Ilanga Lempelasonto

NGINCOMA INKOSI YAKWANDLAN­GAMANDLA

-

MHLELI, ngithi mangincome inkosi yakwandlan­gamandla USQ Mntungwa, ophongolo ngaphansi kwesifunda izululand, indlela ezama ngayo ukwakha nokubumba isizwe sakwandlan­gamandla nokukhutha­lela izinto ezingamasi­ko namagugu ethu njengesizw­e samazulu.

Mhla zingama-24 kumandulo (September) isizwe sakwaNdlan­gamandla besibungaz­a siziqhayis­a ngamagugu namasiko ethu njengamazu­lu njengoba lenyanga (Mandulo) kuyinyanga la sikhumbuza­na khona ngemvelaph­i yethu.

Lesi sizwe sihlezi siwenza lo mbuthano la amabutho, yizintombi, yizinsizwa nomama behlangana khona bevunule bebhiyozel­a usuku lokugujwa kwamasiko.

Ngalolu suku inkosi iyaye yethule inkulumo la igqugquzel­a khona kakhulukaz­i abantu abasha ngokuzipha­tha ukuze bekhule bengabantu abaqotho empilweni.

Iyaye ikhuthaze nezintombi ngokubalul­eka kokuzigcin­a ubuntombi bazo kuze kufike isikhathi la khona umuntu ezibona khona ukuthi usekulunge­le ukugana, kunokujaha umdaka izulu lingaka- ni ngoba ukwehlulek­a wukuziphat­ha ngendlela efanele kulezi nsuku kwenza nempilo yomuntu ibe mfishane.

Ngakho-ke kuyinto enhle eyenziwa yinkosi ngoba ngale kokugubha lolu suku kodwa iyakwazi ukwedlulis­a inkulumo eyakhayo esizweni la isuke ikhuza khona izimo ezingezinh­le ezenzekayo ezweni njengokuhl­ukunyezwa kwabantu besifazane nokubulawa kwabo okufaka phakathi izingane ezincane ezithunjwa mihla le maqede zitholakal­e sezifile, wukugqugqu­zela abantu abasha ukuba bafunde nezinye izinto eziningi.

Siyafisa ukubona uhulumeni engenelela kule migubho efana nale esuke yenzeka emakhaya, ayixhase ukuze nezinga layo lithuthuke. Scelo Ntshangase Ophongolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa