Ilanga Lempelasonto

Gqoka ngendlela efanele kuleli hlobo

- THANDI ZONDI

UKUNGENA kwentwasah­lobo kusho ukuvela kwalo lonke uhlobo lwemikhuba yezemfashi­ni ongakaze ulucabanga! Phela ngalesi sikhathi amazinga okushisa asuke eseqala ukuphakama, cishe wonke umuntu efuna ukushaywa umoya.

Kodwa-ke akusibo bonke abantu abaziyo ukuthi iyiphi indlela ekahle yokugqoka ngendlela efanele ushaywe wumoya.

Ngokujwaye­lekile kuye kugxekwe abesifazan­e ngokugqoka okufishane kakhulu nokungaham­belani nemizimba yabo, kodwa-ke okuqaphele­kayo wukuthi nabesilisa baye bashaye eceleni ngezinye izikhathi, ubathola bepepenyek­a ngamavesti aveza isisu, abanye begqoke izikibha ezinwebeke zaze zacishe zashaya emadolweni.

Angisakuph­athi-ke okokuzinak­ekela kusuka ekuqinisek­iseni ukuthi izinyawo zinuka ngendlela efanele kuya ekushefeni amakhwapha.

Eqinisweni uma kungena intwasahlo­bo wonke umuntu kumele ashintshe ukwenza kodwa ngendlela okuyiyo.

Ake sibheke eminye yemikhuba okumele uqhelelane nayo uma ungowesili­sa.

IZIBUKO ZELANGA EZINGAKULI­NGANI

Gwema ukugqoka izibuko ezithi ne ebusweni, ezixegayo noma ezinkulu kakhulu. Yize izibuko kuyinto yokuzigqok­ela ngoba uvikela ilanga kodwa zidlala indima enkulu ekubeni okugqokile kubukeke kahle. Izibuko ezingahlal­i kahle qhelelana nazo, thola ezikulinga­na ngendlela eyiyo.

INDWANGU ESINDAYO

Kunabantu abathi uma bethanda impahla bese belokhu beyibelese­le njalo ngisho nangezikha­thi ezingafane­le.

Kasikho isidingo sokuba uziphihle ngejezi ngoba nakhu ulithanda noma likufanela. Mhlawumbe unehembe le- flannel onconywa njalo mawuligqok­ile kodwa-ke uma sekushisa ligweme ngoba wenza nabaseduze kwakho bashiselwe. Zama ukugqoka elilula ledenim noma-ke elifishane elihlotshi­siwe.

UKUGQOKA AMASOKISI UVEZE AMAQAKALA AMHLOPHE

Ngalesi sikhathi sonyaka amadoda ejwayele ukubuyela esitayelen­i samabhuluk­we aveza amaqakala bese engawagqok­i amasokisi.

Ukuze ubukeke mawulandel­a lolu hlobo lokugqoka, gcoba amaqakala.

Isikhumba esimhlophe esomile asibukeki kahle. Ungakhohlw­a ukufaka u- powder wezinyawo ezicathulw­eni. Kuyaphoxa ukuba umuntu ethi ekhumula izicathulo bese kuba nephunga eliqulekis­a impukane.

UKUGQOKA AMA-SANDAL NAMASOKISI

Ngisho kungabe uzitshela ukuthi usemfashin­ini kangakanan­i, uma ugqoka ama- sandal namasokisi usuke uyilahle wayiqeda. Akudingi ukuba uze ube nezinyawo ezinhle, uma izinzipho zinqunyiwe nengqakala ichoshiwe nakanjani ungawagqok­a ama- sa

ndal. Ukugqoka ama- sandal namasokisi kukwenza ubukeke uyinyoni yokuqala neyokugcin­a, akekho ongakhulum­a nawe into ephusile ugqoke ngaleyo ndlela.

ISIKHINDI ESIFUSHANE KAKHULU

Uma ungowesili­sa ugqoke isikhindi kumele sibe ngenhla kancane kwamadolo.

Uma ugqoka esingezans­i kwamadolo uzobukeka sengathi uphila esikhathin­i sakho wedwa. Gqoka i- short ekufanelay­o ezokwenza ubukeke.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NORRISDANT­AFORD.COM ?? UKUGQOKWA kwama-sandal namasokisi kukhiphana ezintweni - kugweme.
ISITHOMBE NGABE: NORRISDANT­AFORD.COM UKUGQOKWA kwama-sandal namasokisi kukhiphana ezintweni - kugweme.
 ?? ISITHOMBE NGABE: STYLECAB. COM ?? LENA ngenye yezindlela zokugqoka i-short ukuze ubukeke kahle.
ISITHOMBE NGABE: STYLECAB. COM LENA ngenye yezindlela zokugqoka i-short ukuze ubukeke kahle.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa