UPROFESSOR UTHEMBISA LUKHULU NGOSJERERE
UCACISE ngokungathulwa kukaDJ Sjerere uprofessor Langa ongumphathi weproper Files ngesikhathi ethula abanye abaculi abangaphansi kwenkampani yakhe.
Ngesikhathi ethula abaculi bakhe emondise MVG emasontweni adlule igama likasjerere, ogama lakhe langempela ngusbusiso Mbona, kalizange libalwe nokubalwa.
Kudlule isonto usjerere waphuma kwelinye lamaphephandaba ethi ungaphansi kweproper Files. Uprofessor ekhuluma NELANGA
Langesonto ecacisa ngalokhu uthe “Angikwazanga ukumbiza ngoba ngathatha ngokuthi usefana nelunga lomndeni. Okunye futhi wukuthi wayematasa kunguyena othunywayo,” kuchaza uprofessor.
Uprofessor Langa oseneminyaka ekhona kule ndima uveze nokuthi bazokhipha ingoma kadj Sjerere ezoshisa izikhotha kuwona lo nyaka. Lo DJ usenesikhathi eside ezama impumelelo.
“Into eyangichaza ngosjerere DJ wukuthi akawesabi umculo omusha futhi akachemile. Lokhu kwanginika inselelo yokuba ngimsize lapho engangamsiza khona, kuyimanje nje uma ngiqeda ngomsebenzi wami ngihlala phezu kowakhe,” kuqhuba uprofessor.
Uthi lo DJ udlala indima enkulu kubaculi abasafufusa, kanti futhi izindawo adlala kuzona zihanjelwa ngabantu abaningi. Kulo nyaka uthi uzokhipha ingoma eyodwa kasjerere.
Inkampani kaprofessor iproper Files inabaculi abaningi okuba- lwa kubona imalini, u-emza, UDJ Oros, UDJ Mngani nabanye abaningi. Uprofessor useneminyaka esebenza ngaphansi kwekalawa Jazzmee Records.
Ethintwa usjerere ngalezi zindaba ukhombise ukujabula okukhulu wathi uzizwa ehloniphekile.
“Ngiswele ngisho amazwi okubonga kuprofessor ngoba kade ngangizama ukuvela kodwa kungenzeki,” kuchaza usjerere.
Uqhube wakhuthaza wonke amaciko angakalitholi ithuba ukuba abekezele engajahi izinto kodwa enze umsebenzi ngendlela.
“Uma amaciko engafunda ukuthi impumelelo isezandleni zawo sonke singakhula, ungathwalisi omunye umuntu umsebenzi wakho,” kulanda usjerere.