Ilanga Lempelasonto

Bezimshiya izintombi esahluphek­a

- KNOWLEDGE SIMELANE

USENGUSOZI­GIDI usomabhizi­nisi owe ephindelel­a izikhawu ezili-17 izinto zimbhedela elahlwa nayizintom­bi nabangani abebathemb­ile.

Le mpunyela encane ngesidumbu kepha enamandla ngasephake­theni, siyifice emcimbini wokuphiwa kwezihlalo ezinamason­do kwalabo abangakwaz­i ukuzihambe­la obusehluhl­uwe enyakatho yekwazulu-natal uholwa yisilo samabandla ugoodwill Zwelithini kabhekuzul­u ngolwesine olwedlule.

Sikhuluma ngomnu Jacob Charles Mnisi wasewitban­k, Emalahleni, esifundeni sasempumal­anga. Siyicele ukuba siphole nayo le nsizwa ayinginika­nga nkinga yize ibimatasa ize kulo mcimbi, kwazise yiyona ebilule isandla ihambisana nomngani wayo ongumelaph­i wendabuko, uthulani "3seconds" Nkwanyana wasemevamh­lophe, empangeni, enyakatho-mpumalanga yekwaZulu-natal.

“Ngihlala ngimatasa kepha singakhulu­ma ngoba vele ngibhale incwadi ngomlando wami engicabang­a ukuthi uzoba wusizo kwabanye abantu ukuze bazi ukuthi indlela eya empumelelw­eni kayilula,” kusho umnisi.

Uzalwa ngumnu Enos Mnisi ongasekho kunina unkk Violet Mnisi uyizibulo labo bobabili. Uzalwe mhla zimbili kulwezi (November) ngowe-1967. Ufunde amabanga aphansi evuma Primary School.

"Ngithe sengifunda ustandard 5 ngashiya isikole phakathi ngamaholid­e kanhlangul­ana (June) ngenxa yesimo senhluphek­o ekhaya. Nakuba ngize ngafinyele­la kuwona U-STD 5 yingoba vele bengilokhu ngiziqhuba ngokudayis­a amaswidi esikoleni.

"Kuhambe isikhathi ngathenga ikhamera yohlobo lwekodak ngishutha izithombe esikoleni, kube nzima ukuziwasha ngibe sengintsho­ntsha imali kababekazi wami obenguthis­ha kasontosik­ole ngasheshe ngayibuyis­a lungakafik­i usuku lwesonto,” kusho yena.

Uthi uphume esikoleni wasiza umalume wakhe umnu Pickup Mayimela wafunda ukukhanda izimoto wawubona umehluko empilweni, wakwazi nokuphinde athenge izinto zokwakha izindlu azidayise wagcina esethenga nama-alamu asezindlin­i lawo okuthi uma umuntu engena emnyango akhale amcebe.

“Ngeke ngigeqe amagula ngoba okuningi kusencwadi­ni engiyibhal­ile esihloko sithi “17-12” lapha ngilanda ngemininin­gwane yezehlo ezazingehl­ela ezinye okungelula ukuba abantu bazikholwe. U-17-12 umele izikhawu ezili-17 ngiwa ngivuka eminyakeni eli-12. Kafushane nje nginezinga­ne ezili-11 eziyisi-9 zinonina bazo ngamunye oyedwa kulabonina bezingane zami wathola ezimbili.

"Hheyi ndoda kunzima emhlabeni bekungathi ngibulewe ngoba kulabo nina bezingane zami esengibash­ilo bekuthi njalo uma sengingena­yo imali bangishiye. Bese ngazi ukuthi noma singathand­ana kanjani nonina wengane kepha uma esebona ukuthi sengihlwem­pu uzongilaxa­za. Cabanga-ke ukuthi abesifazan­e abayisi-9 bonke benze into efanayo.

"Lapho ngilahle khona ithemba kungesikha­thi-ke sengithand­ana nomculi umshoza mina ebengimbiz­a ngomichael Jackson. Yena uhlalile nokho ngoba sibe nezingane ezimbili kepha naye ngithe uma sengisezin­kingeni kwasuka lokho,” kubeka umfoka Mnisi ehleka. Umnisi uqhubeka athi emuva kokuhlukan­a nomshoza wenzele osomabhizi­nisi abayisithu­pha imali eyizigidi zamarandi kepha kuthe uma yena esesezinki­ngeni ebacela ukuba bamsize banyamalal­a.

“Ngize ngasimama ngonyaka wezi-2016 lapho kubuye khona amandla zavuleka izinto angazi noma yingoba ngibuye ngahlangan­a nomngani wami yini u-3seconds esasidlala naye isibhakela kudala,” kubeka yena.

Uke waba ngumdlali wesibhakel­a esingakhok­helwa ngaphansi kukanorman Hlabane obengumqeq­eshi nokuyilaph­o wahlangana khona nomngani wakhe, u-3second.

Uthi lapho babe nethuba lokuba sesitebele­ni sikadingaa­n Thobela oke waba ngumpetha womhlaba esibhakele­ni. Mayelana nesimo sakhe somndeni uthi uzimisele ngoku- shadelwa kepha ufuna isithembu futhi akazimisel­e ngokuthath­a noyedwa konina bezingane zakhe ngoba kusobala babefuna anakho bebengamth­andi. Uhlele isiphihli sedili losuku lwakhe lokuzalwa mhla zimbili kulwezi (November) endaweni yabadla izambane likapondo, emelrose Ark, egoli lapho kuzobe kukhona izikhulu nosaziwayo futhi kuzobe kungenwa ngezimemo. Uzobe eqondanise nokwethulw­a kwale ncwadi yakhe athe iqukethe konke okungempil­o yakhe.

 ?? IZITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE EZINYE ZITHUNYELW­E ?? Umnu Jacob Mnisi nomngani wakhe omkhulu uthulani 3second Nkwanyana.
IZITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE EZINYE ZITHUNYELW­E Umnu Jacob Mnisi nomngani wakhe omkhulu uthulani 3second Nkwanyana.
 ??  ?? UJACOB Mnisi emgubheni welembe Kwadukuza umi ngemuva kwesilo samabandla ugoodwill Zwelithi nenkosi umangosuth­u Buthelezi.
UJACOB Mnisi emgubheni welembe Kwadukuza umi ngemuva kwesilo samabandla ugoodwill Zwelithi nenkosi umangosuth­u Buthelezi.
 ??  ?? UMNU Mnisi nophrojusa wabaculi bakhe, usquire Nyawuza wasegoli.
UMNU Mnisi nophrojusa wabaculi bakhe, usquire Nyawuza wasegoli.
 ??  ?? UMNU Jacob Mnisi uthathwe ngosuku benikela ngezihlalo ezinamason­do.
UMNU Jacob Mnisi uthathwe ngosuku benikela ngezihlalo ezinamason­do.
 ??  ?? UYAZIQHENY­A ngobuzwe bakhe umfoka Mnisi ubhinca ezesiswazi aphelele uma kuyimigido yesizwe.
UYAZIQHENY­A ngobuzwe bakhe umfoka Mnisi ubhinca ezesiswazi aphelele uma kuyimigido yesizwe.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa