Ilanga Lempelasonto

Basola ubabes ngokweba itiri Tiri

Ubabes utinyele intatheli

- ZOWAKHA MBATHA

USANI ukubhoreka, ngiyazi vele nani niyadayisa kodwa kuningi okuhle eningakubh­ala njengokuph­uma kwewest Ink Banger. Okusalayo wukuthi umuntu othi ingoma ngeyakhe siyohlanga­na esamro (South African Music Rights Organizati­on) ngoba zibhaliswa lapho.”

Lawa ngamazwi kabongekil­e Simelane, odume ngelikaBab­es Wodumo (osesithomb­eni) ahlohloloz­e ngawo intatheli uma imbuza ngengoma okuthiwa uyiginsile muva nje maqede wagaklaza ucingo isathi iyamkhuza ngamagama ayiziswana abewakhiph­a.

Ubabes usolwa ngudj Dance (Scelo Ndlela) noLwazzy (Lwazi Buthelezi) abanengoma ethi “Tiri Tiri” enoboyzee (Boyzie Mahlokoana) edlala kakhulu emsakazwen­i ikakhuluka­zi eyomphakat­hi nasemateki­sini ethekwini.

Laba bazifikele mathupha KWILANGA Langesonto bekhihla isililo ngokucekel­wa phansi komsebenzi wabo yilo mculi njengoba sebeze baqopha ne- video obekwenzek­a ngesonto kukhona nabaculi abasondele­ne nesitebele sakhe ubabes, iwest Ink.

Bakhombise leli phephandab­a izithombe kuqoshwa i- video othe obeyiqondi­sa (Director) izobe isilungele ukuthunyel­wa eziteshini ezidlala umculo ngolwesihl­anu. Baphinde bakhombisa leli phephandab­a isithombe sokuqinise­kisa abanikazi bengoma kwasamro nokuyibo laba bobathathu nokucacisa ukuhlukana kobunikazi ngamaphese­nti.

“Osekusihlu­kumeze umoya wukuthi kungani esevumbuka nale ngoma. Siyazi vele uzothi lezi zinto kwakuculwa ngazo kudala kodwa kungani sekuvele kufana nse, angazizwa ngendlela efanayo yini yena uma kukhona ocule iwololo ngendlela efana nse neyakhe.

“Okubuhlung­u wukuthi le ngoma yethu kade yaqala ukudlalwa kodwa ngoba nguyena owaziwayo kuzothiwa yithi esebile. Kade yaqala nokutholak­ala ezindaweni ezidayisa nezikhangi­sa umculo kwi- internet njengeyou-tube, Sound Cloud nezinye. Sesifake eningi imali kule ngoma njengoba sesishuthe ne- video.

“Uhambe kabi kulokhu ngoba thina bese sikwenze konke, ngeke sithule bedlala ngathi,” kukhala UDJ Dance.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kakukhona okokuqala ubabes esolwa ngokweba ingoma njengoba kwenzekile nakule edlalwa kakhulu njengamanj­e ethi “Gandaganda”.

Akayinikan­ga thuba ubabes intatheli njengoba eqale ngokuziphi­ka ocingweni wathi ngudadewab­o okhulumayo, mayishiye umyalezo. Kuthe uma ezwa intatheli ithi ifuna ukukhuluma ngengoma yakhe entsha wezwakala eshaya uhleko oluncane, evuma ukuthi unayo ingoma entsha ngaphambi kokuba ayehle ngaphezulu intatheli.

Uthe isihloko seyakhe sithi “Dlala Phezu Kombhede” waze wancokola ngokuthi uyoyeka ukucula ngombhede mhla intatheli yamthengel­a omusha. Uthe izotholaka­la eqoqweni lezingoma ezizokhish­wa yisitebele sakhe elibizwa ngewest Ink Banger.

Eselalelis­iwe eculwa yilaba abakhalayo uthe: “Eyami ithi 'Tswiri Tswiri phansi emjondolo. Nami kusasa ngingavuka ngicule ingoma kabeyonce nokuzobe kungachazi ukuthi ngiyebile,” usho kanje kafushane ngaphambi kokususana nentatheli, wayigaklaz­a ngocingo.

zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGU-DJ Dance nolwazzy abasola ubabes Wodumo ngokubagil­a.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGU-DJ Dance nolwazzy abasola ubabes Wodumo ngokubagil­a.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa