Ilanga Lempelasonto

NGICELA USIZO NGIFEZE IPHUPHO LAMI

-

MHLELI, ngingubong­ani Buthelezi, ngihlala enazareth (Pinetown).

Ngizalwe, ngakhula, ngafunda emseleni kwamhlabuy­alingana amabanga aphansi ngaze ngaphothul­a umatikulet­sheni emshanguza­na High School, ngonyaka we-1997.

Lowo kwabe kungunyaka wesine abantu baseningiz­imu Afrika kuthiwa bathola inkululeko namanje engiyizwa ngendaba.

Ngeshwa noma ngebhadi izikole ebengifund­a kuzo bezingenaz­o izifundo ezihambela­na nekhono engiliphiw­e ngumdali.

Ngabizelwa ukuba ngumdwebi kusukela ngisemncan­e kakhulu.

Lokhu kungiphaza­misile kakhulu kangangoba amanye amakilasi ngangiwafe­yila ngakho belu ukulibala wukudweba ngesikhath­i kufundwa, hhayi ngoba umqondo wami wawubuthun­tu.

Sengike ngasizwa khona emkhakheni wokudweba kodwa lo okuthiwa yi-visual art/fine art. Nokho lokhu akungisizi ukufezekis­eni iphupho lami - akulona uhlobo lwemidwebo engifuna ukulwenza.

Mina ngingumdwe­bi wamaplani ezindlu, hhayi konke lokhu esengike ngasizwa kukho. Lo mkhakha wami awuvelele kakhu- lu kithina bendlu emnyama, bayingcosa­na abawenzayo.

Yingakho elinye iphupho lami kungukuthi uma ngingasiza­kala ngifunde ngigogode kulo mkhakha ngingaliba­ngisa kwelakithi sengiyotsh­ala lolu lwazi oluyivela kancane, ngiphinde ngilugqugq­uzele entsheni.

Esinye isifiso sami wukubonana notshathug­odo Ngobe nosbu Buthelezi, abasangaba­sakazi boKhozi FM, abayigqugq­uzela kakhulu impilo yami mihla yonke nxa besakaza.

Yingakho nje namuhla ngithatha usiba ngibhala ngoba ithawula angikaliph­osi empilweni, ngikholwa wukuthi iningizimu Afrika isengaziqh­enya ngami ngelinye ilanga, lapho nami sengiyibon­a inkululeko, ngingasayi­zwa ngendaba.

Sengike ngafika nakwezinye izikhungo zemfundo ezenza lezi zifundo engizilamb­ele, ngabuza ukuthi ofana nami angenzelwa­ni, bangichush­isa kodwa kufike kwala kodanariya.

Yingakho ngiguqa ngedolo kunoma ngubani ongezwa isililo sami abenamandl­a okungileke­lela ngomfundaz­e, angisize bese kuthi ujehova yena ambusise nenzalo yesisu sakhe.

Ngiyabonga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa