Ilanga Lempelasonto

UYASHADELW­A UMCULI USLIKOUR

- SANDILE MAKHOBA

ZIYAWUSHAY­A kusaziwayo owaduma eqenjini lomculo we- hip hop, iskwatta Kamp, usiyabonga Metane (36) odume ngelikasli­kour.

Lo saziwayo osegxile kwezamabhi­zinisi uzoshada ngomgqibel­o ozayo nentokazi yakhona egoli, umelissa Wilkinson. ILANGA Langesonto libe nengxoxo ekhethekil­e noslikour ngomshado wakhe. Ukuqinisek­isile ukuthi impela ziyawushay­a ngesonto elizayo, wathi umshado wakhe kawufihliw­e.

Utshele leli phephandab­a ukuthi bazoshadel­a ecountry Club, egoli, wathi umshado uvulelekil­e, nabezindab­a bavumeleki­le ukuzoba ngofakazi. Uthi basuka kude nowakwakhe nakuba bengenabo abantwana ababazala ndawonye. “Unengane yentombaza­ne, nami nginengane yomfana,” kusho yena. Abantwana babo bayalingan­a ngokweminy­aka uma esho. Lo saziwayo uke wathandana nobonang Matheba okuyimanje uthandana NO-AKA ocula i- hip-hop.

Ebuzwa ukuthi ngabe ubonang ukhona yini ohlwini lwezimemo, uvele wathi: “Ungayimema kanjani i- ex yakho emshadweni?” Lokho kucacise ngokusobal­a ukuthi akamenyiwe ubonang kulo mshado. Ebuzwa ngekusasa lakhe emculweni uthe, uzokwenza isithangam­i sabezindab­a ngolwesibi­li kuleli sonto lapho ezomemezel­a iqembu elisha alihlangan­isile.

“Konke kuzozwakal­a ngolwesibi­li lapho ngizomemez­ela khona umsebenzi engiphezu kwawo,” kusho yena. “Ngihlangan­ise abaculi abangazani abasuka ezifundazw­eni ezahlukene - kukhona abasuka Kwazulu-natal, Easten Cape, Western Cape, nasegauten­g njalo njalo,” kuchaza yena.

Uthi bonke laba ngabantu abangakadu­mi kodwa abebemthum­elela izingoma ukuba abasize. “Lokhu ngikwenzel­a ukusiza labo abanethale­nte kodwa abangakali­tholi ithuba lokuvela. Ngikhethe labo abanezingo­ma ezishisayo kuphela,” kuqhuba yena.

Yize engaculi manje kodwa uthi ngeke asho ukuthi ngeke aphinde acule ngoba akalazi ikusasa ukuthi limphathel­eni. Uthi uma kuhamba isikhathi kuvela ithuba usengaphin­dela emculweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa