Ilanga Lempelasonto

Ubhuntshis­we yizimali okadj Webster

Uthi akaluthola­nga uxhaso olwanele

- SANDILE MAKHOBA

UBHUNTSHE ngenxa yezinkinga zemali umcimbi owenzeka minyaka yonke, igingindlo­vu Music Festival.

Lo mcimbi, owenziwa yinkampani kavukani Maketa, owaziwa ngelikaDJ Webster, Impilo Entertainm­ent, obuzobe wenzeka okwesithat­hu kulo nyaka, bekumele ube sekuphelen­i kwenyanga kodwa ngeke usabakhona.

Uqale ngegiya eliphezulu ngonyaka wezi-2015, lapho bewubophel­e khona izinkakha ezahlukene zabaculi. Ngonyaka odlule uqhubekile kodwa izinto zangafana njengoba bekunamaph­utha amaningi. Amanye amaphutha kube wukungafik­i kwabanye abaculi ababelinde­lwe ngabomvu.

Lokhu kudale ukuba lo mcimbi uthathwe njengobhed­ile.

Ngonyaka odlule ILANGA Langesonto libike ukuthi kunamaciko abekhala ngokuthi azibona ezikhangis­weni zalo mcimbi ebe engazi lutho ngawo.

Kubikwe nokuthi enye yezinkinga ezikhona ngalo mcimbi wukungakho­kheleki kwabaculi nokushoda kwezinsiza kusebenza.

UDJ Webster uzifikele mathupha emahhovisi­ni ELANGA ukuzochaza ngokubhunt­sha kwalo mcimbi.

Ukhale kakhulu ngokungabi­khona kwezimali, wathi lo mcimbi udinga imali enkulu ukuze wenzeke. Uthi ekuwuqalen­i kwakhe ubengazits­heli ukuthi uzoba nezinkinga eziningi kangaka.

“Umuntu ufunda ngamaphuth­a, ngibonile ukuthi uma kuhlelwa umcimbi kusuke kungadlalw­a,” kuchaza uwebster.

Ukhale ngokuthi uxhaso alutholayo ngalo mcimbi luncane kakhulu kanti nalo ubeluthola kumasipala wasemanden­i kuphela.

“Lo mcimbi udinga imali engaphezu kwesigidi samarandi kanti umasipala awunayo leyo mali, yikhona lokhu okugcine kwenza kube nezinkinga eziningi,” kuqhuba uwebster.

Uvumile ukuthi kukhona abaculi abangakhok­helwanga, abanye uthi wabakhokhe­la kodwa bangafika nokwagcina kone igama lomcimbi.

Phakathi kwalabo angabakhok­helanga kubalwa uthina Zungu, ukhuzani Mpungose nodj 15.

“Abaculi abafana nokhuzani angikaze ngibakhokh­ele selokhu waqala lo mcimbi. Kumanje ngishaywa ngamahloni ngokulokhu ngibathemb­isa into engekho,” kuchaza uwebster.

Uthi yikhona lokhu okwenze ukuba ibhuntshe igingindlo­vu Festival kulo nyaka.

Uphinde waveza nokuthi uma isibuya ngonyaka ozayo izobe isibizwa ngelinye igama kanti nenyanga ayenza ngayo uzoyishint­sha.

Uthi inhloso yakhe yokushints­ha inyanga ayenza ngayo wukuthi usefuna ukuwenza sekuvalwe izikole nabanye abantu sebevalile emse- benzini. Lo mcimbi usuzoba ekupheleni kukalwezi (November) ngonyaka ozayo.

Yize noma ekuvezile ukuthi igama selizoshin­tsha kodwa akavumanga ukusinika elisha nezizathu zokushints­ha kwalo. Uyivumile induku kwezebhizi­nisi, wathi ushayeke kakhulu kodwa usefundile.

“Ukuhlela imicimbi akuyelwa esikoleni yingakho nje kuthiwa umuntu ufunda kanzima. Kulo nyaka wonke angenzanga lutho ngizama ukulungisa amaphutha engiwenzil­e phambilini,” kuphetha uwebster.

Uxolise kakhulu kubalandel­i balo mcimbi kodwa wathi lukhulu azobuya nakho ngonyaka ozayo.

makhoba@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UVUKANI Maketa, odume ngelikadj Webster, uvuma izinkinga kwigingind­lovu Music Festival.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UVUKANI Maketa, odume ngelikadj Webster, uvuma izinkinga kwigingind­lovu Music Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa