Siphanjanelwa yingqondo isilomo sikamaskandi
Basithole simabokoboko
KUBANJWA kuyayekwa kumculi kamasikandi wakwahlabisa emkhanyakude, enyakatho yeKwazulu-natal, ophuthunyiswe kubo ephanjanelwa yikhanda.
Kuthiwa sibi isimo kumculi oqophe umlando ehlukanisa unyaka wezi-2016/2017, usthembiso “Mroza” Fakude, ngengoma ebishisa izikhotha ethi: “Van Damme” njengoba kuthiwa ingqondo ayisebenzi, ungenwa yizilwane.
Ngokuthola kwaleli phaphendaba, ukugula kumqale ngolwesithathu emini wezwakala ekhuluma izinkulumo ezingawakhi umqondo.
Umthombo WELANGA
Langesonto uthi umroza ubesestudiyo etakk egoli ezolekelela elinye iqembu likamasikandi ebeliyoqopha i-albhamu kwabe sekubonakala ukuthi kukhona okushaya amanzi ngenxa yezinkulumo zakhe ebezikhombisa ukuthi ungenwa wukugula nenhlonipho ingasekho ngoba ungumuntu othobile.
“Ngimuzwe ekhuluma yedwa ethi sekulungile akabulawe kodwa izwe kumele lazi ukuthi ubulawelwani ngaze ngambuza ukuthi ukhuluma ngani, wathi akafe okungcono. Ubememeza kakhulu.
“Ngize ngabuza kwabanye ukuthi bayambona yini ukuthi sengathi kuyaguleka kulo muntu. Emuva kwesikhashana kutheleke abafana bakubo estudiyo bathi bathole imiqhafazo abayithunyelelwe nguyena (umroza) ethi kunenqwaba yamadoda agcwele estudiyo aphethe izibhamu afuna ukumsoconga ekubeni bekungekho mado- lapho ke ukuthi ingqondo iphambene. Abafana bathe besabuza lokho wavele waphuma wabaleka,” kusho umthombo.
Kuthiwa imoto yakhe ebipakwe ngaphandle kwestudiyo okuqoshwa kuso ithathwe ngabafowabo baze bayoyibeka lapho ehlala khona kanti yena (umroza) utholakale ecashe esiteshini samaphoyisa ejeppe ethi kukhona abafuna ukumbulala.
Kuvela ukuthi umndeni wakhe umthathile wamusa lapho ehlala khona kwaba sengathi isimo siyadamba kanti kuzothi izintathakusa zangolwesithathu athathe imoto athi ulibangisa kubo Kwahlabisa kodwa kwaze kwashona ilanga ngolwesine engafikanga kubo.
Kuqalwe lapho kwahlatshwa umkhosi, kwabikelwa namaphoyi- sa asejabulani esoweto okuyiwona abikele zonke iziteshi zamaphoyisa egoli ngoba bese kubonakale ukuthi umakhalekhukhwini wakhe ugcine ukudonsa khona egoli nakuba ubusuvaliwe.
Umnu Mduduzi Khumalo, onguninalume kamroza, uthi umndeni usukumele phezulu walibangisa egoli ngoba bese kuzwakale ukuthi ingqondo ayisasebenzi kahle.
Utshele leli phephandaba ukuthi imoto itholwe ngamaphoyisa aserandfontein, khona egoli, ikhiyiwe yapakwa.
“Amaphoyisa athi ayibonile imoto yenza isiminyaminya esingaqondakali emgwaqweni kwasho ukuthi abesebikelwe ukuthi uma kubonakala imoto yakhe ayovinjwa kwazise kukhona okushaya amanzi kuyena,” kusho umnu Khumalo.
Uthi bafike esiteshini samaphoyisa kwathiwa ubekhona kodwa uphunyulile wabaleka.
Uthi bese bemcinga bona ngesikhathi bezithela kuye phansi kwesihlahla edolobheni erandfontein evuvukele umlomo, zingasekho nezicathulo. Usole namaphoyisa ngokuba budedengu.
“Siyazibuza ukuthi uphunyule kanjani umuntu kuwo ekubeni bese sibikile ukuthi ingqondo yakhe ayisebenzi,” echaza ngokudinwa.
Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa asegauteng, ukapteni Lungelo Dlamini, ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
mthobisi@ilanganews.co.za