Ilanga Lempelasonto

KWEMBULWA KWEMBESWA KUMCULI WE-AVANTE

- SANDILE MAKHOBA

KUBONWA ngokusa elungeni leqembu lomculo wokholo, i-avante.

Umthombo othembekil­e weLANGA Langesonto usipotshoz­ele ukuthi ulucky Cele ( osesithomb­eni) ubangwa nezibi, akasakwazi ngisho nokukhulum­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi i-avante ike yaba neshwa lokuhanjel­wa emhlabeni ngamanye amalunga alo. Ngonyaka wezi2011 kudlule usphiwe Khanyile kwasala ulucky Cele, ujames Langa nolinda Gcwensa.

Eminyakeni emibili edlule kuke kwabikwa ukuthi ulinda uyagula, ngemuva kwalokho wabandakan­yeka engozini yemoto.

Phezu kwazo zonke lezi zingqinamb­a, leli qembu liqhubekil­e layibamba laze lengeza amanye amalunga.

Ethintwa ulinda mayelana nodaba lukalucky, uwaqinisek­isile amahlebezi okugula kwakhe, wathi kade agcina nokumbona.

“Yena akaphathek­ile kahle, izolo ngike ngazama ukumfonela angikwazan­ga ukukhuluma naye ngoba amandla okukhuluma ubengenawo. Bebekwesin­ye sezibhedle­la ethekwini benenkosik­azi yakhe, ” kuchaza ulinda.

Uthe uma sifuna imininingw­ane emayelana nokugula kwakhe singaxhuma­na nenkosikaz­i yakhe.

Ethintwa umkakhe, usharon, akazange ashone le nale kodwa ubonge unkulunkul­u wathi bekukubi kodwa isimo sesingcono kakhulu kunakuqala.

“Useyelulam­a yena, isimo besisibi kakhulu kodwa sibonga unkulunkul­u ngoba uselulamel­a ekhaya,” kuchaza usharon.

Ngesikhath­i sifona uthe akekho eduze kwakhe, wathi umshiye nabafowabo.

Ukuqinisek­isile ukuthi akatholaka­li ocingweni lwakhe kodwa uthe luzolunga maduze. Leli qembu lisanda kusayina ngaphansi kwesitebel­e sikaprofes­sor, iproper Files.

Kwi-albhamu yabo entsha, okulindele­ke ukuba iphume ungakaphel­i lo nyaka, kunengoma abayenze nenkakha yaphesheya kwezilwand­le, udonald Jones.

Ulinda uthi umsebenzi awuphazami­sekile njengoba amanye amalunga ephila saka. Wonke amalunga e-avante adabuka Kwamashu, enyakatho yetheku.

makhoba@ilanganews.co.za

Useyelulam­a yena, isimo besisibi kakhulu kodwa sibonga unkulunkul­u...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa