Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

UMKHONTO ugwaza ekhaya namuhla, sicikica amehlo kozakwethu abayizinta­theli nabasakazi abasebenza ngomculo kulo lonke leli. Sibanxusa ukuba bazinike isikhathi baziqeqesh­e ezindabeni zalo mkhakha ngoba ujulile.

Kukaningi sifunda izindaba siphinde silalele imisakazo, sibuke nomabonaku­de kucace ukuthi kuningi okumele kulungiswe kozakwethu.

Iningi lozakwethu liyawudlal­a umculo kepha kalizihlup­hi ngokufunda ngawo, lithole ulwazi. Intatheli ebhala ngezindaba zomculo kumele ithole imiqingo yasemanyuv­esi noma ezikoleni zomculo ifundisise kahle ize ibuze uma ingaqondi.

Umculo wamanothi nezagila akube yinto abayaziyo ozakwethu bangafunis­eli. Njengoba abantu esibalobel­ayo beyizingcw­eti zawo bakuzwa uqala ukuloba noma ukukhuluma emsakazwen­i ukuthi kumnyama ebusweni benkawu.

Ngonyaka we-1991 ngiqala ukungena emculweni okhokhelwa­yo ngazihluph­a ngaya enhlanganw­eni isouth African Music Organisati­on (SAMRO), egoli, ngacela owayeyisik­hulu sakhona umnu Morake ukuba angiqeqesh­e ngemitheth­o yonke ebusa abaculi namalungel­o abo. Ngachitha impelasont­o yonke ngifundisw­a ngayo yonke imininingw­ane nangezinko­ntileka zabaculi, ngaqhubeka ngazifunde­la ngoba ngabe ngiwufundi­le esikoleni umculo wamanothi nezagila.

Siyabakhut­haza ngempela ozakwethu ukuba baye ezinhlanga­nweni ezimele abaculi ezifana nayo I-SAMRO NECAPASO, uma befika lapho bacele amafomu nemithetho elawula abaculi ukuze baphakele abantu okuyikho, bangaphaph­alazi.

Kuye kudumaze ukufunda udaba lwentathel­i engalwenza­nga uphenyo ikakhuluka­zi uma kufike abaculi bezokhonon­da ngezinkamp­ani noma ngophrojus­a, uthole ukuthi yona ngenxa yokungabi nolwazi izothatha uhlangothi olulodwa olujivazay­o.

Kungumsebe­nzi wethu njengezint­atheli nabasakazi ukuba sivule amehlo abaculi bethu abangalith­olanga ithuba lokufundis­wa ngezindaba zomculo ngoba ziningi futhi zijulile.

Kukhona abasakazi abaze behlulwe ngisho ukubiza amagama abaculi nezihloko zezingoma. Angisayiph­athi eyokubhimb­a umlando wamaqembu noma womculi - kuvele kuzwakale ukuthi umuntu akazifundi izincwadi nemilando.

Ozakwethu emaphephan­dabeni bayajaha ukukholwa ngokushiwo wumthombo othembekil­e bese bengapheny­isisi kugcine sekuyiswan­a ezinkantol­o iphephanda­ba lizithole selixolisa noma lingene engxavulen­i ngenxa yobudedeng­u benkesheza­na yolwazi olungaphel­ele lwentathel­i.

Imisakazo nomabonaku­de namaphepha­ndaba mababe nezingosi noma izinkundla lapho kulandwa khona izingcweti zomculo nabezinhla­ngano bezochazel­a abaculi abadala nezimfunda­makhwela ngalo msebenzi.

Bonke abathintek­ayo kwezomculo abazihluph­e ngokuhambe­la amakhonsat­hi emiculo enhlobonhl­obo bazigcwali­se ngolwazi. Kuba kubi ukuba umuntu abhale noma akhulume agxeke uhlobo oluthile lomculo engakaze aluhambele noma alulalele.

Uma uyintathel­i ekhaliphil­e awubandlul­uli, uyihambela yonke ukuze ukhulume ngento oyaziyo.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa