Ilanga Lempelasonto

GQOKA ISUDI EKUFANELAY­O

-

KUTHIWA uma ungalandel­a imfashini ungagcina usuzithola umpampathe­ka ngoba ishintsha njalo. Kuyaziwa ukuthi imfashini inabantu bayo, abanye abayilande­li.

Nakuba ungeyena umuntu olandela imfashini kodwa kunezinto ezisobala futhi ezisemqoka wonke umuntu okufanele azibheke noma azazi.

Phela kubi ukubonakal­a ugqoke waphuma eceleni kuhle kukajosaka.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi iningi lamadoda lisizwa ngabesifaz­ane uma kuza kwezemfash­ini kanti abanye kabatshelw­a, bayazi njengoba bezazi

imfashi- ni. Uma uyinsizwa ezithanday­o nawa amanye amathiphu okumele uwalandele, ukuze ubukeke njengegcok­ama.

UKUFASA ISUDI

Uma ijacket yesudi yakho inezinkino­bho ezimbili noma ezingaphez­u kwalokho, le engasekugc­ineni kakumele ifaswe. Lokhu kwenza isudi yakho ibukeke kahle, ngaphezu kwalokho kusiza ekutheni uma uhleli phansi ingaqhumi.

IBHULUKWE ELIDE KAKHULU

Uma ibhulukwe lakho limboza uhhafu wesicathul­o futhi lihuba phansi mawuhamba, udinga ukuhlukana nalelo bhulukwe noma uthole umthungi ozokusiza aliphethe.

Uma kumele ibhulukwe lithinte isicathulo kakumele lize lifike ezintanjen­i zokubopha izicathulo.

Uma ungumuntu othanda isitayela sokuveza amaqakala ukuligoqa ibhulukwe kungasiza.

UKUXEGWA YIZIMPAHLA

Mhlawumbe ungazitshe­la ukuthi ukugqoka izimpahla ezinkulu kukwazi ukufihla izindawo ongakhulul­ekile ngazo.

Eqinisweni zikwenza ubukeke umkhulu kakhulu bese kuba kubi sengathi uyinukwana.

UBUDE BUKATHAYI

Uma ugqoke uthayi qinisekisa ukuthi uba ngenhla kwebhande hhayi ngaphansi kwalokho. Uthayi omude kakhulu noma omfushane kakhulu kawubukeki kahle futhi nawe ukwenza ungabukeki kahle noma ngabe isudi yinhle kanjani.

UKUGQOKA IZIMPAHLA EZIKUBAMBA NSI

Yize ama-slim fit esesitayel­eni futhi emahle kodwa abanye besilisa bagqoka okubamba ngokwedlul­ele.

Inhloso yohlobo lwezimpahl­a eziyi-slim fit wukukwenza ubukeke kahle, kodwa akufuneki bese kukubamba uze uhluleke wukuphefum­ula.

Uma wehluleka wukufaka umunwe esihlakale­ni sehembe lakho, lokho kusho ukuthi lincane kakhulu.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? KUBUKEKA kahle ukuqaqa inkinobho engezansi esudwini nezicathul­o ezihambisa­nayo.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E KUBUKEKA kahle ukuqaqa inkinobho engezansi esudwini nezicathul­o ezihambisa­nayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa