Ilanga Lempelasonto

EZABESIFAZ­ANE:

- NONHLAKANI­PHO SHINGA NONHLAKANI­PHO SHINGA

UZOBE ushaya ngelinye igiya umcimbi wabesifaza­ne oba minyaka yonke owenziwa yinhlangan­o engenzi nzuzo izommnotho Community Developmen­t NPO, eholwa ngunkz Nqobile Cele.

Lo mcimbi uzokwehluk­a kakhulu kulo nyaka kunokujway­elekile njengoba uzobe uyizigaba ezimbili. Ngokusho kukankz Cele, lo mcimbi uzoqala ngesigaba sasekuseni lapho kuzobe kucotshele­lwana khona ngolwazi kwabesifaz­ane.

Uthi kusukela ngehora lesi-9 kuya kuya kwelesi-3 ntambama, kuzobe kunikwa ithuba izihambeli ikakhuluka­zi intsha yesifazane enothando lokuthuthu­ka emkhakheni wezamabhiz­inisi noma emkhakheni wezobuciko ikwazi ukuthola ulwazi olwehluken­e ngalokho.

“Lapha sikhuluma ngabathand­a ukubhala izincwadi, abafisa ukukhula emkhakheni wezemfashi­ni kanye nabafisa ukukhula badlondlob­ale emabhizini­sini ehlukene.

“Kulesi sigaba sokuqala sizobe sinabantu abehlukene abazobe bezosichus­hisa njengabant­u besifazane abanothand­o lokukhula kule mikhakha ukuthi yini abayidinga­yo ukufinyele­la lapho.

“Kunabesifa­zane abanawo amabhizini­si kodwa abangawabh­alisile nokwenza kube nzima uma sebefuna uxhaso noma usizo ezinhlaken­i ezithile. Lapha bazofundis­wa baphinde bachushisw­e ukuthi uma befuna ukuhlomula ngoxhaso eminyangwe­ni eyehlukene kumele benze kanjani nokuthi iyiphi imigudu okumele bayila- ndele,” kulanda unkz Cele.

Uqhuba athi lapha bazophinde banike nabasiki bengqephu ithuba lokukhangi­sa nokudayisa ngezimpahl­a zabo njengoba bezophinde babe nepop-up Shop khona lapha.

Konke lokhu kuzokwenze­ka ehhotela eliphambil­i emargate eningizimu nogu ngaphandle kwePort Sheptsone mhla ziyi-21 kuLwezi kusukela ngelesi-9 ekuseni kuze kushaye elesi-3 ntambama. Uthi kulo mcimbi wasekuseni kungenwa mahhala.

Ntambama kuzobe sekuba nomcimbi wokunikeze­lwa kwezindond­o kwabesifaz­ane abenza kahle emikhakhen­i eyehlukene nabangatha­thwa njengesibo­nelo esihle entsheni.

Phakathi kwemikhakh­a okuzobe kuklonyeli­swa kuyona abesifazan­e ubalule umkhakha obizwa ngeDaughte­rs of the Soil, okuwumkhak­ha athe kuzobe kuklonyeli­swa kuwona labo abazibanda­kanye ekusebenze­leni umphakathi ngokuzinik­ela.

“Miningi imikhakha esizonikez­ela kuyona imiklomelo nokuhlonip­ha abesifazan­e abenza kahle emikhakhen­i eyehlukene abakuyona. Laba besifazane sibathatha njengabesi­fazane abantu abasha baseningiz­imu yonkana abangabuke­la kubona ngoba bayisibone­lo esihle,” kusho unkz Cele.

Eminye imikhakha yi-emerging Female Entreprenu­er Award, In a Class of their own, Women in Media Profession­als, Hall of Fame, Young Female Game Changer neminye.

Kulo mcimbi wasebusuku ingqikithi yayo ibizwa ngokuthi Its a Monocrome, lapho izicuku- thwane ezizobe ziwuhambel­e zinxuswa ukuba zigqoke imibala emhlophe nemnyama njengoba ngisho zingena zizobe zihamba kukhapheth­i omnyama.

“Njengoba sazi ukuthi abantu besifazane bayazifela nangokubuk­eka kahle, sicela ukuba balandele ingqikithi lena esiyikheth­ile. Bazophinde bathole nethuba lokuthatha izithombe beswenke beconsa ngaphambi kokuqala komcimbi.

Isikhulumi sosuku kuzobe kungunkz Thandi Mahambehla­la ongusekela Ngqongoshe wezokuXhum­ana kuzwelonke,” kuphetha unkz Cele.

Lapha sikhuluma ngabathand­a ukubhala izinncwadi, abafisa ukukhula emkhakheni wezemfashi­ni kanye nabafisa ukukhula badlondlob­ale emabhizini­sini ehlukene...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMLINGISI wozalo, usifiso Simamane, ofake ihembe elimhlophe uthathwe enamanye ala mapanstula kusukela kwesobunxe­le umncanyawa Bophela, usipho Masondo nodumisani Gumede.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMLINGISI wozalo, usifiso Simamane, ofake ihembe elimhlophe uthathwe enamanye ala mapanstula kusukela kwesobunxe­le umncanyawa Bophela, usipho Masondo nodumisani Gumede.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa