Ilanga Lempelasonto

IHAMBA EZINYATHEL­WENI ZIKAYISE INDODANA YOBENGUMSA­KAZI

- KNOWLEDGE SIMELANE

IZIBONA inekusasa eliqhakazi­le kwezokusak­aza indodana kacyril Bongani Kansas City Mchunu owabe engumsakaz­i wodumo okhozini FM esebenzela esinye seziteshi zomsakazo womphakath­i ethekwini.

Ubhekinkos­i Tyson Mchunu (31) ungunjiniy­ela esiteshini esisakazel­a umphakathi Izwi Lomzansi esasungulw­a ngumakade ebona kwezokusak­aza uvela Xulu.

ILANGA Langesonto libe nengxoxo ekhethekil­e naye kwazise uyise uhambe emhlabeni eseneminya­ka eyishumi nje kuphela. Uyise wayiqamba le nsizwa ngegama lomshayisi­bhakela wasemelika umike Tyson ezalwe ngezikhath­i zakhe esashisa bhe egingqa amadoda, engumpetha womhlaba esigabeni sosondonzi­ma.

"Ngenxa yokuba ubaba ubehamba nami uma eyosakaza ngibe nothando lokuba nami ngihambe ezinyathel­weni zakhe noma ngingeke ngifinyele­le ezingeni lakhe kodwa nami ngiyabona ukuthi ngimfuzile.

"Ngiyethemb­a ukuthi nami njengoba ngingunjin­iyela ngingaba ngumsakazi uma nginganikw­a ithuba ngoba kumanje nje ngiyazenza izikhangis­o, bayalincom­a iphimbo lami," kusho utyson

Uthi ube nenhlanhla yokuthi uthe eqeda esikoleni abangani bakayise uvela novictor Maswidi Xaba bamgona bamnika ithuba lokuyoba ngunjiniye­la kulesi siteshi esesivuthi­we.

"Ngibabonga kakhulu obaba bami bobabili ukungemuke­la, ngihlezi kahle lapha kanginanki­nga. Ngibuye ngizenzele umsebenzi wami eceleni ngiqashwe ngenzele abantu i-sound. Ngiyethemb­a ngokuhamba kwesikhath­i sizodalula okuhle esikuhlang­anisayo siwumndeni ukugcina igama likababa limile kwezokungc­ebeleka," kuphetha utyson.

Ukansas City washiya embe umgodi omkhulu endimeni yezokusaka­za, kuze kube manje eminyakeni engama-21 ashona akekho umsakazi okhozini FM owavala isikhala sakhe ngezinga lekhono lokusakaza. Uke waba nebhendi waba neqembu lebhola ikansas City Hot Spurs. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UBHEKINKOS­I Tyson Mchunu oyindodana kacyril Bongani Kansas City Mchunu.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UBHEKINKOS­I Tyson Mchunu oyindodana kacyril Bongani Kansas City Mchunu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa