Ulambele isicoco seligi upienaar
ULAMBELE isicoco se-absa Premiership usteven “Schillo” Pienaar osanda kukhuza ibuya ebholeni laseningizimu Afrika ejoyina ibidvest Wits eyizingqwele.
Nokho izitshudeni ziqale isizini ephezulu ngenothi elibi njengoba kumanje zibalwa namakilabhu alwa nokusuka emngceleni wasezembeni. Uthi ukhalo luselude kakhulu olusazohanjwa kwiligi ngakho kakumele basheshe bahlulelwe ngesiqalo esibi. Uthembise ukuthi izinto zizoguquka maduzane, baqale ukubuyisa isithunzi sabo kulesi sigaba. Ugcizelele ukuthi unethemba lokuthi bazokwazi ukuvikela iligi ukuze ezoqukula le nkomishi ayilambele kakhulu.
Lo mdlali ubuye wancoma kakhulu isibindi sikaphakamani Mahlambi obegijima kwiwits ngesizini edlule osejoyine i-al Ahly yase-egypt.
Upienaar usho lokhu esethekwini njengoba ebecija abadlali abasebancane ngendlela yokuziphatha ngesikhathi kuqhubeka umqhudelwano icopa Coca Cola Global Cup esongwa namuhla ngeSonto egrowthpoint Stadium, ethekwini. Lo mdlali uthi kuhle ukuthi abadlali bakuleli bahambe besebancane ukuyothola isipiliyoni saphesheya ukuze kuzosizakala ibafana Bafana.
“Ukugudlana nabadlali abasezingeni eliphezulu kuzolikhuphula kakhulu izinga likamahlambi. Mina ngihambe ngisemncane ukuyodlala eschool of Excellence. Ngikwazile ukuzibheka ngaze ngaba kuleli zinga engikulona,” kusho upiennar.
Uphethe ngokuthi namanje inhliziyo yakhe isansonsotha ngokungayijoyini i-orlando Pirates kwazise ukhule eyithanda ukufa. Nokho uthi impilo iyaqhubeka njengoba egcine esayina kwiwits ekhombise ukumethemba. Ujoyine ezikagavin Hunt nje, uvumile ukuthi ubexoxa nanecape Town City ecijwa ngubenni Mccarthy kodwa wagcina eqome izitshudeni.