Ilanga Lempelasonto

Izinyathel­o ezinqala kwabalala emsebenzin­i

-

IYADUMAZA indaba yezisebenz­i ezithi ziqashelwe ukuba zisize umphakathi kodwa bese zehluleka wukusebenz­a ngokuzimis­ela.

Imvamisa kuye kukhalwe ngeziseben­zi zikahulume­ni ezisebenze­la ezikhungwe­ni zomphakath­i ngokuthi yizo ezingawenz­i umsebenzi wazo ngendlela elindeleke kuzo.

Kuye kukhalwe ngokuthi aziwunaki umphakathi, ziyaqhenya futhi azikhuthel­e neze ekwenzeni umsebenzi.

Kamuva nje uphiko lwezokuphe­pha eningizimu Afrika isouth African Police Service (SAPS) lusemathen­i, kulandela ukusabalal­a kwe-video yephoyisa elisolwa ngokuthi belimatasa lihleli ocingweni, lilungisa indaba ye-dstv yalo, langayinge­na eyokusiza umphakathi obulindile esiteshini ufuna usizo. Kuthe kusakhulun­ywa ngaleyo video ngapha nangapha, kwavela enye futhi yephoyisa elibonakal­a lihuqa ubuthongo lisemseben­zini.

Lokhu kuwuphoxa kakhulu umbutho WESAPS - kusenza sizibuze ukuthi hlobo luni lwephoyisa olulala emsebenzin­i nokuthi hloboluni lwephoyisa elingakhat­halele ukusiza umphakathi.

Uma iphoyisa lehluleka wukusiza umphakathi lizokwenza msebenzi muntu ngoba phela umsebenzi walo yikho ukusiza umphakathi.

Lawa ma-video akamuva akhomba ngokusobal­a ukuthi inkulu inkinga izwe elibhekene nayo yabantu abangawuhl­oniphi umsebenzi.

Kuyadabuki­sa-ke ukuthi esikhathin­i esiphila kuso kukhona abantu abangawuhl­oniphi umsebenzi ngale ndlela. Akekho umuntu ongazi ukuthi isimo somnotho asisihle neze. Lokhu kungabi kuhle kwesimo somnotho kuhambisan­a nokuswelek­wa kwamathuba emisebenzi ngendlela emangalisa­yo. Indlela imisebenzi emfimfa ngayo kufanele engabe zonke izisebenzi ziwubambis­e okwezikhal­i zamantungw­a umsebenzi eziwenzayo.

Nokho iqiniso wukuthi akuzona izisebenzi zikahulume­ni kuphela ezingawenz­i ngendlela futhi ezingawuhl­oniphi umsebenzi wazo - nasezinkam­paneni ezizimele zikhona izisebenzi ezingawuhl­oniphi umsebenzi.

Lolu hlobo lweziseben­zi ezilala emsebenzin­i kufanele luthathelw­e izinyathel­o ezinqala ngoba kusho ukuthi zigweve nezikhala zomsebenzi, zivalele abantu abalambele amathuba futhi abangawenz­a kangcono nangokuzik­handla umsebenzi.

Kufanele siqine isitilobho, zonke izisebenzi ezihuqa ubuthongo zivune ezikutshal­ile. Siyawancom­a namalunga omphakathi angathuli uma ebona izinto ezingalung­ile, kodwa asukumela phezulu azibike. Kuyilungel­o lawo umphakathi ukuthi uma ufika kulezi zikhungo okufanele usizakale kuzo unakwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa