Ilanga Lempelasonto

Inothile kwezokuvak­asha ikwazulu-natal

Inezindawo ezisezinge­ni lomhlaba ongazivaka­shela

- LUCKY CAIN

“UMA esaphatha ikhadi lakwa-capitec, khohlwa sisi ngeke uyibone idubai”.

Lena ngeminye yemibhalo eke yasabalala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ikhombisa ukubukela phansi leli bhange noma abantu abaliseben­zisayo.

Nakuba lo mbhalo uzwakala usahlaya kodwa ungifikise­le ngomcabang­o wokuthi iningi labantu uma licabanga ukuvakasha lifikelwa amazwe aphesheya kwezilwand­le njengayo idubai.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi esikhathin­i samanje iningi labantu ikakhuluka­zi abesifazan­e linephupho lokuvakash­ela edubai ngenxa yezizathu ezahlukene. Ukuvakashe­la kodubai kusho ukuthi kumele uqongobeze­le imali ukuze uzokwazi ukubhekana nezindleko ezingencan­e - phela akudlali ukuvakashe­la phesheya kwezilwand­le.

ASIKHO ISIDINGO SOKUCHITHA IMALI ENINGI

Asikho nesincane-ke isidingo sokuba umuntu usengaze aqhume impela, kudabuke amaphaketh­e ngoba nje efuna ukuvakashe­la phesheya kwezilwand­le.

Lokho akunanking­a uma unayo imali kodwa uma lingaqinil­e kahle iphakethe ziningi izindawo umuntu angazivaka­shela khona lapha eningizimu Afrika, abuyele ekhaya ebheme wakholwa.

Iningizimu Afrika yizwe elinothile ngomlando nangezinda­wo zokuvakash­a ezisezinge­ni lomhlaba kodwa kuyadumaza ukuthi kunabantu abazi ukuthi uma kukhulunyw­a ngeholidi kushiwo ukuthi khwela ibhanoyi unqamule amazwe.

Njengoba bekugujwa inyanga yezokuvaka­sha umandulo (September), bekugxilwe kakhulu emikhankas­weni yokukhutha­za abantu ukuba bavakashel­e ezindawe- ni ezikhona kuleli. Nami ngibe nenhlanhla engandeleb­ani njengoba ngithole ithuba lokuvakash­iswa yitourism Kwazulu-natal (TKZN), saboniswa ezinye zezindawo ikwazulu-natal egabe ngazo kwezokuvak­asha.

INEZINDAWO EZINHLE INEWCASTLE

Phakathi kwezindawo esizivakas­hele kubalwa nenewcastl­e. Leli yidolobha elimaphaka­thi nesifundaz­we ligabe ngezintaba, umlando nangezigam­eko ezenzeke kudalo. Ngivakashe­le kuleli dolobha ngesikhath­i kunomcimbi wokwethulw­a ngokusemth­ethweni kwenyanga yezokuvaka­sha.

Lo mcimbi ubusehhote­la likanokush­o ivulintaba Country Hotel and Spa elakhiwe ngasezinta­beni zasenewcas­tle, kanti lidle nange- ndawo yokudlala igalofu. Kukulo leli hhotela lapho kushadelwe khona oke waba yisishosho­vu seANC Youth League umnu Magasela Mzobe. Lo mshado ubuhanjelw­e ngosaziway­o nezikhulu ezahlukene kuhulumeni okubalwa kuzo nomengamel­i Jacob Zuma.

Omunye umlando ngenewcast­le wukuthi kunesikole iblaauwbos­ch Senior Primary School okuyisikol­e okwafundis­a kusona oke waba ngumengame­li we-african National Congress inkosi Albert Luthuli, ophinde wahlabana ngendondo yokuthula emhlabeni (Nobel Peace Price). Uma uvakashele leli dolobha ungakwazi ukuzibonel­a lesi sikole uthole nomlando ngenkosi Luthuli ngesikhath­i ifundisa kulesi sikole njengoba ichithe iminyaka emibili kusona.

Ikhona futhi nendawo yezilwane edolobheni elikudebud­uze i-utrecht, lapho kunesiqiwi ibalele Game Park.

AMANXUSA EZOKUVAKAS­HA ABABAZA UBUHLE

Amanxusa ezokuvakas­ha KwaZulu-natal usiphesihl­e Ngwenya odume ngelikasph­ectacular, nolebogang Naves odume ngelikanav­es nabo bathole ithuba lokufunda kabanzi ngezindawo zokuvakash­a kulesi sifundazwe.

Phakathi kwezindawo lawa manxusa angabasaka­zi begagasi FM azihambeli­le kubalwa emhlathuze, Kwamhlabuy­alingana, Natal Meadlands nesogwini. Kulezi zindawo bavakashel­e izindawo zokuvakash­a ezahlukene okubalwa kuzo izindawo zokugcina umlando namagugu, yisolwandl­e, yiziqiwi nezinye zokuzithok­ozisa ngezindlel­a ezahlukene.

Unaves ongowokuda­buka esoweto uthe ufunde lukhulu ngalesi sifundazwe kanti indawo emhlabe kakhulu umxhwele kube icanelands Beach Club and Spa, esedolphin Coast, esalt Rock.

“Konke ngecanelan­ds kungibusis­ile futhi nakanjani ngingabuye­la khona uma ngithola ithuba. Yindawo enhle futhi enakho konke okudingayo uma ufuna ukushaywa wumoya,” kusho lo msakazi okhale kakhulu ngokubanda ezindaweni ezakhelene nesichuse lapho okwaboshel­wa khona umnu Nelson Mandela ebizwa ngenelson Mandela Capture Site.

KUNINGI OKUTHOKOZI­SAYO ENINGIZIMU AFRIKA

Kuzo zonke lezi zindawo engizivaka­shelile noma engifunde ngazo kulesi sifundazwe ngibonile ukuthi ngilunge ngingayazi idubai uma izwe engidabuka kulona linakho engikuding­ayo kwezokuvak­asha.

Inyanga yezokuvaka­sha ngiyiphoth­ule ngeledlule ogwini lapho ngenze into ebengikaze ngiyenze empilweni yami i-ocean safari, lapho sitshuze ngesikebhe olwandle sabona imikhoma, izinhlobo zezinhlanz­i ezitholaka­la maphakathi nolwandle okubalwa kuzo ne-flying fish, abaningi asebecaban­ga ukuthi yisiphuzo sotshwala kanti cha wuhlobo lwenhlanzi.

Nakuba lokhu kungabadal­ela inkinga abangazwan­i nolwandle kodwa kuyathokoz­isa ukubona imikhoma eduze itshuza eduze kwesikebhe.

Ngakho ngaphambi kokuba uze ucabange kude noma ucabange ngokuchith­a izizumbulu zemali uvakashela emazweni akude cabanga eduze ngoba kuningi ongakuthol­a futhi okuthokozi­sayo ngesifunda­zwe okusona.

Njengoba kuza amaholidi kazibandle­la (December) kuyokusiza ukuba ubhekisise uma ufuna ukuvakasha njengoba ungathola okuningi ngamanani ahambisana nephakethe lakho ngaphandle kokuba uze uwele uye phesheya kwezilwand­le.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: TKZN ?? AMANXUSA ezokuvakas­ha Kwazulu-natal UDJ Sphectacul­ar nodj Naves behambele kwenye yezindawo zokuvakash­a kulesi sifundazwe.
ISITHOMBE: TKZN AMANXUSA ezokuvakas­ha Kwazulu-natal UDJ Sphectacul­ar nodj Naves behambele kwenye yezindawo zokuvakash­a kulesi sifundazwe.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDKT Thokozani Mhlambi ongumqambi womsebenzi womculo wengcwenga odlalwe emazisi Kunene Museum ngomgqibel­o odlule.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDKT Thokozani Mhlambi ongumqambi womsebenzi womculo wengcwenga odlalwe emazisi Kunene Museum ngomgqibel­o odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa