WOZA NAZO MZALA
SUKA MADODA! YASHIKILA NTOKAZI YAKWASHANDU KANDABA!
UMZALA uthanda ukuthatha leli thuba abonge kunomzamo Mbatha ngesibusiso asinikeze sona ngesonto eledlule emcimbini we-essence. Ubajabulisile abalandeli bakho ngokubakhombisa “egolgotha.”
Phela ziningi izinsizwa ezihlale ziphupha ngokubona le ndawo ekhethekile. Kuhle impela okwenze kulo mcimbi - uvele walilanda “igolgotha” walibeka obala. Siyabonga kakhulu Shandu kandaba, ume nje Mambatha. Kambe sizophinde sikubone kumuphi futhi umcimbi - kungenzeka phela usibonise kwenye indawo nje?
UNTENGA WENZA MSEBENZI MUNI KONJE?
SENGICELA incazelo-ke manje ngalo muntu okuthiwa ngusyanda Calvin Ntenga - ukuthi wenza ini ngempela ngempela. Ngimbone kuyo yonke imicimbi yeEssence ehla enyuka nosakhile Mhlonishwa Langa. Umzala uke wakubuza phambilini ukuthi yini oyenzayo ngempela kodwa wangaphumela obala. Kungenzeka yini ukuthi nawe ungomunye walolu sakabhudu oluzisondeza “kumama” ngoba lufuna amathenda kamasipala? Noma vele usuyindodana yakhe “umama.” Phela ngeke sisaqonda, selokhu engene esikhundleni sokuba yimeya nje udadewethu kuningi osekumbiza ngomama - ngivele ngidideke-ke ukuthi usisi wayezizale nini zonke lezi zintandane esezimbiza ngonina.
SAFA NISILETHELA ASEBEPHELELWE WUDUMO
WE bahleli balo mcimbi ongahlelekile okuthiwa yi-essence, seningabasola nje abantu ngokuthi abawuthandi umcimbi wenu kodwa kumele nizinuke nina amakhwapha kuqala. Nimqasha kanjani umuntu osewaphelelwa wushatini bese nilindela ukuba abantu basangane bakhiphe imali yabo bayobuka ujill Scott. Owanini nje ujill Scott bakwethu! Abanye abamazi, abanye sebamkhohlwa. Bengikhona E-ICC ngizwe abantu bebuzana bodwa bethi “ngubani yena lo abasilethele yena.” Nokho into enhle-ke iyanconywa - ngimshayela ihlombe oqhamuke nesu lokuba kulethwe UTD Jakes.
DJ TIRA SHIYA 'IMIKHOVU YAKHO' EKHAYA
NGISEKUWONA lo mcimbi, ningixolele angilwi nani wukuthi nje ngifuna sibonisane njengomndeni owodwa. Ngicela ukwazi ukuthi UDJ Tira yini lena abeyenza laphaya? Ngimbone ephithizela umcimbi uze waphela ehla enyuka nalolu sakabhudu lwakhe oluhlale lumlandela ungazi ukuthi lwenzani empilweni. Bengiqala ukubona utira ephithizela kanjeyana, ngisho emcimbini wakhe ifact Durban Rocks akaphithizeli kanje. Okubi ngokuphithizela kwakhe kuhlukumeza abantu abaningi ngoba ulandelwa wusakabhudu engingazi ukuthi luxoshwa yini emakhaya. Ngiyababona laba asebenza nabo, kodwa kukhona le genge engingayazi yenza ini ovele uthi uma uyibingelela ivele ithi “Siyi Afro” - ngiyasola sekuyimikhovu leyana.
UWADAYISILE AMACIKO T'ZOZO
ABACULI akuve bengamaxoki! Ut’zozo zolo lokhu ubethi ulwela abaculi abangaqashwa emicimbini kahulumeni kodwa kulo nyaka wavela kancane ekhala ngayo le Essence, ngemuva kwalokho wathula nya akaphindanga wakhuluma.
We T’zozo awusixoxele, usudlile yini? Phela kawukwazi ukuthula kanje kungekho okutholile - kuyacaca kukhona abakuvale ngakho umlomo.
Lalela-ke T’zozo, uyabona njengoba usuthule nje thula uze ufe ngoba uwudayisile umzabalazo wamaciko. Kodwa siyambonga lona okuthulisile, bese sikhathele nguwena uhlanganisa abaculi abazizamelayo udlala ngabo.