Ingelaphile incwadi kamntwana wakwaphindangene
MHLELI, ngiphawula maqondana nencwadi ebhalwe ngumntwana wakwaphindangene ngaphansi kwesihloko esithi: ANGIZANGE NGIYISHIYE I-ANCYL, ibisekhasini le-18 KWILANGA Langesonto, langomhla lulunye kwephezulu.
Emva kokuyifunda le ncwadi izinyembezi bese ngizibambe ngezinkophe. Ngize ngathi enhliziyweni yami kuyayiwa ezulwini, noma amacala angangabibikho la emhlabeni awabasunguli bodushe, kodwa lisaxhonyiwe ezulwini.
Lokhu ngikusho ngoba lezi zinkokheli ze-african National Congress (ANC) nomntwana bahluleka wukuxazulula ukungaboni ngaso linye, kwaze kwachaphazela imiphefumlo engenacala.
Kungcono okumuntu othi kuyamehlula ukubuyisana nomuntu ngoba ethi umthathele umkakhe. Kodwa kulokhu kwalaba baholi kungishiya ngikhathele ngiyimvithi.
Kule miphefumulo engaka eyaphuma, kwachaphazeleka nomndeni wami, kubulawa izibulo lasekhaya elineminyaka eyi-17 emlazi livakashele ubaba, lingangene nakwipolitiki - ishwa lalo kwaba wukuthi lidabuka etranskei, kwaziwa ukuthi uma usuka khona uyi-anc.
Uma kulwa izinkunzi ezimbili into egugayo wutshani. Ukube wafa ubhuti wam ngenxa yoku- lwa nengcindezelo yamabhulu ngabe uyiqhawe kimi.
Umbono wami uthi, kuyabonakala ukwehlukana kwe-anc nepan Africanist Congress (PAC) ngoba kwakunento ephathekayo eyayibehlukanisa, ngenxa yesikhala engingeke ngiyidalule. Kodwa okukashenge, General Bantu Holomisa, COPE, EFF, kushiya imibuzo engaphenduleki. Kuthiwe masithandazele abaholi abangenandaba nokufa kwabantu - namanje bayafa abantu ngenxa yepolitiki kulibelwe ngama khomishana kodwa akuboshwa muntu, kuchithwa nje imali yabakhokhi bentela.
Siyibonile ikhomishini ebiphenya ngesibhicongo sokufa kwezisebenzi zasezimayini emarikana - kwake kwaboshwa bani njengoba kuqhubeka sengathi akonakele lutho! Le ncwadi kamntwana ingelaphile, benginenzondo embi ngenkatha Freedom Party (IFP) ngenxa kabhuti wami ngoba ngizwa kuthiwa wahlubuka kwi-anc ukuze abe yincelebani yabamhlophe.
Kodwa manje sengiyabona ukuthi ukuba babekhathalele umphakathi, yena umntwana no-or Tambo babengayilungisa le nto ingaze ibeyimbi ngale ndlela eyaba yiyo.