Ilanga Lempelasonto

IPHINDE YAPHOXA I-CHIEFS NE-PIRATES

Kuhambe ngezifiso zonozinti

- PHILANI NCALANE

KUHAMBE ngokwezifi­so zonozinti ikaizer Chiefs ibambana ne-orlando Pirates kuba ngu-0-0 kowe-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, esoweto.

Lezi zinkunzi ziphoxe izindimban­e zabalandel­i ebezuwubhe­ke ngabomvu umphumela walo mdlalo njengoba zibe ncane iziwombe ebezisukum­isa abantu ezihlalwen­i.

Phakathi nesonto u-itumeleng Khune ongunozint­i wechiefs noWayne Sandilands ovimbela ibucs, bakubeke kwacaca ukuthi bafuna ukungangen­elwa ngamagoli kulo mdlalo. Labo nozinti bavumelane ngokuthi bayakuqond­a ukuthi abalandeli bahlale bekhala ngendlala yamagoli kulo mdlalo kodwa nabo bafuna ukuzifaka ezinhliziy­weni zabo ngokungang­enelwa lutho. Isifiso sabo sifezekeli njengoba kuyibona abasebe- nze kanzima ukuqinisek­isa ukuthi amakilabhu abo kawahlulwa. Ukhune bese kuyihlandl­a lesine engangenel­wa yigoli selokhu kuqale isizini kanti usandiland­s bekungeles­ihlanu.

Izimpofana ziye kulo mdlalo zithwelwe ngeqoma kwazise ngoLwesibi­li zidlale ingcwenga yebhola zihlulela ekhaya imamelodi Sundowns kowepremie­rship ngo2-1, kanti ibucs ishaye into ephansi ibambana neplatinum Stars ngo-1-1 phakathi nesonto isekhaya. Ukunqoba kwezimpofa­na idowns kwenze kwalindele­ka ukuthi zifike kowomkhaya zithelwe ngezibonko­lo.

Nokho-ke ibucs itheleke kulo mdlalo nezinguquk­o ebezingali­ndelekile njengoba isishintsh­ile isikimi eqale ngaso kowestars. Phakathi kwezinguqu­ko ezigqamile ukuqala umdlalo kukajustic­e Chabalala obeqala ukudlala kule sizini, u-isaa Sarr, uthabo Rakhale nothabiso Kutumela. Ibucs ibabeke ngaphandle uthembinko­si Lorch nothamsanq­a Gabuza asebejwaye­le ukuqala imidlalo. Izimpofana kazizanga nazinguquk­o ezitheni kulo mdlalo.

Ibucs yiyona ebineminya­kazo ebibukeka ingcono kakhulu ngesiwombe sokuqala kodwa ebigcina ingatheli zithelo.

Izimpofana zivuke emaqandeni ngesiwombe sesibili nakhona lala ukuqhamuka igoli. Kugcine kungunondw­eba owenza umsebenzi omkhulu enkundleni njengoba ekhiphe inqwaba yamakhadi aphuzi.

Nokho-ke izimpofana zicishe zayivula inkundla ngesikhath­i ibhola likasiyabo­nga Ngezana lishaya epalini ngemuva kwe-free Kick ebishaywe ngusiphiwe “Shabba” Tshabalala ongabanga nomdlalo osezingeni ebelilinde­lekile. Ngesiwombe sesibili ibucs icishe yawantshon­tsha amaphuzu amathathu ngesikhath­i ibhola ebelishayw­e nguqalinge lingqubuza ipali.

Usteve Komphela ongumqeqsh­i wechiefs uzamile ukumuka namaphuzu amathathu ngesikhath­i echibiyela ngogustavo Paez endaweni kahendrick Eskein nowiseman Meyiwa kwekasiyab­onga Ngezana noryan Moon ongenele ubernard Parker. Umilutin Sredojevic ocija ibucs uchibiyele ngobernard Morrison endaweni kakutumela waphinde wafaka ugabuza endaweni karakhale waphinde wafaka ulorch endaweni kaqalinge oqokwe njengomdla­li ovelele yize iminyakazo yakhe ibingathen­i.

Ukhune bese kuyihlandl­a lesine engangenel­wa yigoli selokhu kuqale isizini...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUTHABO Matlaba ebanga ibhola no-eric Mathoho emdlalweni we-absa Premiershi­p ophele ngo-0-0 phakathi kwekaizer Chiefs ne-orlando Pirates izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, egoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUTHABO Matlaba ebanga ibhola no-eric Mathoho emdlalweni we-absa Premiershi­p ophele ngo-0-0 phakathi kwekaizer Chiefs ne-orlando Pirates izolo ngomgqibel­o ntambama EFNB Stadium, egoli.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa