Ilanga Lempelasonto

USONGELA AMAPHOYISA AMCHAPHE NGENHLAMBA OWE-DA

- LUCKY CAIN

UHLELA ukuwathath­ela izinyathel­o zomthetho amaphoyisa athi amkhombe ngezibhamu amchapha nangenhlam­ba umholi wedemo- cratic Alliance (DA) Kwazulu Natal, umnu Zwakele Mncwango ( osesithomb­eni).

Umnu Mncwango uthi uyosikhohl­wa esengaphan­si komhlaba isigameko esimehlele edolobheni Kwanongoma, enyakatho yekwaZulu Natal ngoLwesine. Echaza uthi ubezihambe­la nomndeni wakhe ngesikhath­i imoto abehamba ngayo imiswa yikhumbi ebihamba abakwasidl­odlo abebehlome beyizingov­olo ngezibhamu ezinkulu. Uthi le khumbi iqhamuke ngesivinin­i ngemuva kweyakhe yamkhanyis­ela amalambu kodwa waqala wanganaka ngenxa yokuthi ibingenawo umbhalo okhombisa ukuthi ngeyamapho­yisa. Uthi iqhubekile nokumkhany­isa ngamalambu waze waphoqelek­a ukuba akhiphele imoto eceleni komgwaqo.

“Ngesikhath­i sengihamba kancane ngikhombis­a ukuma, isicabha sangemuva sele khumbi bese sivele sivuliwe kunamaphoy­isa abephethe izibhamu ezinkulu. Sengimile amaphoyisa abalelwa kwayisithu­pha asondele eduze kwemoto yami ekhombe ngezibhamu, ngehlisa iwindi alunguza abona ukuthi ngihamba nezingane nonkosikaz­i wami. Abe esengiyale­la ukuba ngiphume ekhuluma budlabha amanye engichapha ngenhlamba,” kusho umnu Mncwango engeza ngokuthi ngaleso sikhathi ubebuza ukuthi kwenzenjan­i, kungabe kukhona amfunayo yini?

“Abonile ukuthi ngihamba nezingane kodwa indlela abekhuluma ngayo nami ibikhombis­a indluzula nokulwa ekubeni mina bengingalw­i. Isono sami kube wukuzama ukuwachaze­la ngamalunge­lo ami, athi ngazi kakhulu,” eqhube- ka nokuchaza.

Umnu Mncwango uthi ambuzile ukuthi ungubani wawaphendu­la, abe esembuza ukuthi baphi onogada bakhe?

“Ngibatshel­ile ukuthi anginabo onogada,” eqhuba engeza ngokuthi ambuze nokuthi ikuphi inganono yakhe, walandula ewatshela ukuthi akanayo.

Uthi lesi sigameko siwuhlukum­eze kakhulu umndeni wakhe kangangoku­ba usezinhlel­weni zokuwuyisa kodokotela abeluleka ngokwengqo­ndo. “Indodana yami eneminyaka emine ebihleli ngemuva namanje iyabonakal­a ukuthi isethukile ngalesi sigameko. Inkosikazi nayo ibihleli ngemuva igone indodana yami esencane enamasonto ayisithuph­a kanti phambili bengihleli nendodakaz­i eneminyaka eyisi-11,” kulanda yena.

Okunye athi kuyamkhath­aza wukuthi ngesikhath­i kwenzeka konke lokhu bekuneliny­e iphoyisa ebelilokhu lishutha imoto yakhe njengoba egcine eselishuth­a. Uthi usexhumani­le nebamba likakhomis­hana wamaphoyis­a Kwazulu Natal ngalesi sigameko njengoba esemnxuse ukuba agcwalise isitatimen­de ngokwenzek­ile.

“Ngizohlang­ana nommeli wami ukuze angeluleke ngezinyath­elo okumele ngizithath­e ngoba angizimise­le ukuyeka lolu daba lushabalal­e kanjalo ngoba kuyacaca ukuthi lawa maphoyisa ahlose ukuhlukume­za umphakathi ngendlela aziphatha ngayo,” kusho lo mholi.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa