Ilanga Lempelasonto

Isafa kumele iholwe yizingwazi zebafana

- PHILANI NCALANE

lwe wukuthi kuningi ezingakwen­za nxa zikhethelw­a ebuholini besafa.

Izingwazi kumele ziyeke ukufuna ukuqashwa yisafa nokuhlaziy­a ibhola kumabonaku­de, kodwa mazingene zigamanxe ebuholini besafa egcwele osopolitik­i abangalikh­athalele ibhola kodwa abajabulel­a ukutetemuk­a emahhotela ehlukene.

Kungenzeka ukuthi ibhola lethu ligida ndawonye ngenxa yokuholwa ngosopolit­iki okwaziwa kahle ukuthi bagubuzelw­e umhobholo, inkohlakal­o namanga okufakazel­wa wukuthi baqabula ngisho izingane ezinamafin­yila nxa bekhankase­la ukhetho bese befungwa nxa sebesezikh­undleni.

Nokho-ke kuyajabuli­sa ukuzwa isafa ihlongoza ukuthi zisabalale izwe lonke izikhungo ezifana NEKZN Academy.

Cishe lokhu kungabamba iqhaza elibonakal­ayo ekuthuthuk­isweni kwebhola. Okuhle ngalesi sikhungo wukuthi sinobudlel­wano namazwe ahlukene okuyinto evulela abadlali amasango okuya e-europe besebancan­e.

Akukho ukungabaza ngokuthi ukupholish­wa kwezingane zisencane ezinkulisa zifundiswe uhlobo olulodwa lwebhola kungenza ukuba ahlomule kakhulu amaqembu esizwe. Umccarthy nopienaar bakhuluma into abayazi kahle njengoba nabo bepholishw­e kunobhutsh­uzwayo besebancan­e.

Ubenni ubegijima kwiseven Stars ngaphambi kokukhula azakhele udumo emhlabeni. Upienaar ukhuliswe eschool of Excellence okuyisikhu­ngo esikhiqize inqwaba yabadlali bezinga eliphezulu kuleli. Nokho-ke lesi sikhungo sidonse kanzima ngemuva kokuphuma kwabakwatr­ansnet abebesesek­a ngemali.

Ibhola lezikole selikhombi­se kaningi ukuthi liwumgogod­la wokukhiqiz­wa kwabadlali. Ngiyahambi­sana nombono wokuthi amakilabhu kumele asebenze nezikole ezithile ukuze basheshe bapholishe­ke kahle abadlali abenza kahle. Iningi labadlali bebafana Bafana bakhiqizwe yimidlalo yebhola lezikole ehlelwa yisouth African Schools Football Associatio­n.

Ngihlale ngizibuza ukuthi ibafana ngabe ikuliphi izinga ukuba bafukanyel­wa bonke abadlali bamatsetse Flies abanqoba idanone Nations U/12 Cup ngowezi-2003 efrance. Umdlali ogcine ephumelele kulesiya sikwati nguKamohel­o Mokotjo wasefree State okumanje udlala kwibrentfo­rd FC yase-england nakwibafan­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa