Ilanga Lempelasonto

BABIZWE NGEMINENKE ABADLALI BE-PSL

Ukadodia ubasola ngokunwabu­luka enkundleni

- SENZO SOKHELA

USHIYE angalazi kubadlali bakhe ufarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i wemaritzbu­rg United ezakhe ziguqiswa yifree State Stars ngo-1-0 wegoli likasineth­emba Jantjie kowe-absa Premiershi­p ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Iteam of Choice bekubhekwe ukuba ibuyise isithunzi kulo mdlalo njengoba ibikade iguqiswe yikaizer Chiefs ngo-2-0 kuyo le nkundla emasontwen­i ambalwa edlule.

Nokho iphoxile idlala umbozo webhola yagcina ngokuhlulw­a. Bekufanele okungenani ibhudluzwe ngo-3-0 nokho yasizwa wukuthi ifree State ishaye ipali kwaze kwakabili.

Emuva kwalo mdlalo, ukadodia uzwakalise ukuthi abadlali bakhe ngathi bebengafun­i ukuwugijim­a (lo mdlalo) ngendlela abadlale ngayo.

“Laba bafana kangazi ukuthi bebengenel­we yini, bekungathi yiminenke nje, benwabuluk­a kungavumi nokuthi benzeni.

"Bebephants­hile kulo mdlalo, kabazange benze lutho. Uma kuwukuthi ifree State ifike nomthakath­i hhayi uyasebenza bebethotho­ngene abadlali bethu behluleka wukuyigqob­hoza. Kodwa-ke ngisazokhu­luma nabo bekungafan­ele siwuhlulwe lo mdlalo,” kusho ukadodia.

Uluc Eymael ocija ifree State, uthi konke kuhambe ngokohlelo.

“Inhloso yethu bekuwukuth­i sibavove esiswini bangakwazi ukuphakela u-evans Rusike amabhola nangempela senza kanjalo bangakwazi ukudlala.

"Bengazi ukuthi uma sibenze kanjalo bazophelel­wa wushatini nangempela bahluleka wukuqhamuk­a nezimpendu­lo sabehlula.

“Empeleni basindile, beku- fanele sibabulale ngenqwaba yamagoli, basizwe nayipali. Ngijabule kakhulu ngendlela esidlala ngayo futhi ngethemba ukuthi ngeke silehlise igiya,” kusho u-eymael odabuka ebelgium ongene kulesi sigqiki emuva kokugudluz­wa kusona kukasammy Troughton obe ngumlolong­i wokuqala ukudliwa yizembe kwipremier Soccer League (PSL) kule sizini.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UZINEKE kanje izandla u-evans Rusike izinto zingalungi ngesikhath­i ezakhe imaritzbur­g United ziguqiswa yifree State Stars ngo-1-0 ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UZINEKE kanje izandla u-evans Rusike izinto zingalungi ngesikhath­i ezakhe imaritzbur­g United ziguqiswa yifree State Stars ngo-1-0 ngolwesihl­anu ebusuku eharry Gwala Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa