NGICELA USIZO NGIFEZE IPHUPHO LAMI
MHLELI, ngingubongani Buthelezi, ngihlala enazareth (Pinetown).
Ngizalwe, ngakhula, ngafunda emseleni kwamhlabuyalingana amabanga aphansi ngaze ngaphothula umatikuletsheni emshanguzana High School, ngonyaka we-1997.
Lowo kwabe kungunyaka wesine abantu baseningizimu Afrika kuthiwa bathola inkululeko namanje engiyizwa ngendaba.
Ngeshwa noma ngebhadi izikole ebengifunda kuzo bezingenazo izifundo ezihambelana nekhono engiliphiwe ngumdali.
Ngabizelwa ukuba ngumdwebi kusukela ngisemncane kakhulu.
Lokhu kungiphazamisile kakhulu kangangoba amanye amakilasi ngangiwafeyila ngakho belu ukulibala wukudweba ngesikhathi kufundwa, hhayi ngoba umqondo wami wawubuthuntu.
Sengike ngasizwa khona emkhakheni wokudweba kodwa lo okuthiwa yi-visual art/fine art. Nokho lokhu akungisizi ukufezekiseni iphupho lami - akulona uhlobo lwemidwebo engifuna ukulwenza.
Mina ngingumdwebi wamaplani ezindlu, hhayi konke lokhu esengike ngasizwa kukho. Lo mkhakha wami awuvelele kakhu- lu kithina bendlu emnyama, bayingcosana abawenzayo.
Yingakho elinye iphupho lami kungukuthi uma ngingasizakala ngifunde ngigogode kulo mkhakha ngingalibangisa kwelakithi sengiyotshala lolu lwazi oluyivela kancane, ngiphinde ngilugqugquzele entsheni.
Esinye isifiso sami wukubonana notshathugodo Ngobe nosbu Buthelezi, abasangabasakazi boKhozi FM, abayigqugquzela kakhulu impilo yami mihla yonke nxa besakaza.
Yingakho nje namuhla ngithatha usiba ngibhala ngoba ithawula angikaliphosi empilweni, ngikholwa wukuthi iningizimu Afrika isengaziqhenya ngami ngelinye ilanga, lapho nami sengiyibona inkululeko, ngingasayizwa ngendaba.
Sengike ngafika nakwezinye izikhungo zemfundo ezenza lezi zifundo engizilambele, ngabuza ukuthi ofana nami angenzelwani, bangichushisa kodwa kufike kwala kodanariya.
Yingakho ngiguqa ngedolo kunoma ngubani ongezwa isililo sami abenamandla okungilekelela ngomfundaze, angisize bese kuthi ujehova yena ambusise nenzalo yesisu sakhe.
Ngiyabonga.