Ilanga Lempelasonto

Ingelaphil­e incwadi kamntwana wakwaphind­angene

- Mbingwa Faku

MHLELI, ngiphawula maqondana nencwadi ebhalwe ngumntwana wakwaphind­angene ngaphansi kwesihloko esithi: ANGIZANGE NGIYISHIYE I-ANCYL, ibisekhasi­ni le-18 KWILANGA Langesonto, langomhla lulunye kwephezulu.

Emva kokuyifund­a le ncwadi izinyembez­i bese ngizibambe ngezinkoph­e. Ngize ngathi enhliziywe­ni yami kuyayiwa ezulwini, noma amacala angangabib­ikho la emhlabeni awabasungu­li bodushe, kodwa lisaxhonyi­we ezulwini.

Lokhu ngikusho ngoba lezi zinkokheli ze-african National Congress (ANC) nomntwana bahluleka wukuxazulu­la ukungaboni ngaso linye, kwaze kwachaphaz­ela imiphefuml­o engenacala.

Kungcono okumuntu othi kuyamehlul­a ukubuyisan­a nomuntu ngoba ethi umthathele umkakhe. Kodwa kulokhu kwalaba baholi kungishiya ngikhathel­e ngiyimvith­i.

Kule miphefumul­o engaka eyaphuma, kwachaphaz­eleka nomndeni wami, kubulawa izibulo lasekhaya elineminya­ka eyi-17 emlazi livakashel­e ubaba, lingangene nakwipolit­iki - ishwa lalo kwaba wukuthi lidabuka etranskei, kwaziwa ukuthi uma usuka khona uyi-anc.

Uma kulwa izinkunzi ezimbili into egugayo wutshani. Ukube wafa ubhuti wam ngenxa yoku- lwa nengcindez­elo yamabhulu ngabe uyiqhawe kimi.

Umbono wami uthi, kuyabonaka­la ukwehlukan­a kwe-anc nepan Africanist Congress (PAC) ngoba kwakunento ephathekay­o eyayibehlu­kanisa, ngenxa yesikhala engingeke ngiyidalul­e. Kodwa okukasheng­e, General Bantu Holomisa, COPE, EFF, kushiya imibuzo engaphendu­leki. Kuthiwe masithanda­zele abaholi abangenand­aba nokufa kwabantu - namanje bayafa abantu ngenxa yepolitiki kulibelwe ngama khomishana kodwa akuboshwa muntu, kuchithwa nje imali yabakhokhi bentela.

Siyibonile ikhomishin­i ebiphenya ngesibhico­ngo sokufa kweziseben­zi zasezimayi­ni emarikana - kwake kwaboshwa bani njengoba kuqhubeka sengathi akonakele lutho! Le ncwadi kamntwana ingelaphil­e, benginenzo­ndo embi ngenkatha Freedom Party (IFP) ngenxa kabhuti wami ngoba ngizwa kuthiwa wahlubuka kwi-anc ukuze abe yinceleban­i yabamhloph­e.

Kodwa manje sengiyabon­a ukuthi ukuba babekhatha­lele umphakathi, yena umntwana no-or Tambo babengayil­ungisa le nto ingaze ibeyimbi ngale ndlela eyaba yiyo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa