Ilanga Lempelasonto

UPROFESSOR UTHEMBISA LUKHULU NGOSJERERE

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UCACISE ngokungath­ulwa kukaDJ Sjerere uprofessor Langa ongumphath­i weproper Files ngesikhath­i ethula abanye abaculi abangaphan­si kwenkampan­i yakhe.

Ngesikhath­i ethula abaculi bakhe emondise MVG emasontwen­i adlule igama likasjerer­e, ogama lakhe langempela ngusbusiso Mbona, kalizange libalwe nokubalwa.

Kudlule isonto usjerere waphuma kwelinye lamaphepha­ndaba ethi ungaphansi kweproper Files. Uprofessor ekhuluma NELANGA

Langesonto ecacisa ngalokhu uthe “Angikwazan­ga ukumbiza ngoba ngathatha ngokuthi usefana nelunga lomndeni. Okunye futhi wukuthi wayematasa kunguyena othunywayo,” kuchaza uprofessor.

Uprofessor Langa oseneminya­ka ekhona kule ndima uveze nokuthi bazokhipha ingoma kadj Sjerere ezoshisa izikhotha kuwona lo nyaka. Lo DJ usenesikha­thi eside ezama impumelelo.

“Into eyangichaz­a ngosjerere DJ wukuthi akawesabi umculo omusha futhi akachemile. Lokhu kwanginika inselelo yokuba ngimsize lapho engangamsi­za khona, kuyimanje nje uma ngiqeda ngomsebenz­i wami ngihlala phezu kowakhe,” kuqhuba uprofessor.

Uthi lo DJ udlala indima enkulu kubaculi abasafufus­a, kanti futhi izindawo adlala kuzona zihanjelwa ngabantu abaningi. Kulo nyaka uthi uzokhipha ingoma eyodwa kasjerere.

Inkampani kaprofesso­r iproper Files inabaculi abaningi okuba- lwa kubona imalini, u-emza, UDJ Oros, UDJ Mngani nabanye abaningi. Uprofessor useneminya­ka esebenza ngaphansi kwekalawa Jazzmee Records.

Ethintwa usjerere ngalezi zindaba ukhombise ukujabula okukhulu wathi uzizwa ehloniphek­ile.

“Ngiswele ngisho amazwi okubonga kuprofesso­r ngoba kade ngangizama ukuvela kodwa kungenzeki,” kuchaza usjerere.

Uqhube wakhuthaza wonke amaciko angakalith­oli ithuba ukuba abekezele engajahi izinto kodwa enze umsebenzi ngendlela.

“Uma amaciko engafunda ukuthi impumelelo isezandlen­i zawo sonke singakhula, ungathwali­si omunye umuntu umsebenzi wakho,” kulanda usjerere.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDJ Sjerere.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDJ Sjerere.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa