NGINCOMA INKOSI YAKWANDLANGAMANDLA
MHLELI, ngithi mangincome inkosi yakwandlangamandla USQ Mntungwa, ophongolo ngaphansi kwesifunda izululand, indlela ezama ngayo ukwakha nokubumba isizwe sakwandlangamandla nokukhuthalela izinto ezingamasiko namagugu ethu njengesizwe samazulu.
Mhla zingama-24 kumandulo (September) isizwe sakwaNdlangamandla besibungaza siziqhayisa ngamagugu namasiko ethu njengamazulu njengoba lenyanga (Mandulo) kuyinyanga la sikhumbuzana khona ngemvelaphi yethu.
Lesi sizwe sihlezi siwenza lo mbuthano la amabutho, yizintombi, yizinsizwa nomama behlangana khona bevunule bebhiyozela usuku lokugujwa kwamasiko.
Ngalolu suku inkosi iyaye yethule inkulumo la igqugquzela khona kakhulukazi abantu abasha ngokuziphatha ukuze bekhule bengabantu abaqotho empilweni.
Iyaye ikhuthaze nezintombi ngokubaluleka kokuzigcina ubuntombi bazo kuze kufike isikhathi la khona umuntu ezibona khona ukuthi usekulungele ukugana, kunokujaha umdaka izulu lingaka- ni ngoba ukwehluleka wukuziphatha ngendlela efanele kulezi nsuku kwenza nempilo yomuntu ibe mfishane.
Ngakho-ke kuyinto enhle eyenziwa yinkosi ngoba ngale kokugubha lolu suku kodwa iyakwazi ukwedlulisa inkulumo eyakhayo esizweni la isuke ikhuza khona izimo ezingezinhle ezenzekayo ezweni njengokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokubulawa kwabo okufaka phakathi izingane ezincane ezithunjwa mihla le maqede zitholakale sezifile, wukugqugquzela abantu abasha ukuba bafunde nezinye izinto eziningi.
Siyafisa ukubona uhulumeni engenelela kule migubho efana nale esuke yenzeka emakhaya, ayixhase ukuze nezinga layo lithuthuke. Scelo Ntshangase Ophongolo