Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KUBABANTU obonayo ukuthi kumele ngempela ubagudluze empilweni yakho. Zibophezel­e ekuqedelen­i okudala bese uqala okusha. Uma ungase uhluleke wena ukuzihlele­la isikhathi akekho omunye ongakuhlel­ela.

ARIES

KUKHONA abajwayele ukuvuna indlela ocabanga ngayo. Kumele ukugweme ukukhuluma izinto ongenaso isiqinisek­o sazo. Isikhathi sakho esiningi kumele usichithe ngezinto ezizokuthu­thukisa zikubeke kwelinye izinga.

TAURUS (April 20-May 20)

UNGUMUNTU okholelwa emicabangw­eni yakhe ngakho kumele uwuhloniph­e umqondo onawo ezinhlelwe­ni ezimayelan­a noguquko. Ekugcineni ungase ubone ukuthi awukhathaz­wa ubudlelwan­o bakho kodwa yimicabang­o.

GEMINI (May 21-June 21)

UZOPHOQELE­KA ukuthi kube khona ozobafonel­a ubazise ngezindaba ezithile ezibathint­ayo. Isihe nesibindi ongasikhom­bisa singakwenz­a usondezwe kalula eduze. Abanye bakuthatha njengomunt­u onenkani.

CANCER

UBUYE ube nenkani noma isidingo singasekho bese abanye bayehlulek­a ukusebenza nawe. Kuzokusebe­nzela ukuxhumana nabantu abanomqond­o obuka phambili. Kunesifiso obonayo ukuthi sekusele kancane sifezeke.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

IZIMBANGI zakho kazinawo amandla okumelana nawe. Ubuvila buthathe njengesith­a sakho esikhulu okumele ulwe ngamandla naso. Kumele uhlale uzihlupha ngokuzibuz­a ukuthi isimo sekusasa lakho sivikeleke kangakanan­i.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

ISIKHATHI onaso kuhle usisebenzi­se ekuxazulul­eni izinkinga zakho. Uma kade ungaphathe­kile kahle uzobona umehluko othile empilweni yakho. Imicabango ekuzwisa ubuhlungu kumele ulibale ngempela yiyona.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

KUMELE ubhekisise ukuthi unyathela kanjani phambi kwabanye ngoba kukhona abakubheki­le. Qaphela ukuthi awuxovi izinhlelo zakho uze ugxumele kokunye kukhona okungaphot­huliwe. Uzolwa ngamandla nangobuchu­le uzama ukuphucula isimo sibe yilokhu okufunayo.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

OKUZOKUFIK­ELA engqondwen­i yakho ukuqala izinhlelo ezimayelan­a nokonga. Uzophumele­la ekuzikhumb­uzeni wena ukuthi ukuhlala phansi akunamvuzo. Kwesinye isikhathi ubuye wenze izinto ngokungaco­pheleli.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

ISIMO okusona njengamanj­e sizoguquka, ngakho zilungisel­ele njalo ukumelana nekusasa lakho. Ngalesi sikhathi uzwela kakhulu uma kukhona okubi okukuthint­a enhliziywe­ni. Gxilisa amehlo akho lapho osunqobe khona.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UYABONA ukuthi okunye okubuye kwenzeke empilweni yakho kubuye kudalwe amaphutha akho. Kunezinhlo­so zakho owazibeka ethala ongase uzikhumbul­e kulesi sikhathi. Kukhona nokunye obonayo ukuthi ngabe kade kwalunga.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KUKHONA okuthile ozobeka ithemba lakho kukhona. Ozokwenza kumele kusuke ngaphakath­i kuwe. Unabo ubuchule bokuxazulu­la ezinye izinkinga - lokhu kuhambisan­a nokuvuthwa komqondo wakho.

PISCES (Feb 19-March 20)

UBUYE ube ngumuntu ofunda ngamaphuth­a ezintweni eziningi. Kuningi ozofisa ukukuthung­atha noma ukucubungu­le. Ubungani bakho bungathuth­uka uma ukhombisa ukukhulule­ka. Kumele uyisabalal­ise imibono emisha kanye nemidala.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa