Ilanga Lempelasonto

Usinde ngokulambi­sa edutshulwa usomabhizi­nisi

- JOHN HLONGWA

USINDE ngokulambi­sa usomabhizi­nisi wasethekwi­ni ngesikhath­i kusuka uthuli lwezichwe endaweni yakhe kanokusho yezivakash­i IB&B esela Lucia, entshonala­nga yetheku ngolwesihl­anu ebusuku.

Kubikwa ukuthi izigebengu zigasele kuleb&b izisebenzi zikanto Majozi (usomabhizi­nisi) zimatasa zilungisel­ela umcimbi obuzoba izolo ngomgqibel­o emini.

Kubikwa ukuthi kutheleke izinsizwa ezibalelwa kwezine zabamba izisebenzi zazilalisa phansi, zawola impahla. Ngesikhath­i ILANGA

Langesonto lifika kule B&B izolo ekuseni lifice esinye sezisebenz­i ebezikhona ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko.

Silandisa leli phephandab­a ngokwenzek­ile lesi sisebenzi sithi: “Ngezikhath­i zokugamanx­a kwehora lesi-8 ebusuku ngithe ngikweliny­e lamagumbi ngabona izinsizwa ezimbili ziqonda kumina zingikhomb­e ngesibhamu, ngabaleka ngayocasha, zangilande­la zangithola lapho bengicashe khona. Zingithath­ile sinozakwet­hu ababili zasimboza ngeduvethi yombhede zathi singalinge sinyakaze. Ukwazile ukuphunyul­a oyedwa wabaleka wayobiza unto emzini wakhe ngoba kwakhelene neb&b. Unto utheleke ngejeep yakhe ethi uzobavimba esangweni kanti akabuzanga elangeni - bavele badubula bebhekise kuyena. Izinhlamvu ezine zingene emotweni ngaphambil­i kwanqamuka ipayipi lamanzi, ezinye zan- gena emzimbeni wemoto. Naye wehle wayishiya kanjalo, zaphuma igebengu zabaleka,” kulanda lesi sisebenzi leli phephandab­a elinalo igama laso.

Kubikwa ukuthi kwenzeka konke lokhu nje izivakashi bezikhona ngaphakath­i emagunjini azo.

“Ezinye (izivakashi) zizwile zaze zavuka. Sezibaleka igebengu ziphume ngezintuba ezehlukene nokudale ukuba zidukelane,

kwasala nocingo lwazo okungaqond­akali noma ziluwise ngamabomu noma bezidukisa umkhondo. Kule foni etholakele kuvela izinombolo zabaculi abadumile basethekwe­ni,” kulanda isisebenzi.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, lezi zigebengu ziphakamis­e isango saligudluz­a emzileni walo, zase zikwazi ukulivula zangena.

Leli phephandab­a liphinde laxhumana naye lo somabhizin­isi, nebala waziqinise­kisa lezi zindaba. Ushaye ngamafuphi wathi: “Impela kuhlaseliw­e EB&B izolo (Lwesihlanu), kwantshont­shwa amatv ohlobo lwesumsung 65 cm, kodwa okuningi ngizocela ukuthole emaphoyise­ni kube yiwo azokhuluma ngoba icala livuliwe.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ukapt Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi likhona icala eliphenywa ngamaphoyi­sa asedurban North elimayelan­a nokubanjwa kwenkunzi ebhizinisi­ni elisela Lucia. Ukuqinisek­isile nokuthi omabonakud­e ababili abebebiwe batholakal­e beshiyiwe khona endaweni. Uphenyo luyaqhubek­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? YIMOTO kasomabhiz­inisi wasethekwi­ni abehamba ngayo esale inezimbobo ngesikhath­i izigebengu zivulela inhlamvu kuye.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA YIMOTO kasomabhiz­inisi wasethekwi­ni abehamba ngayo esale inezimbobo ngesikhath­i izigebengu zivulela inhlamvu kuye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa