Ilanga Lempelasonto

IBUYE NGENGOMA ENTSHA I-AFRO SOUL

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

LIFUNA ukuqhakamb­isa izindawo zetheku iqembu lomculo we-afro pop, i-afro Soul, elisanda kukhipha ingoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku esihloko sithi “Inkomo Yami”.

Leli qembu ebelimele leli dolobha kwi-essence Festival yaphesheya kwezilwand­le, lihlangani­se le ngoma nesilomo somculi kamaskandi, ukhuzani Mpungose.

Uthandeka Zulu oyilunga lesifazane kuleli qembu, uthi nakuba umculo wabo ungowabo bonke abantu baseningiz­imu Afrika kodwa itheku lidlala indima enkulu ukubeseka njengoba sebaziwa naphesheya kwezilwand­le ngenxa yoxhaso abaluthole kulona leli dolobha.

“Njengoba sizoqopha i- music video, kuhle ukuba sikhombise ukulibonga itheku ngokuveza izindawo ezinhle leli dolobha eligabe ngazo.

" Le ngoma esizobe siqopha i-video yayo kuyasijabu­lisa ukubona abantu beyithakas­ela ngale ndlela kanti sizoba nazo iziqephu zasemakhay­a njengoba kuyingoma yesintu,” kusho uthandeka.

Usabelo Ngema naye oyilunga laleli qembu, ufakazele umazulu ngokuthi sekunesikh­athi bengakhiph­i kanti ngale ngoma bafuna ukutshengi­sa abathandi bomculo uku- thi basekhona endimeni yomculo futhi basazoqhub­eka nokudedela izingoma ezithandwa ngabantu.

“Sikhethe ukusebenza nokhuzani ngenxa yekhono lakhe emculweni futhi nabantu bayalithak­asela iphimbo lakhe njengoba lihambisan­a kahle namaphimbo ethu.

"Kusijabuli­sile ukwethula le ngoma ezindlini zokusakaza okhozini FM ngeledlule,” kusho ungema kanti useargent Malishe uyilungu lesithathu kuleli qembu.

Uthe le music video izoqoshwa ngolwesibi­li ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzona ezasemakha­ya nasenkaben­i yedolobha itheku.

Uphethe ngokuthi abantu bazoqala ukuyibona maduze eziteshini zomculo kumabonaku­de kanti isiqalile ukudlalwa emisakazwe­ni eyahlukene.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? I-AFROSOUL ifuna ukuqhakamb­isa itheku nge-music video yalo yengoma esihloko sithi “Inkomo Yami”.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E I-AFROSOUL ifuna ukuqhakamb­isa itheku nge-music video yalo yengoma esihloko sithi “Inkomo Yami”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa