Ilanga Lempelasonto

Uzah Moloi uzobamba kancane kwi-opw

- LWAZY MBUTHO

KUNEZINTO noma imidlalo kamabonaku­de oyibuka ikushiye uvale amehlo kube nguwe ongumbukel­i ofisa umhlaba uvuleke bese uyacasha. Kule ngosi yilapho sivulana amehlo noma sihlaziyo izinto eziningi ezenzeka kumabonaku­de, okunye nami kungishiya ngingazi noma ngibhale ngakho noma ngivele ngikushiye kulenga.

Kulokhu ngeke ngikwazi ukuyiziba lena, kukaningi osomahlaya behlekisa ngohlelo olubizwa "utatakho" olukhonjis­wa kumzansi Magic (161), olwethulwa ngunimrod Nkosi.

Okungenza ngingaluna­ki kakhulu wukuthi namanje bengisakha­la ngokuthand­a ukuhlekisa ngezimfihl­o zemindeni yethu siyindlu ensundu, kangiqondi ukuthi ngabe ukusungula lolu hlelo bekuyini inhloso kubaqophi nabahleli balo kodwa manje cha impela selwedlule­le futhi luya ngokuya lusishiya singababuk­eli sizibuza ukuthi ngabe kanti siwuhlobo olunjani lwabantu. Kulokhu ngifuna ukukhuluma kakhulu ngohlelo olwedlule lapho bekukhona umama umfundisi obebizwa ngonina kasamkelo.

Lo mama ubesefihle­le ingane yakhe ngoyise iminyaka eminingi impela, ngaphandle nje kokungena kakhulu odabeni lwabo, okungishiy­e ngishaqeki­le kakhulu wukuthi umuntu omdala kangaka agcizelele kumabonaku­de obukwa yizinkumbi zabantu, athi yena akathandan­anga nalo mlisa kodwa bagcina ngokuxoxa nje kuphela.

Gwiqiqi ekupheleni kohlelo lo mlisa axoxa naye ungubaba wengane. Kanjani? Kule ngosi ngithanda nje sibheke izinto ekutheni make siyeke ukuzenza inhlekisa sizibukani­se nezwe bantu bakithi, ngiyolokhu ngikhale njalo ngo- kuthi abezinye izizwe benza izinhlelo ezikhombis­a impumelelo nendlela eya phambili kodwa thina ndlu ensundu silibala wukuhlekis­a nokunekela izwe ngezinking­a zemindeni yethu.

Uma sikhula bekuthiwa kakukho muzi ongashunqi ntuthu kodwa lokhu bekunganek­elwa izwe ngoba kubalekelw­a ukuthi kukhona izinto okungamele zinekelwe izwe.

Kangisho ukuthi makufihlwe ngisho izinto eziwukweph­ula umthetho kodwa ngizibuza ukuthi ngabe lo mama uwucabangi­le yini umthelela wenkulumo yakhe endodaneni yakhe lapho isiphumela ngaphandle.

Namanje ngisaqhube­ka nokunxenxa abantu bakithi ukuthi make sizibheke izinto ezizosifak­ela ukubukwa okungading­eki thina nesizukulw­ane sethu, cabanga nje ukuthi lo mama nanini nanini uyolokhu esezinkund­leni zokuxhuman­a njengoba sekuphele isonto lonke kodwa kusabhalwa ngaye njengoba sekukhona nama

enziwe ngaye ukuthi ukuxoxa nomuntu kungakwenz­a ugcine usukhulelw­e. Make sifune ukubukwa ngezinto ezakhayo futhi ezizoba nomthelela omuhle emindenini yethu nasezizuku­lwaneni zethu.

Ngisekuzo ezikamabon­akude masicacise lapha ekutheni uzah Moloi akasiyena umethuli omusha we-our Perfect Wedding (OPW) kodwa uzobamba isikhashan­a njengoba ingakaphot­hulwa inhlolokho­no. Le ntokazi, edume kakhulu emdlalweni umuvhango KUSABC 2, izokwethul­a lolu hlelo ngozibandl­ela (December) kuphela, umethuli omusha uzongena ngomasinga­na (January) wonyaka ozayo.

Nolwazi@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa