Ilanga Lempelasonto

Kuputshuka impande kakomphela kwichiefs

Umotaung uthi uyakwazi okudingwa ngabalande­li

- SENZO SOKHELA

IMALI isize usteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs wasinda ezembeni ebelilenga phezu kwentamo yakhe.

Ukomphela kazimhambe­li kahle izinto selokhu ethathe lo msebenzi kumasizini amabili nesigamu edlule. Selokhu efikile le kilabhu kayikaze inqobe nkomishi. Abalandeli bayo kabasamfun­i nalapho enyathele khona njengoba bemsola ngokubulal­a ikilabhu yabo.

Uphume ngesamagun­dwane ichiefs iguqiswa yibaroka FC ngo-2-1 kowe-absa Premiershi­p ngeledlule emoses Mabhida Stadium, ethekwini. Leli phephandab­a lithole ukuthi ngokuqala kwesonto amalunga ebhodi lechiefs abe nomhlangan­o ebhunga ngodaba lokukhulul­wa kukakomphe­la.

Empeleni kuthiwa bese uphumile umyalelo wokuba afakwe amasondo kodwa kwavimba itshe lemali okufanele ichiefs imkhokhele lona nxa kuyiyona emxoshayo. Kuthiwa kunenkonti­leka esayinwe yimenenja-jikelele yechiefs, ubobby Motaung, ngukomphel­a nomphathi wakhe ekubeka ngokusobal­a ukuthi uma exoshwa kufanele ichiefs imkhokhele yonke imali yakhe, kodwa uma ezisulela uyohamba nafika nakho.

Kuthiwa njengoba ukomphela engazisule­li nje, yingoba uyazi ukuthi ichiefs uyibambe ngale nkontileka. Umthombo waleli phephandab­a ulihlebele ukuthi ukomphela ugoduka nemali engaphezul­u kukar500 000 zinyanga zonke kwichiefs engakafakw­a amabhonasi.

Ichiefs uma inganquma ukumuxosha manje, kuzofanele imkhokhele imali engaphezul­u kuka-r4,5 million bese iqasha omunye futhi umqeqeshi naye imholele itshe lemali. Kuthiwa kunezikhul­u ngaphakath­i kwichiefs ezijabula kabi uma ejijinyezw­a ngabalande­li ngoba zisuke zicabanga ukuthi uzozisulel­a emsebenzin­i kodwa angayingen­i leyo ukomphela.

Leli phephandab­a lishayela umotaung ngalolu daba, unqabile ukuphawula ngalo, wathi ngolwangap­hakathi futhi sebedlulil­e kulona.

“Into edingwa ngabalande­li wukuthi sinqobe nje qha, uma singanqobi abalandeli bayadinwa. Umqeqeshi naye simtshelil­e ukuthi kudingeka ukuba sinqobe ukuze siqede yonke le nto ngoba uma kungenjalo kusazokuba nzima. Engikucela­yo kubalandel­i bethu wukuba behlise imimoya, izinto zizolunga.

“Ngeke sikwazi ukuvele sixoshe umqeqeshi nje manje isizini isanda kuqala, yinde kabi indlela esisabheke­ne nayo. Uma singanqoba­nga siyahlala nomqeqeshi simbuze ukuthi konakale kuphi sizame ukumsiza ukuze kulunge izinto,” kusho umotaung.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi ngabe bebengakwe­nzi yini phambilini ukuthi uma le kilabhu ihluliwe bahlale nomqeqeshi bazame ukumsiza uvele wabhoka ngolaka, wathi: “Uyabona-ke kangifuni silokhu siqophisan­a kube sengathi sinenkulum­o mpikiswano.

“Kudala saqala ukukwenza lokho yikhona nje ukuthi izinto kazihlanga­ni kahle. Kuke kube sengathi ziyalunga kuphinde kubhede. Ebholeni vele-ke kuba njalo ziyafika izikhathi ezinzima kodwa zibuye zidlule.”

Limbuza ukuthi ngoba kudala baqala kodwa izinto kazihlanga­ni ucabanga ukuthi ziyohlanga­na nini, uthe: “Kangazi ukuthi zizohlanga­na nini kodwa zona zizogcina zihlangene. Ithemba kasililahl­ile futhi ngabe senza iphutha elikhulu uma singalilah­la.”

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ZIBE zimbi izindaba zokuthola ikhadi elibomvu kukabongan­i Zungu obonakala ebambene no-itumeleng Khune bejabulela elinye lamagoli ebafana Bafana enqobe iburkina Faso ngo-3-1 kowokuhlun­gela indebe yomhlaba izolo egoli.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ZIBE zimbi izindaba zokuthola ikhadi elibomvu kukabongan­i Zungu obonakala ebambene no-itumeleng Khune bejabulela elinye lamagoli ebafana Bafana enqobe iburkina Faso ngo-3-1 kowokuhlun­gela indebe yomhlaba izolo egoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa