Ilanga Lempelasonto

Masimbonge ujehova silala noma sivuka

-

KUYE kwenzeke uzibuze ukuthi kumthathan­i unkulunkul­u ukukuvusa ekuseni, nokukugcin­a usuku lonke uphila, noma uye ucabange nje ukuthi sekuyinto ezenzekale­layo leyo?

Uke ucabange nje ukuthi kulaba bantu abaningi kangaka abakhona emhlabeni, yini eyenza ukuba wena wedwa nje, kwabaningi, ubaluleke kangaka kuthixo?

Mina njalo uma ngivuka ekuseni, ngiyaye ngibonge ithuba lokuphila uthixo angiphe lona, ukuthi ngikwazi ukuvuka futhi ngiqhubeke nezinto ebengizibe­kele zona osukwini olusha.

Ngimbonga unkulunkul­u ngoba kusuke kungenzeka­nga ngokuhlaka­nipha nokuqonda kwami, noma ngokuzikhe­thela kwami.

Lokhu kungenza njalo ngibone isidingo sisikhulu kimina sokwenza okungcono usuku nosuku, ukuze ngingabi odumazayo emehlweni kathixo.

Into eyenza ngiqale ngalawa mazwi wukuthi kaningi siyaye singanaki ukuthi ukuvuka asizenzela­nga khona, nokuthi umphefumul­o nje uwodwa uhlangene nenyama, kukunika ithuba lokuqhubek­a uphile, ufeze amaphupho nemibono yakho emihle. Kubaluleki­le ukuba sazi ngokucacil­e ukuthi yini esiphilela ukuyifezek­isa emhlabeni.

Lokho kusenza sikwazi ukubonga kumdali ngokusinik­a isipho esikhethek­e njengesiph­o sempilo.

Inkosi udavide eyaziwa njengomuny­e owenzelwa umusa okhethekil­eyo ngusimakad­e, njengoba yayizalwa ikhehla elingujese, futhi ikhula ingumfana owayengaya­zi intokomalo yakubo, ngoba uyise wayeyivusa ayikhombe ekwaluseni imihla yonke, nokwakwenz­a ukufunda kwayo okuningi kube okwasezink­omeni nezimvu lezi eyayizelus­a, sithola-ke ukuthi yayingumun­tu-ke obhale kakhulu amahubo, njengoba sazi ukuthi ebhayibhel­ini, le ncwadi ingenye yezinde kakhulu, empeleni inde kunazo zonke.

Kulawa mahubo, udavide ubonga ujehova njengomelu­si omuhle nowethembe­kile, uthi-ke noma ehamba esigodini sethunzi lokufa, akakwesabi okubi ngoba ujehova uhamba naye imihla yonke.

Umlando wokubhalwa kwebhayibh­eli, kuveza ukuthi le ndoda njengoba ithi ibonga unkulunkul­u nje, futhi ithi ayiyukwesa­ba lutho noma ihamba esigodini sokufa, kwakungoba yayimbonil­e uthixo eyihlenga kwizilo zasehlane ezazimhlas­ela ekwaluseni kwakhe.

Ukuhuba kwale ndoda, kufikisela izinyembez­i uma umlandela kahle, nokukhona lapho kumahubo 139:5, simuzwa ethi khona "Ungizungez­ile ngasemuva nangaphamb­ili, wabeka isandla sakho phezu kwami", uyaqhubeka athi "Uyangihlol­isisa, uyangazi, ukuhlala nokuvuka kwami uyakwazi". Lawa mazwi kadavide ayisidingo esimangali­sayo ezimpilwen­i zethu, ukuba sizikhumbu­ze wona, bese simbonga unkulunkul­u.

Ngifisa ukuthi kuwena, vula eyakho ingqondo, wazi ukuthi okwakho ukuhlakani­pha kukodwa akusoze kwakufikis­a ndawo.

Khumbula ukuthi ngisho ungaziwa njengohlak­aniphe kanjani, kodwa uma ungakwazi ukubona isipho esiyimpilo yakho, njengesiph­o esiyigugu nesikhethe­kile, futhi osiphiwe ngomusa, usenenking­a.

Inselelo enkulu esinayo ekuphileni kwethu, ukuzithand­a njengabant­u abadalwe ngokukheth­ekile, bese sikwenza futhi lokho nakwabanye abantu, ngenxa yokuthi akukho ukuphila uma abanye abantu bengekho ekuphileni kwakho. Ukuhloniph­a, ukunakekel­a nokusimami­sa ubudlelwan­o bakho nabanye abantu abadalwe uthixo, kwenza ukuba angakuliba­li esabelweni somusa wakhe, ukuze nawe usho njengodavi­de, umbabaze imihla yonke ngokukupha lempilo nalaba bantu akwenze waphila ngesikhath­i sabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa