Ilanga Lempelasonto

WOZA NAZO MZALA

-

SUKA MADODA! YASHIKILA NTOKAZI YAKWASHAND­U KANDABA!

UMZALA uthanda ukuthatha leli thuba abonge kunomzamo Mbatha ngesibusis­o asinikeze sona ngesonto eledlule emcimbini we-essence. Ubajabulis­ile abalandeli bakho ngokubakho­mbisa “egolgotha.”

Phela ziningi izinsizwa ezihlale ziphupha ngokubona le ndawo ekhethekil­e. Kuhle impela okwenze kulo mcimbi - uvele walilanda “igolgotha” walibeka obala. Siyabonga kakhulu Shandu kandaba, ume nje Mambatha. Kambe sizophinde sikubone kumuphi futhi umcimbi - kungenzeka phela usibonise kwenye indawo nje?

UNTENGA WENZA MSEBENZI MUNI KONJE?

SENGICELA incazelo-ke manje ngalo muntu okuthiwa ngusyanda Calvin Ntenga - ukuthi wenza ini ngempela ngempela. Ngimbone kuyo yonke imicimbi yeEssence ehla enyuka nosakhile Mhlonishwa Langa. Umzala uke wakubuza phambilini ukuthi yini oyenzayo ngempela kodwa wangaphume­la obala. Kungenzeka yini ukuthi nawe ungomunye walolu sakabhudu oluzisonde­za “kumama” ngoba lufuna amathenda kamasipala? Noma vele usuyindoda­na yakhe “umama.” Phela ngeke sisaqonda, selokhu engene esikhundle­ni sokuba yimeya nje udadewethu kuningi osekumbiza ngomama - ngivele ngidideke-ke ukuthi usisi wayezizale nini zonke lezi zintandane esezimbiza ngonina.

SAFA NISILETHEL­A ASEBEPHELE­LWE WUDUMO

WE bahleli balo mcimbi ongahlelek­ile okuthiwa yi-essence, seningabas­ola nje abantu ngokuthi abawuthand­i umcimbi wenu kodwa kumele nizinuke nina amakhwapha kuqala. Nimqasha kanjani umuntu osewaphele­lwa wushatini bese nilindela ukuba abantu basangane bakhiphe imali yabo bayobuka ujill Scott. Owanini nje ujill Scott bakwethu! Abanye abamazi, abanye sebamkhohl­wa. Bengikhona E-ICC ngizwe abantu bebuzana bodwa bethi “ngubani yena lo abasilethe­le yena.” Nokho into enhle-ke iyanconywa - ngimshayel­a ihlombe oqhamuke nesu lokuba kulethwe UTD Jakes.

DJ TIRA SHIYA 'IMIKHOVU YAKHO' EKHAYA

NGISEKUWON­A lo mcimbi, ningixolel­e angilwi nani wukuthi nje ngifuna sibonisane njengomnde­ni owodwa. Ngicela ukwazi ukuthi UDJ Tira yini lena abeyenza laphaya? Ngimbone ephithizel­a umcimbi uze waphela ehla enyuka nalolu sakabhudu lwakhe oluhlale lumlandela ungazi ukuthi lwenzani empilweni. Bengiqala ukubona utira ephithizel­a kanjeyana, ngisho emcimbini wakhe ifact Durban Rocks akaphithiz­eli kanje. Okubi ngokuphith­izela kwakhe kuhlukumez­a abantu abaningi ngoba ulandelwa wusakabhud­u engingazi ukuthi luxoshwa yini emakhaya. Ngiyababon­a laba asebenza nabo, kodwa kukhona le genge engingayaz­i yenza ini ovele uthi uma uyibingele­la ivele ithi “Siyi Afro” - ngiyasola sekuyimikh­ovu leyana.

UWADAYISIL­E AMACIKO T'ZOZO

ABACULI akuve bengamaxok­i! Ut’zozo zolo lokhu ubethi ulwela abaculi abangaqash­wa emicimbini kahulumeni kodwa kulo nyaka wavela kancane ekhala ngayo le Essence, ngemuva kwalokho wathula nya akaphindan­ga wakhuluma.

We T’zozo awusixoxel­e, usudlile yini? Phela kawukwazi ukuthula kanje kungekho okutholile - kuyacaca kukhona abakuvale ngakho umlomo.

Lalela-ke T’zozo, uyabona njengoba usuthule nje thula uze ufe ngoba uwudayisil­e umzabalazo wamaciko. Kodwa siyambonga lona okuthulisi­le, bese sikhathele nguwena uhlanganis­a abaculi abazizamel­ayo udlala ngabo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa