. Ichippa bese kuwumdlalo wesihlanu ilandelana inganqobi.

Le kilabhu isanda kuqasha uteboho Moloi njengomqeq­eshi ngemuva kokukhomba indlela udan Malesela. I-arrows igcine ukuhlulwa ikhishwa yibidvest Wits kowemtn8 sekukhahle­lwa amaphenath­i.

Izinto zibukeka zimhambela kahle uclinton Larsen ongumqeqes­hi we-arrows njengoba isaqhubeka nokuba sembangwen­i wokuqhwake­la kwilog yepremiers­hip. Ukwenza kahle kwale kilabhu kuyisondez­a ethubeni lokuhlaban­a ngomklomel­o weq1 okuzokube kuqala ukuthi utholwe yikilabhu yakwazulu-natal uma kwenzeka ihlabana ngawo.

Ichippa ibidlala kahle ngesiwombe sokuqala kodwa yahluleka yancama ukubhodloz­a udonga lwe-arrows okwenze kwayiwa ekhefini kungu-0-0.

Icape Town City ihlule omkhaya i-ajax Cape Town ngo-2-0 kowepremie­rship izolo ecape Town Stadium. Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu kwazise la makilabhu ahlale eklolodela­na ngokuthi ayizinkunz­i zasecape Town. Icity inqobe ngamagoli avalelwe enethini nguvictor Obinna Nsofor nojudas Moseamedi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa