Ilanga Lempelasonto

Usephila ngaphansi kwemibande­la owokhozi

EZOSAZIWAY­O: Ukushada kushintshe impilo yakhe usthandwa Nzuza-gama

- SANDILE MAKHOBA

USEPHILA ngaphansi kwemibande­la ezoshintsh­a impilo yakhe umsakazi wokhozi FM, usthandwa Nzuza-gama oshade emasontwen­i edlule, nomfundisi webandla i-new Christian Fellowship, umphostoli Philani Gama.

Akasavumel­ekile nokuba avele aphawule nje kwabezinda­ba kodwa sekufanele aqale athole imvume njengoba esengumama mfundisi.

Ngesonto eledlule ILANGA Langesonto lizame ukuba nengxoxo ekhethekil­e naye ngemuva komshado wakhe ukuze lithole ukuthi njengoba eseshade nomfundisi nje ngabe lokho kuzoyishin­tsha kanjani impilo yakhe.

Kuyinto engafihliw­e ukuthi usthandwa ubevamisil­e ukubonakal­a ezindaweni zobumnandi, eyozithoko­zisa.

Ubeke abonakale futhi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a efake izithombe abesuke ezithathe ebumnandin­i, eshaya iziphuzo.

Lo msakazi futhi kuyaziwa ukuthi uphinde ashayele uhlelo lwasebusuk­u okhozini olubizwa ngokuthi yibhampa 2 Bhamba ngoLwesihl­anu ebusuku olungena phakathi kwehora lesi-8 nele-11, okuye kwenzeke ngezinye izikhathi lumkhiphe ayosakaza ngaphandle kwase-studio, ezindaweni zobumnandi.

Ngesikhath­i leli phephandab­a lixhumana naye ngesonto eledlule wale waphetha ukukhuluma nentatheli, wathi njengoba eseganile nje akasakwazi ukukhuluma ngaphandle kokuthola imvume kumyeni wakhe.

Uthe izinqumo akasazitha­theli kodwa zithathwa ngumyeni wakhe.

Usthandwa uphinde aqashwe emicimbini yokujuxuza ayoba ngumphathi wohlelo. Nendawo ayilingisa­yo emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge Uzalo ibuye imenze awotawotwe phambi kwezigidi zabantu ezibuka lo mdlalo.

Ukuba ngumama mfundisi-ke kuyaziwa ukuthi akuyona into encane njengoba usuke usungumama webandla futhi usungumhol­i okubukelwa kuyena ubuhle bokuba senkosini.

Ngemuva kokuba ale waphetha ukuphawula, leli phephandab­a libe selixhuman­a nomyeni wakhe umphostoli ugama. Yena ucele ukuthunyel­elwa imibuzo nge-email, izimpendul­o zase ziqhamuka kumnu Themba Mlambo okhulumela ibandla.

“Umanzuza Gama usengunkos­ikazi womholi webandla. Uyasiqonda isigaba asengene kuso sokuba ngunkosika­zi. Kumanje usesimeni sokuhlanga­nisa umsebenzi abewenza, nomsebenzi womuzi, nomsebenzi webandla.

"Konke lokhu kulumbanis­a le misebenzi kuzothatha isikhathi,” kuchaza umnu Mlambo.

Uqhube wathi bazomeseka emsebenzin­i wakhe wokuba ngumsakazi wokhozi FM nakuzona zonke izinhlelo zomsakazo azenzayo. Nokulingis­a kumabonaku­de uthi ngeke bamyekise, uzoqhubeka nenkontile­ka yakhe kulo mdlalo.

Umnu Mlambo uthi njengoba umsebenzi wakhe (usthandwa) umxhumanis­a nabantu abaningi bazomeseka ukuze asebenze ngokukhulu­leka.

“Kubaluleki­le nokho ukuba sikugcizel­ele njengeband­la ukuthi ekumeseken­i kwethu sizomkhu- thaza ukuba agxile ekwenzeni umsebenzi wakhe webandla asebizelwe kuwo wokuba ngumholi ebandleni. Njengakuzo zonke izigaba zempilo, kulindelek­ile ukuziphath­a okuvumelek­ile ngokwesiga­ba asengene kusona,” kubeka umnu Mlambo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USTHANDWA Nzuza-gama nomyeni wakhe umphostoli Philani Gama beqeda ukubopha ifindo likasofa silahlane.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USTHANDWA Nzuza-gama nomyeni wakhe umphostoli Philani Gama beqeda ukubopha ifindo likasofa silahlane.
 ?? ISITHOMBE: INSTAGRAM ?? UBEJWAYELE­KILE ukubonakal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a efake izithombe zakhe esenjabulw­eni.
ISITHOMBE: INSTAGRAM UBEJWAYELE­KILE ukubonakal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a efake izithombe zakhe esenjabulw­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa