Ubhuntshiswe yizimali okadj Webster
Uthi akalutholanga uxhaso olwanele
UBHUNTSHE ngenxa yezinkinga zemali umcimbi owenzeka minyaka yonke, igingindlovu Music Festival.
Lo mcimbi, owenziwa yinkampani kavukani Maketa, owaziwa ngelikaDJ Webster, Impilo Entertainment, obuzobe wenzeka okwesithathu kulo nyaka, bekumele ube sekupheleni kwenyanga kodwa ngeke usabakhona.
Uqale ngegiya eliphezulu ngonyaka wezi-2015, lapho bewubophele khona izinkakha ezahlukene zabaculi. Ngonyaka odlule uqhubekile kodwa izinto zangafana njengoba bekunamaphutha amaningi. Amanye amaphutha kube wukungafiki kwabanye abaculi ababelindelwe ngabomvu.
Lokhu kudale ukuba lo mcimbi uthathwe njengobhedile.
Ngonyaka odlule ILANGA Langesonto libike ukuthi kunamaciko abekhala ngokuthi azibona ezikhangisweni zalo mcimbi ebe engazi lutho ngawo.
Kubikwe nokuthi enye yezinkinga ezikhona ngalo mcimbi wukungakhokheleki kwabaculi nokushoda kwezinsiza kusebenza.
UDJ Webster uzifikele mathupha emahhovisini ELANGA ukuzochaza ngokubhuntsha kwalo mcimbi.
Ukhale kakhulu ngokungabikhona kwezimali, wathi lo mcimbi udinga imali enkulu ukuze wenzeke. Uthi ekuwuqaleni kwakhe ubengazitsheli ukuthi uzoba nezinkinga eziningi kangaka.
“Umuntu ufunda ngamaphutha, ngibonile ukuthi uma kuhlelwa umcimbi kusuke kungadlalwa,” kuchaza uwebster.
Ukhale ngokuthi uxhaso alutholayo ngalo mcimbi luncane kakhulu kanti nalo ubeluthola kumasipala wasemandeni kuphela.
“Lo mcimbi udinga imali engaphezu kwesigidi samarandi kanti umasipala awunayo leyo mali, yikhona lokhu okugcine kwenza kube nezinkinga eziningi,” kuqhuba uwebster.
Uvumile ukuthi kukhona abaculi abangakhokhelwanga, abanye uthi wabakhokhela kodwa bangafika nokwagcina kone igama lomcimbi.
Phakathi kwalabo angabakhokhelanga kubalwa uthina Zungu, ukhuzani Mpungose nodj 15.
“Abaculi abafana nokhuzani angikaze ngibakhokhele selokhu waqala lo mcimbi. Kumanje ngishaywa ngamahloni ngokulokhu ngibathembisa into engekho,” kuchaza uwebster.
Uthi yikhona lokhu okwenze ukuba ibhuntshe igingindlovu Festival kulo nyaka.
Uphinde waveza nokuthi uma isibuya ngonyaka ozayo izobe isibizwa ngelinye igama kanti nenyanga ayenza ngayo uzoyishintsha.
Uthi inhloso yakhe yokushintsha inyanga ayenza ngayo wukuthi usefuna ukuwenza sekuvalwe izikole nabanye abantu sebevalile emse- benzini. Lo mcimbi usuzoba ekupheleni kukalwezi (November) ngonyaka ozayo.
Yize noma ekuvezile ukuthi igama selizoshintsha kodwa akavumanga ukusinika elisha nezizathu zokushintsha kwalo. Uyivumile induku kwezebhizinisi, wathi ushayeke kakhulu kodwa usefundile.
“Ukuhlela imicimbi akuyelwa esikoleni yingakho nje kuthiwa umuntu ufunda kanzima. Kulo nyaka wonke angenzanga lutho ngizama ukulungisa amaphutha engiwenzile phambilini,” kuphetha uwebster.
Uxolise kakhulu kubalandeli balo mcimbi kodwa wathi lukhulu azobuya nakho ngonyaka ozayo.
makhoba@ilanganews.co.za