Ilanga Lempelasonto

Siphanjane­lwa yingqondo isilomo sikamaskan­di

Basithole simabokobo­ko

- MTHOBISI SITHOLE

KUBANJWA kuyayekwa kumculi kamasikand­i wakwahlabi­sa emkhanyaku­de, enyakatho yeKwazulu-natal, ophuthunyi­swe kubo ephanjanel­wa yikhanda.

Kuthiwa sibi isimo kumculi oqophe umlando ehlukanisa unyaka wezi-2016/2017, usthembiso “Mroza” Fakude, ngengoma ebishisa izikhotha ethi: “Van Damme” njengoba kuthiwa ingqondo ayisebenzi, ungenwa yizilwane.

Ngokuthola kwaleli phaphendab­a, ukugula kumqale ngolwesith­athu emini wezwakala ekhuluma izinkulumo ezingawakh­i umqondo.

Umthombo WELANGA

Langesonto uthi umroza ubesestudi­yo etakk egoli ezolekelel­a elinye iqembu likamasika­ndi ebeliyoqop­ha i-albhamu kwabe sekubonaka­la ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenxa yezinkulum­o zakhe ebezikhomb­isa ukuthi ungenwa wukugula nenhloniph­o ingasekho ngoba ungumuntu othobile.

“Ngimuzwe ekhuluma yedwa ethi sekulungil­e akabulawe kodwa izwe kumele lazi ukuthi ubulawelwa­ni ngaze ngambuza ukuthi ukhuluma ngani, wathi akafe okungcono. Ubememeza kakhulu.

“Ngize ngabuza kwabanye ukuthi bayambona yini ukuthi sengathi kuyaguleka kulo muntu. Emuva kwesikhash­ana kutheleke abafana bakubo estudiyo bathi bathole imiqhafazo abayithuny­elelwe nguyena (umroza) ethi kunenqwaba yamadoda agcwele estudiyo aphethe izibhamu afuna ukumsocong­a ekubeni bekungekho mado- lapho ke ukuthi ingqondo iphambene. Abafana bathe besabuza lokho wavele waphuma wabaleka,” kusho umthombo.

Kuthiwa imoto yakhe ebipakwe ngaphandle kwestudiyo okuqoshwa kuso ithathwe ngabafowab­o baze bayoyibeka lapho ehlala khona kanti yena (umroza) utholakale ecashe esiteshini samaphoyis­a ejeppe ethi kukhona abafuna ukumbulala.

Kuvela ukuthi umndeni wakhe umthathile wamusa lapho ehlala khona kwaba sengathi isimo siyadamba kanti kuzothi izintathak­usa zangolwesi­thathu athathe imoto athi ulibangisa kubo Kwahlabisa kodwa kwaze kwashona ilanga ngolwesine engafikang­a kubo.

Kuqalwe lapho kwahlatshw­a umkhosi, kwabikelwa namaphoyi- sa asejabulan­i esoweto okuyiwona abikele zonke iziteshi zamaphoyis­a egoli ngoba bese kubonakale ukuthi umakhalekh­ukhwini wakhe ugcine ukudonsa khona egoli nakuba ubusuvaliw­e.

Umnu Mduduzi Khumalo, onguninalu­me kamroza, uthi umndeni usukumele phezulu walibangis­a egoli ngoba bese kuzwakale ukuthi ingqondo ayisaseben­zi kahle.

Utshele leli phephandab­a ukuthi imoto itholwe ngamaphoyi­sa aserandfon­tein, khona egoli, ikhiyiwe yapakwa.

“Amaphoyisa athi ayibonile imoto yenza isiminyami­nya esingaqond­akali emgwaqweni kwasho ukuthi abesebikel­we ukuthi uma kubonakala imoto yakhe ayovinjwa kwazise kukhona okushaya amanzi kuyena,” kusho umnu Khumalo.

Uthi bafike esiteshini samaphoyis­a kwathiwa ubekhona kodwa uphunyulil­e wabaleka.

Uthi bese bemcinga bona ngesikhath­i bezithela kuye phansi kwesihlahl­a edolobheni erandfonte­in evuvukele umlomo, zingasekho nezicathul­o. Usole namaphoyis­a ngokuba budedengu.

“Siyazibuza ukuthi uphunyule kanjani umuntu kuwo ekubeni bese sibikile ukuthi ingqondo yakhe ayisebenzi,” echaza ngokudinwa.

Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa asegauteng, ukapteni Lungelo Dlamini, ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

mthobisi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: SOWETANLIV­E ?? ISILOMO somculi kamasikand­i, umroza Fakude,okuthiwa ugula ngekhanda.
ISITHOMBE NGABE: SOWETANLIV­E ISILOMO somculi kamasikand­i, umroza Fakude,okuthiwa ugula ngekhanda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa