Ilanga Lempelasonto

ISONGWE KAHLE EYEZOKUVAK­ASHA

- LUCKY CAIN

INYANGA yezokuvaka­sha KwaZulu-natal iphothulwe ngokwethul­wa komkhankas­o omusha okuhloswe ngawo ukugqugquz­ela noku- thuthukisa ezokuvakas­ha esifundazw­eni. Lo mkhankaso obizwa ngo- kuthi #dokzn wethulwe emcimbini wekhethelo obusendawe­ni yomtakaban­i eselborne Hotel ngoLwesine ebusuku.

Ngesikhath­i ivulwa inyanga yezokuvaka­sha umandulo (September) kuzwelonke kwethulwe umkhankaso wezokuvaka­sha obizwa ngokuthi #wedotouris­m.

Ngale mikhankaso kugqugquze­lwa umphakathi ukuba uvakashele izindawo zokuvakash­a ezikhona kuleli.

Umnu Bongani Mthiyane oyisikhulu kwezokumak­etha KWATKZN uchaze lo mkhankaso wesifundaz­we njengozosi­za abantu abafuna ukuvakasha KwazuluNat­al.

“Sinama- package azokwenza kube lula kunoma ngubani ofuna ukuza Kwazulu-natal akwazi ukukhokha isamba esihlangen­e esizohambi­sana nenhloso yokuvakash­a kwakhe. Sinalawa (package) athinta ezothando, ezasolwand­le, iziqiwi, ezomlando nokunye ongakuthok­ozela uma uza kulesi sifundazwe,” echaza.

Uqhube wathi izinga lobuchweph­eshe lenza kube lula ukuba abantu bathole ulwazi ngezindawo abangaziva­kashela.

“Yingakho sisungule i- website ezokwazi ukwenza izinto zibe lula futhi zisheshe. Kule website kuningi abathandi bezokuvaka­sha abazosizak­ala ngakho ngaphandle kokuba baze bakhokhe imali eshisiwe,” eqhuba. Wengeze ngokuthi nakuba lo mkhankaso bezowuqini­sa kakhulu ngesikhath­i samaholidi kazibandle­la (December) kodwa uzoqhubeka isikhathi eside. Ube esexwayisa abantu ukuthi wonke umuntu angazimbak­anya nalo mkhakha njengoba uthinta noma ngubani kusukela kulabo abagada izinxushun­xushu kuya nakulabo abasebenza ezitolo ezithengis­a ukudla nabanye. Khona manjalo ITKZN iqoke abasakazi begagasi FM usphectacu­lar nonaives ukuba babe ngamanxusa alesi sifundazwe kwezokuvak­asha. Laba basakazi abawuvali umlomo ngobuhle bezindawo ezikhona zokungcebe­leka kulesi sifundazwe.

 ?? ISITHOMBE NGU: DENVER GOVENDER ?? NGUMNU Bongani Mthiyane (kwesobunxe­le) nomsakazi wegagasi unaives.
ISITHOMBE NGU: DENVER GOVENDER NGUMNU Bongani Mthiyane (kwesobunxe­le) nomsakazi wegagasi unaives.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa