Kuhlaba umxhwele ukubona izifundiswa zingazenyezi ngesizulu
UKUKHULELA emakhaya lapho kuthiwa khona kukwanja ayiphume, kungifundise izinto eziningi kakhulu, futhi kwangihlomisa ngokuba ngibe umuntu enginguye namhlanje.
Ngiye ngithi uma ngichaza abantu abakhulele emakhaya njengami, ngithi laba abantu ungababeka noma kuphi nomhlaba, bazokwazi ukuma.
Angiphathi uma umuntu wakhona eke wanikwa nethuba lokuthola imfundo, bese eyosebenza ezindaweni zasemadolobheni, uthola ukuthi uba yikho konke ongafisa ukuthi umuntu abe yikho.
Uma kufika ongqeqe laba abathi bafunde imikhuba yempilo esheshayo yaselokishini, uye uthole ukuthi lolu hlobo lomuntu ophuma emakhaya, ushesha kakhulu ukufunda ulimi, ukwenza nokucabanga ngokwaselokishini, kodwa uthi uma umthatha umbeka lapho kufanele anokotise ulimi lwebele, nokwabelana ngolwazi ngamasiko nemikhuba yasemakhaya, nakhona lapho uba isihlakaniphi esimangalisa abantu.
Ngingabala nje umnu Sandile Zungu ongomunye wosomabhizinisi esibahloniphayo, futhi oyisifundiswa esikhulele kakhulu emlazi, kodwa futhi othola ukuthi unomoya wakonongoma, wabe esephelela egoli, nokuyilapho kukhulunywa khona izilimi ezahlukene, kodwa yena usalukhuluma ulimi lwesizulu kwasamuntu ozinze kwanongoma.
Omunye engingambala ngumnu Bheki Sibiya waseshowe, kwanyembe, nongomunye wabafowabo balowo owake waba ngumsakazi ongaconsi phansi, ulinda Sibiya. Umnu Sibiya (Bheki) naye uyisifundiswa nosomabhizinisi, osebe kule mikhakha iminyaka eminingi, futhi eba ngumholi ezikhundleni eziphezulu nasezinhlanganweni ezinkulu, njengoba manje esekwiChamber of Mines.
Lo kasotobe uma usumfica le kubo Kwanyembe, ungafunga ugo- mele uthi uzelusela izinkomo nje khona laphaya emakhaya.
Kunensizwa laphaya emsakazweni Ukhozi FM, esethulela ezomnotho ohlelweni ivuka Mzansi, igama layo ngugugulethu Xaba. Le nsizwa iphuma Kwanongoma ngokuzalwa, futhi ikhaya lakubo likhona khona laphaya, kodwa isizinze egoli ngokusebenza.
Ngiyaye ngithi mina uyazicula izindaba zomnotho umfokanonkosi. Ungichaza uma esezihlahlela ngolimi lwesizulu, lapho-ke uzwe ukuthi kuhlangene imvubelo yasemakhaya, yokuqonda ulimi ngokujiyile, bese kuba yimfundo nokuyiyona emenza ukuba ahlaziye izindaba zomnotho womhlaba ngendlela ehlabahlosile, esebenzisa nolwazi analo lwezamabhizinisi.
Khona la Kwazulu-natal kunensizwa engiyihloniphayo esebenza emnyangweni wezobuciko Kwazulu-natal, engiyaye ngizwe kuthiwa yake yabelana ngemfundo ngisho nezifundiswa zaphesheya kwezilwandle, nokungaba yinkomba esobala yokuthi ulimi lwesingisi lubuzwa kuyo.
Kodwa uzomangazwa ukuceba kolimi lwesizulu kulo kaphakathwayo, okuze kukufakele ingcindezi nawe wena ongalunaki ulimi lwakini, ukuthi uzinuke amakhwapha nawe, ekubeni ulwazi kangakanani olwakho, nokuthi njengoba uveteza nje ngezilimi zabamhlophe, luphi olwakho owaluncela kumame okuzalayo.
Mina nje ngiwafunda onke amaphepha akhona, nafinyelelayo la kwelakithi, kodwa angisoze ngawafanisa namaphepha lawa abhala izindaba ngolimi lwakithi, kuqala kulo ILANGA leli ngokwehlukahlukana kwalo.
Yilapha engikwazi khona ukufunda kusukela ekhasini lokuqala ngize ngiyovala kwezemidlalo. Ngikuphonsela inselelo nawe ukuba uzihluphe ngokwakini, qede ukulondoloze, ukuvikele.