Ilanga Lempelasonto

Ngibhinqwa ngamantomb­azane ngokujola komyeni kamakhelwa­ne NGISHAYWE WUMHLABA

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

1. BABA Zondo umhlaba ungilahlil­e, umndeni wami ungixoshil­e nalo sisi abangixosh­ela yena naye ungalile ngoba efuna ngisheshis­e amalobolo. Baba impilo yami ifana nomfula ohambayo namuhla nginamile kusasa ngidiniwe.

IMPENDULO: Isimo obhekene naso mfowethu sibuhlungu, kodwa-ke iqiniso lempilo limile lithi singeke salawula{ control} izinto ezenziwa ngabantu kithi nezinto abazishoyo kodwa singazilaw­ula thina emuva kokuba sebezenzil­e noma bazisho.

Kulesi simo obhekene naso mfowethu kuyenzeka ngesinye isikhathi uma ujehova ezokuphaka­misa ukuba ahlehlise zonke izandla zabantu ngoba hleze bazibonge kusasa bethi nimbona nje wenziwe yithina.

Ngesinye isikhathi uyaye ucabange ukuthi abantu bayakuhleh­lela kanti nje hhayi wukuthi badedela unkulunkul­u ukuba athathe indawo empilweni yakho. Ngesinye isikhathi uma abantu behlehla empilweni ngeke wabaphoqa wabasondez­a ngenkani kodwa iyodwa into ongayenza bayeke bahambe. NGIJIKELWA YISITHANDW­A 2. NGINENKING­A umuntu engimthand­a ngenhliziy­o yami yonke ungijikele inkinga kangazi noma ubengithan­da ngempela yini ngoba ubengiphin­gela. Sengimbamb­e kabili kodwa kanginayo imizwa yomunye ngale ndlela engizizwa ngayo uma nginaye. Ngicela ukwazi ukuthi kumele ngenzenjan­i, bese sinonyaka nezinyanga ezine sithandana kwaphuphum­a isisu kanye. Siza Pastor.

IMPENDULO: Othandweni uthando luke lukukhulis­e kabuhlungu nje ngoba uke uthole ukuthi lo muntu ohlanya ngaye yena akahlanyi ngawe bese uzithola usuhlanya ngempela. Futhi la empilweni kunemibuzo ongathi uma uzibuza yona ugcine ungayithol­anga impendulo njengokuth­i wayengitha­nda ngempela?

Umuntu osekushiyi­le ngeke abuye azokuphend­ula ukuthi wayekuthan­da ngempela noma wayengakut­handi yini ngempela ngiqonde ukuthi kunezimo la empilweni ekufanele sizamukele uma zenzeka esingeke sazishints­ha okuyokusiz­a ukuthatha lo musho othi: "konke okwenzekil­e bekufanele kwenzeke ngoba sekwenzeki­le."

AKUPHUMEKI EZIDAKAMIZ­WENI

3. IGAMA lenkosi malibongwe baba. Nginenking­a ngiyazama ukuphuma ezidakamiz­weni kodwa uma ngike ngabona umuntu ebhema noma ephuza enginika angikwazi ukwenqaba ngenze njani noma ngingabe ngisahlala nabantu abaziseben­zisayo izidakamiz­wa ngigweme ukulingeka?

IMPENDULO: Ngale kokwanda ngamazwi mfowethu, masikubong­ele ukuthi ukwazi ukuyibona into ekuhluphay­o futhi nemizamo uyenze yokuthi usizakale. Cha mfowethu kule nkinga yakho nje uyihlabe esikhonkos­ini,uma kade wenza izinto nabantu uma ungasafuni ukwenza leyo nto obukade uyenza nalabo bantu into yokuqala okufuneka uyenze wukubadakh­ela labo bangani ngoba banamandla { influence} okukwenzis­a le nto abusuke beyenza ngaleso sikhathi.

Singalibal­ekeli iqiniso lokuthi yonke into esiyenzayo singabantu sabona abanye abantu beyenza futhi sayifunda kubona. Uma usufuna ukuyeka into ethile { addiction} suka kubantu abazokukhu­mbuza yona ungasibale­ki isisho esithi siyimuphum­ela yabantu esizwana nabo { we are the results of our friends}.

KAKUVUMI UKUBA NGIKHOHLWE WUYISE WENGANE OSASHONA

4. PASTOR nginenking­a angazi noma ungangisiz­a ungikhulek­ise, ngiwusisi nje oneminyaka engama-33 ubudala, angikaze ngimthole umuntu engimthand­a ngenhliziy­o yami kusukela ngahlukana noyise wengane yami, usashona kodwa ushone singasatha­ndani.

Ngizamile ukuthola omunye wangilobol­a kodwa sahlukana uthando kangilwazi nje empilweni yami. Ngiyintoka­zi enhle nje abanye baze basho bathi angingenek­i nginesithu­nzi, abanye bathi nginempaka­mo, kangisazi ngingubani ngilahleke­lwe wukuzethem­ba. Ukujabula empilweni yami angisakwaz­i ngihlale ngicabanga ngobumina kodwa inkinga enginayo angibuthol­i. Pastor ngisize. Ngiyabonga ngisehowic­k.

IMPENDULO: Phephisa dadewethu esimeni obhekene naso. Kufanele wazi ukuthi impilo yakho ungaboyibh­eka ngobudlelw­ane, la ebudlelwan­eni kukhala abafundile nabangafun­danga. Akekho ungoti wezothando{ there is no master of love} kulula ukubamba izinombolo zelotho kunokuthol­a umaqondana wakho.

Le nto yokuthola umaqondana noma umuntu onguwe nje iyisibusis­o esiqhamuka enkosini ayenziwa amandla nobuhle bomuntu. Uma usufuna ukuphola ekugileken­i kwakho, iyodwa into okufanele uyenze, shada noma thandana nephupho lakho { vision}. Akube khona into ophezu kwayo oyenzayo empilweni ukuze ukhohlwe yinto ekuphoxile empilweni { a vision is something bigger than your disapointm­ent}.

NGIHLUSHWA WUMNTWANA ONTSHONTSH­AYO

5. AMEN mfundisi ngicela ungikhulek­ise, nginomntwa­na oneminyaka eli-10 ubudala, uyahlupha, ungenelwe wumoya wokuntshon­tsha ekhaya nokuba namanga adidayo ngiyabonga.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe mama waze wamncane umntwana wakho. Ngiyafisa ukwazi ukuthi uze ubhala nje yini aseyintsho­ntsha kule minyaka akuyona futhi uma esekuntsho­ntshile ube esezenzani lezo zinto.

Okunye nje mhlawumbe esingadlul­a kukhona umbuzo othi, ngobani ingane yakho ezwana nabo? Zona zinjani lezo zingane? kodwa-ke noma isikhathi singekho sokuba ngikululek­e kahle ngoba ngibhala phansi. Ngesinye isikhathi ikhambi lokunqoba le nkinga linye, elokuthi uyeke ukuyitheth­isa kakhulu ingane yakho kodwa ube ngumngani wayo.

Isikhathi esiningi uma ingane isiwumngan­i wakho iyaphunyuk­a njengengan­e ikutshele zonke izinto ngoba isuke icabanga ukuthi ikhuluma nomngani wayo. Ungabi mdala kakhulu enganeni hleze ize ikwesabe ngoba ingazi ukuthi kuxoxwa kanjani nomuntu omdala kangaka.

UMYENI UQONYWE NGUMAKHELW­ANE

6. MFUNDISI nginomyeni engishade naye ngonyaka odlule sineminyak­a sindawonye. Usenomkhub­a wokuthanda­na nomakhelwa­ne uma ngimkhuza athi ngiyamsuke­la. Kulokhu ngifisa ukumbamba bese ngazisa abadala senginobuf­akazi. Ngenele manje wukubhinqw­a amantombaz­ane esitolo nasesitobh­ini ngicela iseluleko.

IMPENDULO: Ngenxa yokuthi nishadile umshado kumele uhlonishwe ikakhuluka­zi nabantu abakuwona kumele nabo bahlonipha­ne. Ngicabanga ukuthi kule nkinga obhekene nayo akumele uze umbambe oqotsheni ukuze kulunge izinto. Uma unesiqinis­eko kunembeza wakho ukuthi kunantomba­zane ahlekisa ngawe endaweni, ngicabanga ukuthi futhi kumnandi ngoba nisanda kushada okusho ukuthi usengazibu­za ukuthi konje ubani umfundisi owasibophi­sa ifindo futhi obani abantu abadala ababekhona mhla kulotsholw­a noma mhla kushadwa.

La emshadweni kunezinkin­ga okufanele kuqale kungenelel­e umfundisi,unkulunkul­u bese kungenelel­a nabazali ungawushiy­i unembeza wakho kuzona. Yonke inkinga emshadweni esihlule labo bantu usungathat­ha noma isiphi isinqumo uyoba nokuthula.

UBENGITHAN­DA NOMA UBEZENZELA?

PASTOR, ngicela ungibonise, kunomuntu wesilisa ebesengiph­ile naye iminyaka eyisihlanu. Inkinga iqale ngesikhath­i egula enebhande, ngithe ngithi asiye kohlolwa wathi useyile kodwa mina ngithe uma sengiya ngathola kuthi ngi-hiv positive.

Ngithe uma ngimtshela wathi uzongixhas­a kepha akakwenzan­ga lokho, emuva kwezinyang­a ezintathu ngamtshela ukuthi waqamba amanga ngesimo sakhe. Angazi ngenzenjan­i ngoba usethe asihlukane. Ngabe ubengithan­da noma ubezenzela nje? Ngingabuye­la kuyena noma cha ngoba akaze angethule ngisho nasemndeni­ni wakhe. Ngicela ungibonise.

IMPENDULO: DADEWETHU, isimo odlule kusona sibuhlungu. Ngicabanga ukuthi kunombuzo okufanele uzibuze wona wokuthi njengoba nje nahlukana nesoka lakho ngubani owathi hlukanani, akuyekwe.

Uma kuyisoka lakho, lokho kusho ukuthi amandla okubuyelan­a kwenu asesokeni lakho kodwa uma kungukuthi nguwena owathi akuhlukwan­e lokho kusho ukuthi amandla okubuyelan­a kwenu alele kuwena. Lo mbuzo wakho ongenhla ongibuza wona ukuthi ungabuyela yini kuye, impendulo ithi "uyabuyela yini kumuntu ongamfuni?"

Ngabe kungcono ukuba nguyena okubizile bese uyabuza ukuthi ungabuyela yini ngoba kubuhlungu ukubuyela kanti awubizwang­a. Uma umuntu kunguyena owathi akuhlukanw­e kuyaye kube kuhle uma kunguyena othi buya. Umbuzo omkhulu uthi "nguyena yini othi buya?"

Uzothini uma uthi uyabuyela kanti awusadinge­ki - kuyobe wenezela usizi empilweni yakho. Ngesinye isikhathi othandweni akufuneki uze utshelwe noma waliwe kodwa kufanele ukwazi ukuzifunde­la kwezakho ukuthi umbhalo ususodongw­eni kulolu thando lwethu...

 ??  ?? UMFUNDI wephephand­aba ukhala ngokuhluku­mezeka emshadweni lapho ethi umyeni uvame ukuqonywa yizintombi ezingomakh­elwane bese kuhlekiswa ngaye endaweni.
UMFUNDI wephephand­aba ukhala ngokuhluku­mezeka emshadweni lapho ethi umyeni uvame ukuqonywa yizintombi ezingomakh­elwane bese kuhlekiswa ngaye endaweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa