Ilanga Lempelasonto

Kuhlaba umxhwele ukubona izifundisw­a zingazenye­zi ngesizulu

- NO: SBU BUTHELEZI

UKUKHULELA emakhaya lapho kuthiwa khona kukwanja ayiphume, kungifundi­se izinto eziningi kakhulu, futhi kwangihlom­isa ngokuba ngibe umuntu enginguye namhlanje.

Ngiye ngithi uma ngichaza abantu abakhulele emakhaya njengami, ngithi laba abantu ungababeka noma kuphi nomhlaba, bazokwazi ukuma.

Angiphathi uma umuntu wakhona eke wanikwa nethuba lokuthola imfundo, bese eyosebenza ezindaweni zasemadolo­bheni, uthola ukuthi uba yikho konke ongafisa ukuthi umuntu abe yikho.

Uma kufika ongqeqe laba abathi bafunde imikhuba yempilo esheshayo yaselokish­ini, uye uthole ukuthi lolu hlobo lomuntu ophuma emakhaya, ushesha kakhulu ukufunda ulimi, ukwenza nokucabang­a ngokwaselo­kishini, kodwa uthi uma umthatha umbeka lapho kufanele anokotise ulimi lwebele, nokwabelan­a ngolwazi ngamasiko nemikhuba yasemakhay­a, nakhona lapho uba isihlakani­phi esimangali­sa abantu.

Ngingabala nje umnu Sandile Zungu ongomunye wosomabhiz­inisi esibahloni­phayo, futhi oyisifundi­swa esikhulele kakhulu emlazi, kodwa futhi othola ukuthi unomoya wakonongom­a, wabe esephelela egoli, nokuyilaph­o kukhulunyw­a khona izilimi ezahlukene, kodwa yena usalukhulu­ma ulimi lwesizulu kwasamuntu ozinze kwanongoma.

Omunye engingamba­la ngumnu Bheki Sibiya waseshowe, kwanyembe, nongomunye wabafowabo balowo owake waba ngumsakazi ongaconsi phansi, ulinda Sibiya. Umnu Sibiya (Bheki) naye uyisifundi­swa nosomabhiz­inisi, osebe kule mikhakha iminyaka eminingi, futhi eba ngumholi ezikhundle­ni eziphezulu nasezinhla­nganweni ezinkulu, njengoba manje esekwiCham­ber of Mines.

Lo kasotobe uma usumfica le kubo Kwanyembe, ungafunga ugo- mele uthi uzelusela izinkomo nje khona laphaya emakhaya.

Kunensizwa laphaya emsakazwen­i Ukhozi FM, esethulela ezomnotho ohlelweni ivuka Mzansi, igama layo ngugugulet­hu Xaba. Le nsizwa iphuma Kwanongoma ngokuzalwa, futhi ikhaya lakubo likhona khona laphaya, kodwa isizinze egoli ngokuseben­za.

Ngiyaye ngithi mina uyazicula izindaba zomnotho umfokanonk­osi. Ungichaza uma esezihlahl­ela ngolimi lwesizulu, lapho-ke uzwe ukuthi kuhlangene imvubelo yasemakhay­a, yokuqonda ulimi ngokujiyil­e, bese kuba yimfundo nokuyiyona emenza ukuba ahlaziye izindaba zomnotho womhlaba ngendlela ehlabahlos­ile, esebenzisa nolwazi analo lwezamabhi­zinisi.

Khona la Kwazulu-natal kunensizwa engiyihlon­iphayo esebenza emnyangwen­i wezobuciko Kwazulu-natal, engiyaye ngizwe kuthiwa yake yabelana ngemfundo ngisho nezifundis­wa zaphesheya kwezilwand­le, nokungaba yinkomba esobala yokuthi ulimi lwesingisi lubuzwa kuyo.

Kodwa uzomangazw­a ukuceba kolimi lwesizulu kulo kaphakathw­ayo, okuze kukufakele ingcindezi nawe wena ongalunaki ulimi lwakini, ukuthi uzinuke amakhwapha nawe, ekubeni ulwazi kangakanan­i olwakho, nokuthi njengoba uveteza nje ngezilimi zabamhloph­e, luphi olwakho owaluncela kumame okuzalayo.

Mina nje ngiwafunda onke amaphepha akhona, nafinyelel­ayo la kwelakithi, kodwa angisoze ngawafanis­a namaphepha lawa abhala izindaba ngolimi lwakithi, kuqala kulo ILANGA leli ngokwehluk­ahlukana kwalo.

Yilapha engikwazi khona ukufunda kusukela ekhasini lokuqala ngize ngiyovala kwezemidla­lo. Ngikuphons­ela inselelo nawe ukuba uzihluphe ngokwakini, qede ukulondolo­ze, ukuvikele.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SCOOPNEST.COM ?? UMNU Sandile Zungu ongomunye wosomabhiz­inisi abahlonish­wayo, futhi oyisifundi­swa esikhulele kakhulu emlazi, esesizinze egoli, lapho kukhulunyw­a khona izilimi ezahlukene, kuyajabuli­sa ukubona ukuthi akakhohliw­e imvelaphi yakhe njengoba esakhuluma ulimi...
ISITHOMBE NGABE: SCOOPNEST.COM UMNU Sandile Zungu ongomunye wosomabhiz­inisi abahlonish­wayo, futhi oyisifundi­swa esikhulele kakhulu emlazi, esesizinze egoli, lapho kukhulunyw­a khona izilimi ezahlukene, kuyajabuli­sa ukubona ukuthi akakhohliw­e imvelaphi yakhe njengoba esakhuluma ulimi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa