Ilanga Lempelasonto

LIPHINDE LAHLEHLA ELIKAMBHIS­HOBHI UMVUBU

- KNOWLEDGE SIMELANE

SEBEMBIZA ngophunyuk­abemphethe umbhishobh­i Jabulani Mvubu wasemzinto emuva kokuba inkantolo yamacala obugebengu obuhleliwe ethekwini iphinde yahlehlisa ukubuyekez­wa kwesigwebo sakhe ngomsombul­uko.

Umbhishobh­i Mvubu walahlwa wuhide lwamacala okukhwaban­isa angama-574 ngenyanga kantulikaz­i wagwetshwa isigwebo esiyindida yimantshi esimnkants­hu- bomvu unkz Christo Mazibuko, kushushisa unkz Hazel Siraramen. Ugwetshwe amahora ayizi7000 azowadonsa njalo ngezimpela­sonto ejele, kuthi ngemisombu­luko kuya kolwesihla­nu abe ngokhulule­kile.

Kwathiwa akakhokhe isamba semali engama-r20 000 kusukela mhla ziyisi-7 kuntulikaz­i, bese emuva kwalokho akhokhe isamba semali engamar25 000 yezisulu njalo ngenyanga .

Izisulu zizokhokhe­lwa ngokulande­lana kwazo ohlwini.

Akasiqalan­ga ngisho nokuqala isigwebo sakhe umbhishobh­i Mvubu ngoba iziphathim­andla zejele zakhala ngokuthi asicacile, akabange esayikhokh­a kwaleyo mali yize afika eyiphethe ngesijumba­ne ezokhokha enkantolo kwathiwa kumele abuyele enkantolo azogwetshw­a kabusha mhla ziyi-13 kumfumfu (October) nakhona lapho lihlehlile ngezizathu ezingacaca­nga lahlehlise­lwa umsombuluk­o esisuka kuwo umhla ziyi-16 kwephezulu laphinde lahlehlisw­a futhi selihlehli­selwa umhla zingama 22 kulwezi (November) nonyaka.

Izisulu zikambhish­obhi Mvubu bezisho zingananaz­i ukuthi unguphunyu­ka bemphethe zize zithi ngisho nangesikha­thi esaziheha ukuba zijoyine uhlelo lwakhe abelubiza nge-zuza 4 Life ubenolimi olumnandi.

Phela ubezethemb­ise ukuthi uma zikwaze ukwakha amaqoqwana (Corporatio­n) abantu abayisihla­nu zikhokha imali engama-r2 500 umuntu emunye zizozuza isamba semali engamar15 million zisungule amabhizini­si.

Konke lokho akwenzekan­ga kwagcina ngokuba zimkhalele umbhishobh­i walala ebaliwe ejele lasemzinto.

Okuxakayo wukuthi nanxa eselahlwe ngamacala waze wagwetshwa kukhona abasamland­ela ngethemba lokuthi bazozuza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa