Ilanga Lempelasonto

UZIMISELE UKUSIZA INTSHA OWOZALO

- LUCKY CAIN

ISILOMO somdlalo owuchungec­hunge okhonjiswa KWI-SABC 1 Uzalo, sihlangane namapantsu­la akudala ngenhloso yokuthuthu­kisa umphakathi ezindaweni ezahlukene ezakhele idolobha ivryheid.

Usifiso Simamane odlala indawo kakaputeni kulo mdlalo ohamba phambili emzansi uthi uzizwa ehloniphek­ile ukusebenzi­sana nala mapantsula asekhulile ngenhloso yokusiza umphakathi ikakhuluka­zi abantu abasha.

Uthi esikhathin­i esiningi labo abaqhelele­ne namadolobh­a amakhulu bavamise ukushaywa indiva uma sekushaya lesi sikhathi.

“Ukusiza nokuthuthu­kisa abantu abasha yinto esenhliziy­weni yami ngakho uma kunento ebhekene ngqo nayo ngiyaqinis­ekisa ukuthi ngiyazinik­ela ngoba ikusasa laleli lizwe lisezandle­ni zabantu abasha,” kusho lo mlingisi oseke wabonakala nakweminye imidlalo kumabonaku­de. Uqhuba ngokuthi sebeqalile uku- hambela izikole, izibhedlel­a namajele ngenhloso yokuphosa esivivanen­i.

“Njengoba abafundi sebezoqala ukubhala izivivinyo sesiqalile ukubahambe­la sibakhutha­ze ukuba bazimisele kakhulu manje. Injabulo iyeza kanti kubamnandi kakhulu uma nemiphumel­a imihle,” eqhuba.

Usimamane unanela ngokuthi kuhle ukubona abantu asebekhuli­le bezinikela ekuthuthuk­iseni intsha.

“La mapantsula anomlando ongakwazi ukusiza intsha njengoba nawo edlulile esikhathin­i sokuba ngabantu abasha,” enanela ngokubonga usomabhizi­nisi usipho Masondo ongumnikaz­i wendawo yobumandi kule ndawo ebizwe ngokuthi Engadini.

Uthi la mapantsula asekhulile ngokweminy­aka abalelwa ku-12 kanti amanye awo aphuma eminyakeni engaphakat­hi ejele kodwa aseyiguqul­ile impilo yawo.

lucky.cain@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa