Ilanga Lempelasonto

Sidinga abaholi abanobuntu neqiniso

-

MHLELI, impilo ephilwayo esikhathin­i samanje iyadabukis­a ngoba ocebayo uceba kakhulu, kuthi ohluphekay­o ahlupheke kakhulu.

Kunokuba isimo sibengcono kodwa siyaqhubek­a siba sibi kakhulu kunakuqala.

Ukuba kubi kwesimo ngale ndlela njalo akusho ukuthi asinabo abaholi bepolitiki esibakheth­a sibathumel­e ephalamend­e njalo ngemuva kweminyaka emihlanu. Sibabona kahle uma sekuzovotw­a, lapho-ke bakwazi ukwehla ngisho ezimotweni zabo eziphambil­i behambe kanye nathi phansi.

Ngalolo suku bangena ngisho endlini ewayo ngoba befuna amavoti.

Uma begaqele amavoti akukho namunye umbuzo obehlulayo ekutheni bewuphendu­le - ubuza lokhu bakuphendu­le ngokushesh­a.

Ngesikhath­i lowo mndeni ubika ngosizi lwawo nangezinki­nga zawo bona-ke bavese bawuphendu­le ngokukhulu ukushesha.

Uma bebuzwa ngentuthuk­o bathembisa ukuyiletha phambi kwakusasa.

Wonke muntu uhlalela ethembeni lokuthi ngempela ukuxakeka nosizi sekwedlule uma sekufike laba baholi bezogaya amavoti. Maludluke-ke ukhetho, abasabonwa.

Into engikhala ngayo ngalaba baholi wukuthi baphila impilo ephezulu kodwa ubuntu abukho kubona. Iningi imali echithwa nguhulumen­i ngesikhath­i kwenzi- wa impilo yabo ukuba ibe yinhle futhi ibe ngcwele.

Buka njena imali echithwa ngezimbizo zikhangisw­a, kuthi kodwa uthole ukuthi leyo mbizo ayizi namehluko, ngaphandle kokuchitha imali.

Bekungaba ngcono ukube lezi zigidi okwenziwa ngazo izimbizo ziyathathw­a zisize umphakathi, kwenziwe imisebenzi esemqoka njengokuth­i kusungulwe imifelanda­wonye yakhe amabhuloks­i. Ingani la mabhloksi kunganxenx­wa izitolo ezidayisa impahla yokwakha ziwathenge. Kawuphili unani njalo umphakathi?

Kubanjwa imihlangan­o nsuku zaphuma, imihlangan­o engawusizi ngalutho umphakathi ontulayo. Okubalulek­ile wukuthi kumele kucatshang­elwe izikhulu.

Angisho ukuthi imihlangan­o mayingenzi­wa kodwa makuqinisw­e isifociya ngoba isimo somnotho kulezi nsuku sibi ngendlela.

Kusuka ungqongqos­he ngokunjalo nethimba lakhe bawele phesheya kwezilwand­le beyothekel­a ulwazi.

Kolalwa emahhotela adulayo aphesheya madoda, bayandizis­wa benjalo njena.

Ngisho kuhulumeni wamabhunu angikaze ngizwe kuthiwa uprime Minister [Mengameli] kumele ehambe ngendiza ebiza u-r500 000 000.

Ngigcine kuhlongozw­a ukuthi kumele umengameli waleli lizwe ahambe ngendiza yebhiliyon­i yamarandi. Ngiyasiqon­da isizathu sokuba aphephe kodwa le ntengo inkulu kakhulu.

Akukhona yini ukumosha imali lekho na? Masiqine isifociya. Okuhle ngezikhulu zami wukuthi zihola kahle. Zingakwazi ukuba zizikhokhe­le ngemali yazo ukulala lena emahhotela kunokuba zibhubhudl­e imali yabakhokhi bentela.

Mayelana nendaba yokukhwaba­nisa - lapha-ke kusuke sekushayel­wa isipikili sokugcina. Inkohlakal­o idla lubi. Izikhulu azikwazi ngisho nokucabang­ela abantu abahlwempu ngendlela eyisimanga.

Zona kanye izikhulu zithola amathenda kwasa kuhulumeni. Zirobha abantu, aziziholel­i izisebenzi zazo ngesikhath­i esifanele.

Uma kwenzekile zaholelwa izisebenzi, imali yazo ziyithola ngemuva kwezinsuku - naholo yini ngoba amakinati?

Izikhulu lezi zepolitiki ubuntu azinabo ngisho nakancane. Kunalokho into eyaziwa yizikhulu wukuthatha yona imali yabakhokhi bentela, zikhankase ngayo khona kuzophumel­ela amaqembu azo ezepolitik­i.

Zisebenzel­a ukuthi iqembu lingaphumi emandleni. Izikhulu angithi ziyazi kahle indaba yobuntu Botho?

Mazingagci­ni phela ngokuyishu­mayeza kodwa maziyiphil­e futhi ziyenze. Abaholi bepolitiki lapha ubezwa kahle bonke bekhuluma ngensada yamathuba emisebenzi ongazi ukuthi engabe aqhamuka- phi-ke lawo mathuba emisebenzi? Bekungaban­gcono ukuba isikhulu ngasinye sikhethe imizi ehlwempu eyishumi, bese siyithenge­la ukudla kwenkulung­wane yamarandi khona nawo lo mndeni uzokwazi ukuphila.

Buka ngoba emizini eminingi kumanje kuphilwa ngemali yeqolo, okukhombis­a ukuthi isimo sinzima ngendlela engakhulum­eki. Into ebuhlungu kakhulukaz­i eqenjini elibusayo wukuthi ayisekho enye into esemqoka ebhekiwe njengamanj­e ngaphandle kozonqoba phakathi kukasekela Mengameli umnu Cyril Ramaphosa kanye nodkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Angazi noma abaholi usizi balubona kahle yini? Ngicabanga ukuthi balubona ngeso elilodwa kuphela. Into abayaziyo nje kwaphela wukushumay­ela ivangeli abangaliph­ili. Siyabuding­a ubuntu kubaholi.

Khehla Ndimande

Buka njena imali echithwa ngezimbizo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa