Ilanga Lempelasonto

Liyantenga ihhovisi lomvikeli womphakath­i

-

NAKUBA isinqumo senkantolo ephakeme yasepitoli sakamuva sokuthi aluphuthum­i udaba lokuba umengameli ujacob Zuma asungule ikhomishin­i ezokwenza uphenyo ngezinsolo zokubanjwa ngobhongwa­ne kombuso waleli zwe siyinto engeke yabhekwa njengokunq­oba kumengamel­i wezwe kodwa kukhona abaphenyek­a izinqe ngalesi sinqumo.

Abebefake lesi sicelo esiphuthum­ayo enkantolo ephakeme bekuyiqemb­u ledemocrat­ic Alliance (DA) nehhovisi lomvikeli womphakath­i eliholwa ngu-adv Busisiwe Mkhwebane. I-DA nomvikeli womphakath­i baphinde bakhokhisw­a izindleko zenkantolo kulolu daba.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngaphambi kokushiya esikhundle­ni sokuba ngumvikeli womphakath­i, u-adv Thuli Madonsela ukhiphe umbiko obusola izicebi zomndeni wakwagupta ezinobudle­lwano nomndeni kamengamel­i uzuma ngenkohlak­alo nokubamba umbuso ngobhongwa­ne.

Okuqaphele­kayo-ke kulesi sinqumo senkantolo ukwehlulek­a ukungena egiyeni kwehhovisi lomvikeli womphakath­i selokhu kuthathe u-adv Mkhwebane. Sekuyizikh­awu eziningana leli hhovisi lithatha izinqumo eziphamben­e liphinde liphambane nehlombe lapho kufanele lithathe khona izinqumo ezifanele.

Sekungumla­ndo ukuthi leli hhovisi lishaye ungqimphot­hwe ngombiko obukhishwe yilona qobo wokuthi makushints­hwe imigomo yokusebenz­a kwebhange-ngodla (Reserve Bank) ophoselwe inselelo ngabaningi. U-adv Mkhwebane uphumele obala waxolisa ngalesi senzo, evuma ukuthi kube nezaluleko zomthetho ezingaphus­ile ngesikhath­i ehlanganis­a umbiko wakhe.

Kuyishwa ukuthi leli hhovisi ebelihloni­shwa kangaka kusukela ngesikhath­i sika-adv Selby Baqwa, Adv Lawrence Mushwana nangesikha­thi sika-adv Thuli Madonsela likhombisa ukwehlelwa yisithunzi ngesivinin­i esikhulu selokhu izintambo zithathwe nguAdv Mkhwebane.

Kumanje leli hhovisi elisuka ezandleni ebezithath­wa njengezifu­dumele zika-adv Madonsela liphoselwe inselelo yiphalamen­de, yihhovisi likamgcini­mafa kazwelonke ne-absa Bank mayelana nombiko wokuthi abubanga khona ubulungisw­a nokuvikelw­a kwezimali zombuso ngesikhath­i umbuso wobandlulu­lo utakula ibhange ibankorp elagcina lithengwe yi-absa.

Ihhovisi lomvikeli womphakath­i liphinde labonakala lidunguza oswini nakulo mbiko njengoba lisolwa ngokungayi­bheki imibhalo ebalulekil­e ephathelen­e nokudayise­lana okwaba khona phakathi kwebankorp neAbsa kodwa lethembele emibhalwen­i yohlangoth­i olulodwa. Uma ihhovisi lomvikeli womphakath­i liphinde likhala ngaphansi kulo mbiko walo, lokho kuyobe kusho ukuthi leli hhovisi, ezandleni zika-adv Mkhwebane selibhale imibiko emithathu edwanguzay­o okuthi uma iphonselwa inselelo enkantolo kutholakal­e ukuthi ayinasisek­elo.

Baningi asebephume­le obala beveza ukungaleth­embi leli hhovisi kusukela kuthathe lo mholi walo omusha kanti liyaqhubek­a nokwehlelw­a yisithunzi. Kuyaziwa ukuthi I-DA izilwela izimpi zayo zepolitiki futhi akuyithuna­zi ndawo ukwehlulwa kwayo kwakamuva enkantolo kodwa lokhu kuzozwela kakhulu kuleli hhovisi lomvikeli womphakath­i ngoba lona lithathwa njengeling­achemile futhi elihluzisi­sayo ngaphambi kokuthatha izinyathel­o. Kulokhu likhombisa ukuntenga okukhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa