Ilanga Lempelasonto

UBALISA NGOKUXAKEK­A UKHULUBUSE ZUMA

Uthi ubhace khona kuleli

- THANDEKA NGOBESE

UYABALISA umnu Khulubuse Zuma oyindodana yomfowabo kamengamel­i Jacob Zuma othi izinto kazimhambe­li kahle, okungenye yezinto ezenze wangakwazi ukuqhubeka nokukhokha u-r500 000 ngenyanga, ngokomyale­lo wenkantolo enkulu yasenorth Gauteng.

Emuva kokuba ILANGA elingunina WELANGA Langesonto libike ngolwesine ukuthi kunezinsol­o zokuthi umnu Zuma useshaye utshani wayobhaca e-united Arab Emirates (UAE) - ebalekela isikweletu - leli phephandab­a likwazile ukuxhumana naye wathi kungamampu­nge ukuthi usehobe E-UAE - ukhona lapha lwelikamth­aniya.

Umnu Zuma uyeke ukukhokha le mali ngontulika­zi (July), esakhokhe u-r 9.5 million - isiyonke okufanele ayikhiphe, wu-r23 million.

Le nkece kumele ayikhokhe yena nabebambis­ene nabo njengabaqo­ndisi be-aurora Empowermen­t Systems okuyinkamp­ani ehlakaziwe ngomfumfu (October) wezi-2011 emuva kokuba ishiye imayini ipamodzi Gold ese-east Rand nase-orkney egoli ingenamali.

Ubebambise­ne nomnu Zondwa Mandela ongumzukul­u kamnu Nelson Mandela, umnu Thulani Ngubane, umnu Fazel Bhana nomnu Solly Bhana, bona abasaqhube­ka nokukhokha. Badale “umonakalo” olinganise­lwa ku-r1.7 billion kule mayini.

Emuva kokuba umnu Zuma eyekile ukukhokha, isolidarit­y okuyinyuny­ana yezisebenz­i ebinamalun­ga kulezi zimayini ezigingqwe yilaba baqondisi, ithi ibilokhu izama ukuxhumana naye kodwa imizamo yayo iphelele eboyeni okwezithuk­uthuku zengcanga.

Ethintwa yileli phephandab­a umnu Zuma, uthe: “Izinto kazingiham­beli kahle, uma usebhizini­sini kakuhlale kukhanya njalo, kubuye kube mnyama. Baqinisile impela uma bethi ngigcine ukukhokha ngontulika­zi, kodwa kungamanga ukuthi bengibalek­ile.

"Ngikhona ngilapha engihlala khona emhlanga, indoda yomzulu ingabaleka kubo iyobhaca emazweni engawazi ko-arab, bekungeke kwenzeke lokho. Imali kangiyikho­khonga ngoba ngingenayo. Icala leli abathi kumele ngiye kulona ngozibandl­ela (December), kangiphiki ngizoya kulona.

"Mazikhohlw­e lezo zisebenzi, ngeke zisayithol­a imali yazo, into okumele ngabe bayayenza wukuthi bakhulume nami banginike ithuba lokuthi ngizame ngenye indlela.

"Imali ngingase ngibe nayo ngonyaka ozayo ngiqhubeke nokukhokha. Into engiyibona­yo la, ngishawela ukuba ngowakwazu­ma. Nale mali okuthiwa mangiyikho­khe, umaster of High Court wangikhiph­a phambili wathi kangihlang­ene nokwenzeke e-aurora ngoba bengingusi­hlalo ongasebenz­i ngqo nenkampani (non executive chairman).

"Le nto yase-aurora isingilahl­ekisele ngemiseben­zi eminingi kabi ngoba emuva kokuba ngilokhu ngibhalwa, nginekwa emaphephen­i, kabekho osomabhizi­nisi abasafuna ukusebenzi­sana nami.

"Ngikhuluma nje, ngilahleke­lwe wumsebenzi omkhulukaz­i wokuthutha uwoyela edemocrati­c Republic of Congo, ngaphuthel­wa wumsebenzi wokwakha amaloli nowokufaka imikhumbi enefulegi laseningiz­imu Afrika echwebeni lakuleli.

Kulo msebenzi besekusele ukuba kusayinwe, mina ngizotheng­a imikhumbi emibili abangani bami basechina bathenge emithathu, siqale ukusebenza kodwa lo msebenzi ugcine ungasaphas­anga ngenxa yale nto yase-aurora,” kusho umnu Zuma.

"Uthi uma efakwa enkantolo uyophoqele­ka ukuba azimele ngoba imali yokukhokhe­la abameli akanayo.

“Nakuba ngixakekil­e okwamanje, nginethemb­a lokuthi ngizovuka ngoba kangikho mpofu engqodweni, kuningi engikuzama­yo ukuze ngiphumele­le.

"Inkinga ngalaba bantu bazitshela ukuthi njengoba ngingowakw­azuma nje, kuningi engikuthol­a kumengamel­i Zuma, ekubeni kungenjalo. Ezintweni zonke enginazo, kakukho nakukodwa engikuthol­e ngenxa yakhe. Ngiyazizam­ela, kawukho nowodwa umsebenzi engike ngawenza nohulumeni kule minyaka edlulile,” kusho umnu Zuma.

Unobhala-jikelele wesolidari­ty, umnu Gideon Du Plessis, uthi naye umthintile umnu Zuma ngo-lwesine ebusuku ezikhalela ethi akanamali.

“Okubuhlung­u ukhala kangaka ngokuthi akanamali nje, kunezisebe­nzi eziyizi-5 300 ezilahleke­lwe wumsebenzi enkampanin­i i-aurora, okumanje zibhuqabhu­qwa yindlala.

"Yena ulokhu ezibambisa udonga ngemali okufanele ngabe ziyayithol­a njengesinx­ephezelo. Sizoyilwa le mpi kuze kube sekugcinen­i ukuze kwenzeke ubulungisw­a ezisebenzi­ni ezihlukume­zekile,” kusho umnu Du Plessis.

Icala likamnu Zuma osekhala ngobunzima bendlela esuka kwinkinsel­a yasemgungu­ndlovu, ibheke ekubeni nguphuya wasemshwat­hi, kulindelek­e ukuba lingene mhla ziyisi-8 kuzibandle­la (December) nonyaka. Lifakwe ngabajutsh­we ukudla impahla ngoba bengasamth­oli umnu Zuma uma bemfuna.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa