Ngibhinqwa ngamantombazane ngokujola komyeni kamakhelwane NGISHAYWE WUMHLABA
1. BABA Zondo umhlaba ungilahlile, umndeni wami ungixoshile nalo sisi abangixoshela yena naye ungalile ngoba efuna ngisheshise amalobolo. Baba impilo yami ifana nomfula ohambayo namuhla nginamile kusasa ngidiniwe.
IMPENDULO: Isimo obhekene naso mfowethu sibuhlungu, kodwa-ke iqiniso lempilo limile lithi singeke salawula{ control} izinto ezenziwa ngabantu kithi nezinto abazishoyo kodwa singazilawula thina emuva kokuba sebezenzile noma bazisho.
Kulesi simo obhekene naso mfowethu kuyenzeka ngesinye isikhathi uma ujehova ezokuphakamisa ukuba ahlehlise zonke izandla zabantu ngoba hleze bazibonge kusasa bethi nimbona nje wenziwe yithina.
Ngesinye isikhathi uyaye ucabange ukuthi abantu bayakuhlehlela kanti nje hhayi wukuthi badedela unkulunkulu ukuba athathe indawo empilweni yakho. Ngesinye isikhathi uma abantu behlehla empilweni ngeke wabaphoqa wabasondeza ngenkani kodwa iyodwa into ongayenza bayeke bahambe. NGIJIKELWA YISITHANDWA 2. NGINENKINGA umuntu engimthanda ngenhliziyo yami yonke ungijikele inkinga kangazi noma ubengithanda ngempela yini ngoba ubengiphingela. Sengimbambe kabili kodwa kanginayo imizwa yomunye ngale ndlela engizizwa ngayo uma nginaye. Ngicela ukwazi ukuthi kumele ngenzenjani, bese sinonyaka nezinyanga ezine sithandana kwaphuphuma isisu kanye. Siza Pastor.
IMPENDULO: Othandweni uthando luke lukukhulise kabuhlungu nje ngoba uke uthole ukuthi lo muntu ohlanya ngaye yena akahlanyi ngawe bese uzithola usuhlanya ngempela. Futhi la empilweni kunemibuzo ongathi uma uzibuza yona ugcine ungayitholanga impendulo njengokuthi wayengithanda ngempela?
Umuntu osekushiyile ngeke abuye azokuphendula ukuthi wayekuthanda ngempela noma wayengakuthandi yini ngempela ngiqonde ukuthi kunezimo la empilweni ekufanele sizamukele uma zenzeka esingeke sazishintsha okuyokusiza ukuthatha lo musho othi: "konke okwenzekile bekufanele kwenzeke ngoba sekwenzekile."
AKUPHUMEKI EZIDAKAMIZWENI
3. IGAMA lenkosi malibongwe baba. Nginenkinga ngiyazama ukuphuma ezidakamizweni kodwa uma ngike ngabona umuntu ebhema noma ephuza enginika angikwazi ukwenqaba ngenze njani noma ngingabe ngisahlala nabantu abazisebenzisayo izidakamizwa ngigweme ukulingeka?
IMPENDULO: Ngale kokwanda ngamazwi mfowethu, masikubongele ukuthi ukwazi ukuyibona into ekuhluphayo futhi nemizamo uyenze yokuthi usizakale. Cha mfowethu kule nkinga yakho nje uyihlabe esikhonkosini,uma kade wenza izinto nabantu uma ungasafuni ukwenza leyo nto obukade uyenza nalabo bantu into yokuqala okufuneka uyenze wukubadakhela labo bangani ngoba banamandla { influence} okukwenzisa le nto abusuke beyenza ngaleso sikhathi.
Singalibalekeli iqiniso lokuthi yonke into esiyenzayo singabantu sabona abanye abantu beyenza futhi sayifunda kubona. Uma usufuna ukuyeka into ethile { addiction} suka kubantu abazokukhumbuza yona ungasibaleki isisho esithi siyimuphumela yabantu esizwana nabo { we are the results of our friends}.
KAKUVUMI UKUBA NGIKHOHLWE WUYISE WENGANE OSASHONA
4. PASTOR nginenkinga angazi noma ungangisiza ungikhulekise, ngiwusisi nje oneminyaka engama-33 ubudala, angikaze ngimthole umuntu engimthanda ngenhliziyo yami kusukela ngahlukana noyise wengane yami, usashona kodwa ushone singasathandani.
Ngizamile ukuthola omunye wangilobola kodwa sahlukana uthando kangilwazi nje empilweni yami. Ngiyintokazi enhle nje abanye baze basho bathi angingeneki nginesithunzi, abanye bathi nginempakamo, kangisazi ngingubani ngilahlekelwe wukuzethemba. Ukujabula empilweni yami angisakwazi ngihlale ngicabanga ngobumina kodwa inkinga enginayo angibutholi. Pastor ngisize. Ngiyabonga ngisehowick.
IMPENDULO: Phephisa dadewethu esimeni obhekene naso. Kufanele wazi ukuthi impilo yakho ungaboyibheka ngobudlelwane, la ebudlelwaneni kukhala abafundile nabangafundanga. Akekho ungoti wezothando{ there is no master of love} kulula ukubamba izinombolo zelotho kunokuthola umaqondana wakho.
Le nto yokuthola umaqondana noma umuntu onguwe nje iyisibusiso esiqhamuka enkosini ayenziwa amandla nobuhle bomuntu. Uma usufuna ukuphola ekugilekeni kwakho, iyodwa into okufanele uyenze, shada noma thandana nephupho lakho { vision}. Akube khona into ophezu kwayo oyenzayo empilweni ukuze ukhohlwe yinto ekuphoxile empilweni { a vision is something bigger than your disapointment}.
NGIHLUSHWA WUMNTWANA ONTSHONTSHAYO
5. AMEN mfundisi ngicela ungikhulekise, nginomntwana oneminyaka eli-10 ubudala, uyahlupha, ungenelwe wumoya wokuntshontsha ekhaya nokuba namanga adidayo ngiyabonga.
IMPENDULO: Ngiyazwelana nawe mama waze wamncane umntwana wakho. Ngiyafisa ukwazi ukuthi uze ubhala nje yini aseyintshontsha kule minyaka akuyona futhi uma esekuntshontshile ube esezenzani lezo zinto.
Okunye nje mhlawumbe esingadlula kukhona umbuzo othi, ngobani ingane yakho ezwana nabo? Zona zinjani lezo zingane? kodwa-ke noma isikhathi singekho sokuba ngikululeke kahle ngoba ngibhala phansi. Ngesinye isikhathi ikhambi lokunqoba le nkinga linye, elokuthi uyeke ukuyithethisa kakhulu ingane yakho kodwa ube ngumngani wayo.
Isikhathi esiningi uma ingane isiwumngani wakho iyaphunyuka njengengane ikutshele zonke izinto ngoba isuke icabanga ukuthi ikhuluma nomngani wayo. Ungabi mdala kakhulu enganeni hleze ize ikwesabe ngoba ingazi ukuthi kuxoxwa kanjani nomuntu omdala kangaka.
UMYENI UQONYWE NGUMAKHELWANE
6. MFUNDISI nginomyeni engishade naye ngonyaka odlule sineminyaka sindawonye. Usenomkhuba wokuthandana nomakhelwane uma ngimkhuza athi ngiyamsukela. Kulokhu ngifisa ukumbamba bese ngazisa abadala senginobufakazi. Ngenele manje wukubhinqwa amantombazane esitolo nasesitobhini ngicela iseluleko.
IMPENDULO: Ngenxa yokuthi nishadile umshado kumele uhlonishwe ikakhulukazi nabantu abakuwona kumele nabo bahloniphane. Ngicabanga ukuthi kule nkinga obhekene nayo akumele uze umbambe oqotsheni ukuze kulunge izinto. Uma unesiqiniseko kunembeza wakho ukuthi kunantombazane ahlekisa ngawe endaweni, ngicabanga ukuthi futhi kumnandi ngoba nisanda kushada okusho ukuthi usengazibuza ukuthi konje ubani umfundisi owasibophisa ifindo futhi obani abantu abadala ababekhona mhla kulotsholwa noma mhla kushadwa.
La emshadweni kunezinkinga okufanele kuqale kungenelele umfundisi,unkulunkulu bese kungenelela nabazali ungawushiyi unembeza wakho kuzona. Yonke inkinga emshadweni esihlule labo bantu usungathatha noma isiphi isinqumo uyoba nokuthula.
UBENGITHANDA NOMA UBEZENZELA?
PASTOR, ngicela ungibonise, kunomuntu wesilisa ebesengiphile naye iminyaka eyisihlanu. Inkinga iqale ngesikhathi egula enebhande, ngithe ngithi asiye kohlolwa wathi useyile kodwa mina ngithe uma sengiya ngathola kuthi ngi-hiv positive.
Ngithe uma ngimtshela wathi uzongixhasa kepha akakwenzanga lokho, emuva kwezinyanga ezintathu ngamtshela ukuthi waqamba amanga ngesimo sakhe. Angazi ngenzenjani ngoba usethe asihlukane. Ngabe ubengithanda noma ubezenzela nje? Ngingabuyela kuyena noma cha ngoba akaze angethule ngisho nasemndenini wakhe. Ngicela ungibonise.
IMPENDULO: DADEWETHU, isimo odlule kusona sibuhlungu. Ngicabanga ukuthi kunombuzo okufanele uzibuze wona wokuthi njengoba nje nahlukana nesoka lakho ngubani owathi hlukanani, akuyekwe.
Uma kuyisoka lakho, lokho kusho ukuthi amandla okubuyelana kwenu asesokeni lakho kodwa uma kungukuthi nguwena owathi akuhlukwane lokho kusho ukuthi amandla okubuyelana kwenu alele kuwena. Lo mbuzo wakho ongenhla ongibuza wona ukuthi ungabuyela yini kuye, impendulo ithi "uyabuyela yini kumuntu ongamfuni?"
Ngabe kungcono ukuba nguyena okubizile bese uyabuza ukuthi ungabuyela yini ngoba kubuhlungu ukubuyela kanti awubizwanga. Uma umuntu kunguyena owathi akuhlukanwe kuyaye kube kuhle uma kunguyena othi buya. Umbuzo omkhulu uthi "nguyena yini othi buya?"
Uzothini uma uthi uyabuyela kanti awusadingeki - kuyobe wenezela usizi empilweni yakho. Ngesinye isikhathi othandweni akufuneki uze utshelwe noma waliwe kodwa kufanele ukwazi ukuzifundela kwezakho ukuthi umbhalo ususodongweni kulolu thando lwethu...