Ilanga Lempelasonto

UNGASE UBHUNTSHE UMCIMBI NGENXA YOKUSWELA UXHASO

- PAMELA ZUNGU

BAMINCILE abahleli benational Choral Music Achievemen­t Awards (NACMA), banovalo lokuthi bangase baphindwe ngokubehle­le ngonyaka wezi-2015 njengoba lo mcimbi ungazange uphumelele ngenxa yokuntulek­a koxhaso lwemali.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nakuba umcimbi ugcine wenzekile ngonyaka owedlule, abamanacma batakulwe ngabenatio­nal Lotteries Commision (NLC).

Unkk Bulelwa Mvelase oyisikhulu esiphezulu samanacma, utshele ILANGA Langesonto ukuthi uthandazel­a ukuba umnyango wezobuciko namasiko Kwazulu-natal ubaxhase ngemali ukuze umcimbi uzoqhubeka. Uthi yize usuku lungakanqu­nywa kodwa bahlele ukuba umcimbi ube ngolwezi (November).

“Sisezingxo­xweni nabomnyang­o mayelana noxhaso lwemali yokwenza umcimbi.

"Siyethemba ukuthi uzosixhasa (umnyango), asifuni ukuphindwa ngokwasenz­a ngonyaka wezi-2015.

"Sisebenza kanzima ukuba lo mcimbi wenzeke futhi ube yimpumelel­o,” kusho unkk Mvelase.

Uveze nokuthi isicelo soxhaso basifake nakumasipa­la wetheku nakosomabh­izinisi abazimele.

“Yize singakazit­holi izimpendul­o kodwa siyethemba ukuthi kukhona okuzoqhamu­ka maduze nje.

"Ngeke ngikhulume amanga, kunzima ukuhlela umcimbi ungenaso isiqinisek­o sokuthi uzoba khona yini.

"Uma uxhaso lwemali lungekho, lokho kusho ukuthi amanacma akulo nyaka ngeke abe khona.

"Kuzoba buhlungu nakithina uma sigcina ngokuba singalutho­li nhlobo uxhaso ngoba iphupho lethu bekuwukuba lo mcimbi wenzeke minyaka yonke.

"Akukho esingakwen­za nathi uma uxhaso singalutho­li,” kusho unkk Mvelase. Umcimbi wamanacma usungulwe ngusomabhi­zinisi umnu Vusi Mvelase ngowezi-2012.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa