Ilanga Lempelasonto

UBENNI UZIBONA ENESIKWELE­TU

- MFANAFUTHI NDLOVU

UZIBONA enesikwele­tu ubenni Mccarthy ongumqeqes­hi wecape Town City ezobhekana nesuperSpo­rt United kowamanqam­u WEMTN8 ozokuba ngomgqibel­o ngo-19h00 emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Umccarthy utshele leli phephandab­a ukuthi unesifiso sokunika ithuba lokuzibona­kalisa abadlali abaningi abasebanca­ne njengoba naye elitholile okwenze washeshe wagqama kunobhutsh­uzwayo. Uthi lesi yisikwelet­u esisenhliz­iyweni yakhe afisa ukusikhokh­a njengoba esengumqeq­eshi.

Nokho uthi kakubanga lula ukuthi akhuphulel­e esikwatini esikhulu abadlali abebegijim­a kwimultiCh­oice Diski Challenge (MDC) yale kilabhu ngesizini edlule kwazise uthathe lo msebenzi isikhathi sesidliwe yinja, sekumele alwele ukuzama ukuqala ngenothi elihle.

Uthi yingakho esamukele ngezandla zombili isimemo sabakwacoc­a Cola sokuhambel­a imidlalo yabaneminy­aka engaphansi kweli-15 ubudala esongwa namuhla ngesonto ethekwini.

“Ngihlele ukuthi kube khona izinhloli nakulo mqhudelwan­o ukubheka ikhono. Ngiyakhole­lwa kakhulu kubadlali abasebanca­ne kwazise basuke besakulamb­ele ukuvelela.

"Phela nathi sanikwa ithuba sisebancan­e lokuyodlal­a phesheya kwezilwand­le,” kusho lo mqeqeshi onxuse nezinye izinkampan­i ukusika iphethini kwabakwaco­ca Cola ukuseka unobhutshu­zwayo wabadlali abasebanca­ne.

Ipremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi owamanqamu WEMTN8 uzovulelwa yidili lomculo elizoqala ngo-16h00 ukukhuthaz­a abalandeli ukufika ngesikhath­i kulo mdlalo. Kuzokube kuboshelwe udj Tira, ubabes Wodumo ukukha nje phezulu.

 ??  ?? BENNI Mccarthy
BENNI Mccarthy

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa