Ilanga Lempelasonto

U-ANDILE KAMAJOLA UTHEMBA UKUTHI INGOMA YAKHE IZOHLUKANI­SA UNYAKA

- LUCKY CAIN

ISIHLABANI somculo wowokholo u-andile Kamajola ( osesithomb­eni) sithi sifuna ingoma yaso edlalwa kakhulu emisakazwe­ni eyahlukene kulezi zinsuku ibalwe nezinye eziseqhulw­ini zokuhlukan­isa unyaka okhozini FM.

Le ngoma esihloko sithi “We Shall Overcome” itholakala kwialbum yalo mculi asanda kuyikhipha ichapter 8. Ukamajola uthi okwenzeke kulo msakazo ngonyaka owedlule kumgqugquz­ele ukuba akhiphe ingoma yalolu hlobo.

“Ukuhlukani­sa unyaka ngengoma kamaskandi ngonyaka owedlule kukhombisi­le ukuthi abantu kabakhethi ngohlobo oluthile lwengoma kodwa bafuna into ezobajabul­isa noma ngabe iwuhlobo olunjani lwengoma,” kusho ukamajola.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka owedlule ingoma ehlukanise unyaka kube ngekamroza esihloko sithi “Elamanqamu” kanti yiyo futhi le ngoma ephinde yaqopha umlando wokudla umhlangani­so emncintisw­aneni wakwaSABC obizwa NGE-SABC Summer Song.

Ukamajola exoxa NELANGA Langesonto uveze ukuthi uyayithemb­a le ngoma ukuthi izokwazi ukujuxuzis­a abantu ngesikhath­i esifanayo ibe ibabusisa njengoba inezinhlam­vu ezikhuthaz­ayo.

“Abantu sebeqalile ukukhombi- sa ukuyithaka­sela ngendlela eyisimanga okwenza nami ngigqugquz­eleke ukuthi kungaba ingoma ebhekiwe kweziyishu­mi ezihamba phambili kulo nyaka,” kusho ukamajola obuye abe ngumfundis­i ebandleni alisungula i-all Nations Cathedral Internatio­nal Church.

Uzwakalise ukuthi maduze uzoqopha i- video yale ngoma ezobonakal­a eziteshini zikamabona­kude ezahlukene zomculo.

Uthi okumjabuli­sayo ngale video wukuthi izoba nezilomo zodj basethekwi­ni abangacons­i phansi utira nosox abazibiza ngeDurban's Finest.

“Kuyajabuli­sa ukusebenzi­sana okuhle enginakho nalabo DJ,” ephetha. lucky. cain@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa