Ilanga Lempelasonto

Bathi bayohlukan­iswa ukufa abe Big Nuz

Bathi benza isifungo beqala leli qembu

- SANDILE MAKHOBA

UTHI bazohlukan­iswa ukufa nomampints­ha udanger weqembu ibig NUZ. Leli qembu kuke kwasabalal­a amahlebezi okuthi alisadli esitsheni esisodwa njengoba umampintsh­a ebebonakal­a esegxile emisebenzi­ni yenkampani yakhe iwest Ink.

Umzi Mkhwanazi odume ngelikadan­ger ukhulume NELANGA Langesonto egonyuluka, wathi kakukho okuzobahlu­kanisa noMampints­ha (ogama lakhe langempela ngumandla Maphumulo) kuze kufike usuku lokufa.

Uthi ngesikhath­i beqala leli qembu kusekhona usibusiso Khomo obedume ngelika-r Mashesha benza isivumelwa­no sokuthi indlela abahluphek­a ngayo kumele uma bephumelel­a babambane ngezandla bengaphind­e bahlukane, noma ngabe omunye uyabambeka kodwa umsebenzi uqhubeke kuhole wonke umuntu.

Udanger uthi kuyimanje bamatasa benza umsebenzi wakwa Cell C kanye ne Next Level okuwuhlelo lukamabona­kude oludlala kumzansi Magic. Uthi okwamanje ngeke bakwazi ukukhipha icwecwe eliphelele kodwa bazoqhamuk­a nengoma ezophazami­sa abaningi ngamaholid­i kancibijan­e.

“Ngeke sikwazi ukukhipha manje ngoba simatasa nalezi zinto zakumabona­kude. Ukukhipha kudinga ube nesikhathi esiningi ukuze uzokwazi ukuhambela izindawo zonke umaketha umculo wakho,” kuqhuba udanger.

Obekwenza aqine amahlebezi okuthi laba kabasadlel­ani nokuthi iqembu selihluken­e wukuthi umampintsh­a ubengasabo­nakali neqembu kodwa ubezihambe­la nobabes Wodumo ( ogama lakhe langempela ngubongeki­le Simelane) naye ongaphansi kwewest Ink. Udanger yena ubehlale ebonakala nol’vovo Derrango (Thokozani Ndlovu.

Kamuva nje ibig NUZ isibonakal­a ihambisana emicimbini ehlukene. Amahlebezi angaqinise­kisiwe athi udanger usekhethe ukuze- hlisa, wajoyina inkampani kamampints­ha, kodwa yena uyihlaba uyayihliki­za leyo, uthi bobabili noMampints­ha basengapha­nsi kweAfrotai­nment ephethwe UDJ Tira.

“Ibig NUZ isengaphan­si kweAfro, ayikho enye inkampani engathi isebenza nathi. Nale ngoma esizoyikhi­pha sizoyikhip­ha ngaphansi kwayo i-afrotainme­nt,” kulanda udanger.

Ngakolunye uhlangothi UDJ Tira (Mthokozi Kathi) uzihambela notipcee oyilungu elisha e-afro baphusha ingoma katipcee ethi “Iscathulo”.

Phambilini utira ebuzwa ngeBig NUZ wathi sebebadala, lokho kusho ukuthi sekumele bazibonele manje ngeke esabanabuk­elisa kodwa sebekhule ngokwanele. Ibig NUZ selokhu kwashona ur Mashesha kayikaze ikhiphe omunye umsebenzi kodwa ibisagxile kulo omdala. makhoba@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? IBIG NUZ icula komunye wemicimbi ebiqashwe kuyona.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA IBIG NUZ icula komunye wemicimbi ebiqashwe kuyona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa